Wenza umehluko kwabahlwempu

2015-09-08 06:00
ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Amalungu eKhayalethu Care Centre kanye nabantwana abalekelelwa yile enhlangano.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE Amalungu eKhayalethu Care Centre kanye nabantwana abalekelelwa yile enhlangano.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWELISISA waKwaNgcolosi ngase-Hillcrest, uMnuz Sbonelo Ngema uthi iphupho lakhe lokwenza umehluko ezinganeni ezihlwempu lifezeke ngesikhathi esungula inhlangano ebizwa ngokuthi yiKhayalethu Care Centre, okuyinhlangano elekelela abantwana abahlwempu nabangenabo abazali.

UMnuz Ngema uthe leliphupho wabanalo kusukela esemncane emva kokudlula ezimweni ezinzima emndenini.

Uthe: “Ngikhulele emndenini omkhulu lapho ubaba nomama babenezingane eziyi-9. Ubaba waye sebenza futhi kunguye osinakekelayo ekhaya nezingane zakithi kanye nomama ngoba waye ngasebenzi. Impilo yayimnandi kukuhle ekhaya, kodwa konke lokhu kwashintsha ngesikhathi ngineminyaka eyi-12 ubudala. Ubaba wathatha isinqumo esashintsha izimpilo zethu ngesikhathi eganwa ngunkosikazi wesibili. Anginankinga nomuntu onamakhosikazi amabili nathi sikhule kwenziwa futhi kuwusiko kweminye imindeni, kodwa umuntu kumele akwazi ukumelana nesimo sokondla imindeni emibili,”kusho yena.

Uqhube wathi: “Ubaba wehluleka ukunakekela imindeni yombili okwenza kwabanzima impilo saqala sabahlwempu. Ngikhumbula ukuthi ngangiswela ngisho izinto ezibalulekile uma umuntu esakhula njenge zicathulo zesikole nejezi uma kuwubusika. Umoya wami wawuhlale uphukile. Ngangihlezi ngicabanga ngithatha ngihlanganisa ukuthi impilo ingavele ishintshe esithubeni unganakile. Konke lokhu okwakwenzeka kwasiphoqa ukuthi sishiye ikhaya siyohlala nogogo ngoba sasesifana nabantu abalahliwe ngoba umama wayengenawo amandla njengoba wayengasebenzi”

Uthe emva kokuba ebona ubunzima ahlangabezane nabo empilweni, ube nephupho elikhule kuye ngaphakathi lokuthi ufuna ukushintsha izimpilo zabantwana abaxakekile.

“Leli phupho lami lakhula kanye nami kuyo yonke leminyaka. Ngangihlezi ngithi angifuni abanye abantwana bezwe lokhu engakuzwa ngesikhathi ngikhula ngoba akukuhle futhi angikufiseli muntu.”

Ngo-2006 leli phupho lafezeka ngesikhathi esungula inhlangano i-Khayalethu Care Centre eKwaNgcolosi.

Uthe: “Ngesikhathi ngisungula le nhlangano ngabuka indlela umphakathi engihlala kuwo oxakeke ngayo njengoba iningi lezingane ziyizintandane, Ngabuka ukuthi ngingalwenza ushintsho ngokulekela abantwana.”

Ikhayalethu Care Centre inama hhovisi lapho kufika khona abantu ababhalise ngaphansi kwalenhlangano bezolanda izidingo zabo kubalwa amaphasela okudla, umfaniswano wesikole (school uniforms), izimpahla zokugqoka nokunye.

“Okwamanje asikabi nalo ikhaya lokuhlalisa abantwana kodwa bayafika emahhovisini ethu sibanike abakudingayo. Silekelela abantwana abangama 40 kuya ku-60 futhi iKhayalethu isanda kuvula inkulisa endaweni. Le nkulisa yakhiwe ngemali ephuma kumalungu ale nhlangano yingakho sicela umphakathi, osomabhizinisi, amabandla ahlukahlukene ukuba asixhase ngezidingo zenkulisa kubalwa konke okusebenza ngogesi njenge ketelo nokunye.”

“Le nhlangano iphinde ibe ne-project yokuthuthukisa amakhono esibone ukuthi ingangenisa imali kumalungu omphakathi. Kule-project senza izitini zokwakha, siqashise ngama tende senze nama-camping projects. Onke lama-project alele ekutheni kukhona yini abantu abasixhasayo kuwona.

“Le nhlangano ingakuthokozela uma ingathola uxhaso lokubiya indawo yayo noma uxhaso lezimpahla zokwakha (building material),” Kusho uMnuz Ngema.

Uma kukhona umuntu ongathanda ukuxhasa iKhayalethu Care Centre engaxhumana noMnuz Sbonelo Ngema enombolweni ethi:082 486 5664 noma ethumele umyalezo ngekheli le email elithi: ekhayalethucares@gmail.com

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.