Yekani ukwehlulela emabandleni!

2015-10-28 06:00

>>nosipho.mkhize@media24.com


ANGIBINGELELE kubo bonke abafundi baleli phephandaba iFEVER, njengoba nginibhalela le ngosi ngizizwa ngiphoxekile ngento engihlangabezane nayo

ngempelasonto. Umsebenzi engiwenzayo wobuntatheli akuve umnandi, ngoba ufundisana izinto eziningi, njengo kuhlanganisa izinhlanga ezahlukene

nokuxhumana nemiphakathi eyehlukene. Izintatheli ezifana nami azikhethi ukuthi umsebenzi uzibhekisa komuphi umhlaba, kuphela nje uma udaba ludingeka ukuba laziwe wumphakathi, thina njenge zintatheli sizokwenza ngokusemandleni ukuba lushicilelwe. Ngihambe nomunye wozakwethu ngempelasonto emcimbini thizeni obuse bandleni elithile engingeke ngikwazi ukulisho ngegama, lapho bekugcotshwa khona umfundisi wakulelo bandla. Sibone kuwudaba oluhle ukuthi umphakathi ulwazi ngoba kuyinto ephethelene noNkulunkulu. Sifike kule ndawo umcimbi ungakaqali abantu besalungisela ukuqala kwenkonzo, njengenjwayelo emabandleni uma kufika abantu, bemukelwa ngosiko lwakhona, lokubingelela umuntu umxhawule isandla bese umkhombisa indawo yokuhlala. Bekuno mama nje ebengimi emva kwakhe naye obemukelwa wumzalwane thizeni. Indlela amemukele ngayo lomama ivele yangithokozisa yangenza ngazizwa ngisekhaya. Indaba yonakale esemukela mina, heh! bafundi yazi ngibone umzalwane eshintsha ebusweni, ngaxakeka ukuthi sekwenzenjani manje, kungenzeka yini ukuthi uyangifanisa noma usekewangibona kulo leli phephendaba

hhayi, wavele wathula wangibuka phansi naphezulu, wabuka ebengikufakile ezandleni zami, wangibuza umbuzo oxakile ukuthi ‘Uze khona la?’ ngibe nokudideka ngoba phela uyangibona ukuthi ngiyangena, futhi ukube bengidukile bengizobuza ukuthi ‘ngabe ngisendaweni okuyi yona le?’ Ugcine ngokungixhawula emva kokuba angibuze lombuzo. Angibange ngisahlala nakulowo mcimbi ngoba umoya wami ubuphukile. Empeleni ezandleni ngifake iziphandla, okusobala ukuthi ngingu muntu ogcina amaSiko esiZulu. Ngake ngabhala ingosi ngonyaka odlule

lapho ngangiziqhenya ngento engiyiyona. Angikufihli ukuthi ngiyintokazi yomzulu engasabi ngemvalaphi yayo. Ngithe sengiphuma kulo mcimbi besekuqale uhlelo lwendumiso lapho abazalwane behlabelela khona ngaphimbo amnandi bedumisa uMvelinqangi. Lento ingenze ngahlala phansi ngacabanaga

ukuthi lomzalwane obengibuka njengo muntu odukile udumisa kanjan uNkulunkulu ekubeni uqale wangihlulela, ekubeni izwi likaNkulunkulu lithi nguyena kuphela umehluleli wethu, hhayi umuntu ophila emhlabeni. Ziningi izinto ekusamele zishintshe ezinkonzweni uma befuna ukuthola zonke izimvu ezidukile, ngoba esikhathini esiningi umuntu uye afyne ukuvakasha esontweni ngoba enethemba lokuthi lokho kuzomlekela ekushintsheni impilo yakhe, kodwa uma sizohlangabezana nesimo esifana nalesi esingehlekele, kusho ukuthi baningi abantu abazophuthwa yithuba lokushintsha impilo yabo. Usemningi umsebenzi odinga ukwenziwa emabandleni, ikakhulukazi kubantu esikhonza nabo. Umuntu uze ashiye ebandleni ngenxa yomzalwane ongamphethe kahle enkonzweni. Abefundisi bayeshumayela mihla namalanga, ngokuthi ‘kusho ukuthini ukuba wumzalwane,’ kodwa ngibona abanye babo bembethe isikhumba semvu. Ngiyababonga abazalwane abakholwa ngokweqiniso, engathi bengaqhubeka njalo, inkosi ibabusise. Sithumelele i-sms enombolweni ethi:074 696 8731, uma uke wabhekana nesimo sokucwaswa ngendlela thinzeni empilweni yakho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
There's an app for that: how apps have changed us

"There's an app for that" is more than just Apple's marketing mantra. Mobile apps have emerged over the last 10 years or so for practically every need in a person's day and changed our lives.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.