Unesifiso sokuba nenkulisa

2015-09-01 06:00

OWESIFAZANE odabuka eMolweni kodwa osezinze eWyebank ngase-Pinetown, uNks Busisiwe Thusini (55) uthe ufisa umsamariya olungileyo ukuba umlekelele ngokuqala inkulisa njengoba ethi unesiphiwo sokunakekela izingane.

Uthe waqala ukunakekela izingane kusukela ngo-1983.

“Ukugada izingane ngikubona kuyisiphiwo esivela kuNkunkulunkulu. Ngiqale ukugada izingane ngo-1983, ngaleso sikhathi ngangisebenza enkulisa ebizwa ngokuthi yi-Jean Play Glen ese-Hillcrest bese ngo-2002 ngasebenza enkulisa ese-Kloof eyasungulwa ngu-Allan Artwell, “kusho uNks Thusini.

Uthe emva kokuba asebenze eKloof, uthole omunye umsebenzi wokugada izingane zomndeni wakwaRosman eGillitts. “Ngigade izingane ka-Rosman iminyaka emihlanu lapho ngangizi khonze ngendlela eyisimanga.

Inkinga yaba wukuthi unina wezingane wathola umsebenzi eGoli kwaphoqeleka ukuthi eyohlala khona nomndeni wakhe,” kusho yena.

Uthe ukuhamba kukaNkk Rosman kwenza impilo ibe nzima kakhulu njengoba athola umsebenzi wase makhishini ePinetown.

Uthe: “Lo msebenzi engiwenzayo wokukilina angiwuthandi neze, ngoba akusiyo into engiphiwe ukuthi ngiyenze, umoya wami awuthokozile ngoba ngiyazi ukuthi yikuphi engiphiwe kukona. La engisebenza khona zikhona izingane futhi zingikhonzile kakhulu ngigcina sengihleli nazo ngizifundisa ukubhaka, ukupheka sidlale ngokudweba senze yonke into eyenziwa esikoleni, ngine sizungu njengoba esephelile amaholide okuvalwa kwezikole,” kusho yena.

Uqhube wathi njengoba esezothatha umhlalaphansi uyafisa ukuthi asebenzele ekhaya abe nenkulisa egcekeni.

Uthe: “Ngingajabula uma kungase kube khona ongangixhasa ngegumbi le nkulisa noma ngabe linye noma ngabe elama plangwe. Ukube imali nginayo ngabe ngiyazakhela. Angiziphakamisi kodwa ngiyalazi ithalente lami ukuthi lilele ekunakekeleni izingane, umoya wami uyojabula mhla kwenzeka lokhu engikufisayo.”

Uthe ngaphandle kokunakekela izingane kuningi okunye akuthandayo kubalwa ukupheka nokubhaka, wathi ungumuntu okholelwa kuNkulunkulu kukho konke akwenzayo. “Ngikhulele emndenini oxakekile njengoba ngashiywa abazali nginemiyaka eyi-16, kodwa sazama ukuphila nezingane zakwethu eziyi sithupha. Manje sengisele nodadewethu oyedwa nezingane zami ezine, ngihlezi ngithi ngifuna izingane zami ziphile impilo engcono kune ngayiphila. Ngiyakholwa ukuthi uNkulunkulu uzongisiza esifisweni sami,” kusho uNks Thusini.

Uthe uma ngabe kukhona othanda ukwelula isandla axhase ngenkulisa, amathoyizi, izinto zokudweba zezingane noma ngabe yini ephathelene nenkulisa angashayela inombolo ethi: 083 985 8541.

Ngikhulele emndenini oxakekile njengoba ngashiywa abazali nginemiyaka eyi-16, kodwa sazama ukuphila nezingane zakwethu eziyi sithupha. Manje sengisele nodadewethu oyedwa nezingane zami ezine, ngihlezi ngithi ngifuna izingane zami ziphile impilo engcono kune ngayiphila. Ngiyakholwa ukuthi uNkulunkulu uzongisiza esifisweni sami

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.