Uwebhola ucela uxhaso

2015-09-22 06:00
Izithombe: zithunyelwe

Umdlali webhola lezi nyawo uGoodwill Bhengu ofake ijezi elikuhlaza (blue) enza adume ngazo enkundleni yezemidlalo.

Izithombe: zithunyelwe Umdlali webhola lezi nyawo uGoodwill Bhengu ofake ijezi elikuhlaza (blue) enza adume ngazo enkundleni yezemidlalo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMFUNDI wase-Kloof High School uGoodwill Bhengu oneminyaka eyi-15 ubudala odlala ibhola lezinyawo elinenkosi phakathi, uthe uthando lwakhe lokudlala ibhola lezinyawo lwaqala esawumfanyana oneminyaka eyisithupha.

UGoodwill ozinze e-Kloof uthe ibhola liyikho konke kuye.

Uthe: “Ibhola ngilithanda ngakho konke enginakho futhi liyikho konke kimina. Esikhathini esiningi uma nginezinkinga noma uma ngiphatheke kabi emoyeni ngivele ngiye enkundleni yemidlalo ngizidlalele ibhola. Ngokwenza lokhu ngivele ngizwe sengathi zonke izinkinga zami zishabalele,” kusho yena.

Uthe ngesikhathi esafuda amabanga aphansi waqokwa ukudlalela iqembu lesikole, wayethola izindondo nemiklomelo kuyona yonke imidlalo. Uthe: “Ibhola lezi nyawo ngalidlala ngisfunda amabanga aphansi. Lapho ngangine minyaka eyisithupha. Ngesikhathi ngifunda u-grade-3 ngathola indondo yokuba ngumdlali wonyaka, futhi lendondo ngangiyithola njalo ngonyaka. Iphupho lami lwafezeka ngesikhathi ngenza u-grade 7, ngiqokelwa ukudlalela iqembu lesifunda saKwaZulu-Natal futhi nakhona ngathola indondo yokuba ngumdlali wekhethelo. Ngonyaka odlule nakuwo lonyaka ngiphinde ngaqokelwa ukudlalela lesifunda.”

Uqhube wathi eminyakeni emihlanu ezayo uzibona enza izifundo eziphathelene nezemidlalo (Sport Management). Uthe: “Ngizibona ngiphothula izifundo zami zika matikuletsheni bese ngenza izifundo zezemidlalo enyuvesi. Ngiyafisa ukuthi uma sengiqede ngezifundo zami enyuvesi ngidlalele iqembu elikhulu futhi elidumile. Eminye imidlalo engiyithandayo yile eyaziwa ngokuthi ama-Athletics nebhola lombhoxo”

Uthe njengoba izikole zizovalwa ufisa ukuya emidlalweni ezobe ise-Gauteng njengoba eyilungu labadlali baKwaZulu-Natal abaneminyaka eyi-15 ubudala.

Uthe uhambo lwakhe luzofeka uma nje ekwazi ukukhokha imali edingakalayo kulolelu hambo.

“Kulama holide okuvalwa kwezikole kuzobe kune-tournament eGauteng. Lapho kuzo qhudelana izifunda ezehlukahlukene. Uhambo lwami luzofezeka uma nje ngingakwazi ukuqedela imali ekhokhwayo eqenjini. Ngiyafisa ukumela isifunda sami kulemidlalo ezoba se-Gauteng,” kusho uGoodwill.

UGoodwill uyale abafana abanothando lokudlala ibhola lezi nyawo wathi: “Uma umuntu ethanda ukudlala ibhola lezi nyawo njengo chwephesh, okokuqala amele akwenze wukuthi ahloniphe futhi azithobe ngoba lokho kukhombisa ukuthi uphuma emndenini onjani nokuthi abantu bazokuhlonipha uma nawe uba hlonipha. Umqeqeshi wami uMnuz Lewis Donnelly, uhlezi esiyala ethi uma udlala ibhola kumele ulidlale ngobuhlakani. Wathi kumele uzikhuphule emdlalweni yakho noma ngabe umngakanani ngokweminyaka. Mina ngihlezi ngizigqugquzela ngokuthi kumele ngihlezi ngiziqeqesha ukuze ngingenzi ngendlela engalungile uma sengidlala. Ibhola kimina alisiwo nje umdlalo, liwumuzwa engiwuzwa ngaphakathi, liyaphila kimina. Ngisebenze kanzima ukuba la engikhona namuhla,” kusho yena.

UNkk Janet Brodey ongumkhangisi wase-Kloof High School uthe: “UGoodwill uyinsizwa ezithobile futhi eyisibonelo esihle esingumgqugquzeli kwabanye abafundi. Ungumfundi ogqoka umfaniswano wakhe ngokuziqhenya futhi ungumfundi ohlale emamatheka ngaso sonke isikhathi. Singabase-Kloof High School siyaziqhenya ngaye futhi singathokoza uma kungaba khona izinkampani, osomabhizinisi nomphakathi ongamxhasa ngohambo lwakhe oluya eGauteng kwi-tournament yebhola njengoba engenawo amandla okuqedelela imali yohambo,” kusho uNkk Brodey.

Uma ukhona othanda ukuxhasa uGoodwill Bhengu ngohambo lwakhe oluzobe luse eGauteng angashayela i-Kloof High school nombolweni ethi: 031 764 0451

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.