‘Umphakathi mawuxhumane nama-CPF’

2015-05-26 06:00
ISITHOMBE: nosipho mkhize

UMnuz Matthews Buthelezi onguSihlalo we-CPF

ISITHOMBE: nosipho mkhize UMnuz Matthews Buthelezi onguSihlalo we-CPF

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USIHLALO wesiGungu esiphezulu esihlanganisa amaphoyisa nomphakathi phecelezi i-Community Police Forum (CPF), yase-Pinetown ephethe isigungu esincane sase-Kloof, uMnuz Matthews Buthelezi uthe, umsebenzi we-CPF ukusebenzisana namaphoyisa ukuze kuliwe nobugebengu emphakathini.

Uthe iningi labantu emphakathini bazitshela ukuthi i-CPF iyizi mpimpi zama phoyisa, wathi lokho akusilo iqiniso.

Uthe: “Abantu banemicabango eyehlukile nge-CPF, bathi le nhlangano iyizi mpimpi zamaphoyisa ekubeni le nhlangano ilekelela umphakathi ukuze uxhumane namaphoyisa uma kukhona ubugebengu emphakathini,” kusho yena.

Uthe inselelo ababhekene nayo kulo msebenzi, wukuthi abantu bayesaba ukubika amacala emaphoyiseni nokuthi abanye abazibandakanyi nale nhlangano.

Uthe: “Njengamalungu ale nhlangano sibekelwe ukuthi sisize umphakathi esihlala kuwo, ukuze uvikeleke ebugebengwini, kodwa esikhathini esiningi amalungu omphakathi awabiki ngamacala enzeka ezindaweni ahlala kuzo, ngenxa yokwesaba, kanti uma bebika ngalawo macala kuzo kwenza umsebenzi wethu ube lula ukuze siqhamuke namasu okuthi singanciphisa kanjani ubugebengu kuleyo ndawo,” kusho uMnuz Buthelezi.

Uqhube wathi zikhona izindlela zokuthi umphakathi uzibophele isigebengu uma sibanjwe sigila umkhuba, lokho kubizwa ngokuthi yi-Community Arrest.

Uthe:“I-Community Arrest, ayichazi ukuthi umphakathi kumele uzibambele wona ngezandla ngokuthi ushaye isigebengu, ngoba lokho kuyicala. I-Community Arrest ichaza ukuthi umphakathi unemvume yokubamba isigebengu, sigadwe ukuthi singabaleki bese beshayela amaphoyisa, uma bengakwazi ukuxhumana namaphoyisa, kumele bexhumane ne-CPF bese i-CPF ixhumana namaphoyisa.”

Uthe okuhle wukuthi izinga lokugqekezwa ezindlini selehlile, ngoba izindawo eziningi zisungule ithimba lama-neighbourhood watches, okuyilabo abafana njengo nogada basemphakathini.

“Sicela amalungu omphakathi eqikelele ukuthi asungula ithimba lama-neighbourhood watches, ukuze izigebengu zingalitholi ithuba lokuganga emphakathini,” kusho yena

Unxuse abantu ukuthi bazibandakanye nezigungu ezincane (sub-forums) ezingaphansi kwesigungu esiphezulu.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngama-CPF nama Sub-Forums ungashayela uMnuz Matthews Buthelezi enombolweni ethi: 083 262 9981

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.