Umculi ucela amavoti

2015-10-20 06:00
Lindokuhle Bhengu waseMolweni endaweni yase-Madimeni ongumculi 
 isithombe : nosipho mkhize

Lindokuhle Bhengu waseMolweni endaweni yase-Madimeni ongumculi isithombe : nosipho mkhize

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INSIZWA yase-Molweni endaweni yase-Madimeni uLindokuhle and#039;Cheesenatorand#039; Bhengu (24) edume kakhulu ngomculo wohlobo lwe-Hip Hop ne-Kwaito unxusa umphakathi uyivotele njengoba ikhethwe emcimbini we-Live Your Dreams Award esigabeni se-Upcoming Artist.

UBhengu uzalelwe eNkandla kodwa usezinze eMolweni kusukela eneminyaka eyi-7 ubudala. Uthe:“Ngihlale eNkandla isikhashana kwathi sengine minyaka eyi-7 ngahlala eMadimeni. Ngibhalele abe Fever ukuze bashicilele udaba lwami njengoba ngilikhonzile leli phephandaba futhi ngihlezi ngilibona lisiza umphakathi. Ngikholwa ukuthi leliphephandaba lizongilekelela ngithole ama voti emphakathini kwi-Live Your Dreams Awards,”kusho yena.

Uthe umculo yinto ayithanda kusukela esawumfanyana. Uthe: “Umculo yinto engakhula ngiyithanda kusukela ngisamncane. Ngakhula nalolu thando kwaze kwafika isikhathi lapho engabhala khona amaculo ehlukahlukene.”

Uthe uhlele umcimbi ozonandisa umphakathi kuyo le nyanga. “Lo mcimbi ngiwuhlele ngenhloso yokuthi ngifuna ukubonisa umphakathi ukuthi ngine thalente, ukuze bengazisoli ngokungi votela. Kulo mcimbi ngihlele ukuthi kube khona nabanye abaculi abaqhamuka KwaZulu-Natal namaphethelo.

Uthe ugxile kakhulu emculweni emva kokubona ukuthi intsha eningi emphakathini igxile otshwaleni. “Ukukhulela endaweni yase makhaya akungivimbanga ukuba ngilandele iphupho lwami. Ngazitshela-nje ukuthi ngifuna ukwenza okuhlukile emphakathini ukuze ngingangeni ezidamizweni ezingekho emthethweni kanye naso tshwaleni. Umculo ungenza ngiqoqeke ngiziphathe kahle. Ngisho ngisakhula ngangingenela amaqembu adansayo ukuze ngingazitholi sengenza izinto eziphambena nomthetho,” kusho yena.

“Iculo engalibhala engilizwa ngaphakathi lithi and#039;Look where I am now” okuyiculo elinomyalezo futhi elikhuluma nentsha uqobo ukuthi ingapheli amandla ezintweni ezinhle efisa ukuzenza. Mayingavumeli noma ngubani ayitshele ukuthi ayilutho empilweni. Nami ngike ngisho ukuthi ngaqala ngingenalutho kodwa manje senginotho. Ngizizwa ngikhula mihla yonke emculweni. Leli culo liyangikhuthaza ngaso sonke isikhathi uma ngililalele. Umculo uyimpilo yami ngoba akukho okunye okungenza ngijabule njengomculo.”

Uphethe ngokuthi intsha kumele ikholelwe kukho konke ekwenzayo. “Umuntu kumele enze okuhle futhi kumele alandele iphupho lakhe. Konke okwenzayo empilweni kumele ukwenzisise ukuze ngelinye ilanga uzothola umvuzo omuhle ngalokho oyobe ukutshalile. Yingakho isisho sithi uvuna okutshalile.”

Votela uLindokuhle ‘Cheesenator’ Bhengu ngokuthumele i-SMS ethi: LYD045 enombolweni ethi: 45633 ukuvota kugcina ngoMhla ka-26 kuLwezi (November) i-SMS ibiza R1.50. Uma kukhona othanda ukwazi kabanzi ngoLindo Bhengu shayela inombolo ethi: 083 738 8741

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.