Abaholi be-ANC bagxeka ukuhlaselwa kwabalimi

2016-12-06 06:01

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAHOLI beqembu le -ANC sebephumele obala bagxeka izigameko zakamuva zokuhlaselwa kwabalimi epulazini elisendaweni yaseVerulam bathi lokhu kakuhambisani nentando yeningi.

Ngesonto eledlule, ababhikishi ababalelwa ngaphezu kwekhulu bashisa amathayi bekhuza neziqubulo bezama ukuxosha ngenkani abalimi epulazini lase iNanda.

Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba i-ANC ithe:
“Kuhlale njalo kunokushayisana phakathi kwabahlali basemijondolo kanye nabantu abasuke bakhele leyondawo. Uphiko olubhekelele ukususwa kwabantu abahlezi ezindaweni ngokungemthetho lubhekene nomsebenzi onzima. Kufanele sikugcizelele ukuthi ukuthatha umhlaba ngo dli akukho emthethweni ngoba lokho kuphinda kuthikameza amalungelo abahlali. Siphatheke kabi ngomthelela ongaba khona phakathi kwabantu abahlala kulendawo futhi sinxusa bonke abantu abathintekayo ukuthi behlise imimoya.”

UNobhala weqembu esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Super Zuma uthe izimfuno ezimayelana nomhlaba zisemthethweni futhi iqembu le-ANC liyaziphendula zonke izidingo zomphakathi.
“Umhlaba ubaluleke kakhulu ekuhlangabezaneni nezingqinamba zobumba nokwentuleka kwamathuba emisebenzi. Iqembu le-ANC limi ekumeleni amalungelo abantu, kodwa liyaphikisana nokudliwa kwemihlaba ngokungekho emthethweni,” echaza.

Ngesikhathi kunombhikisho kwalimala abasebenzi basepulazi baphuthunyiswa ezibhedlela besisimweni esibucayi ngemuva kokuthi ababhikishi bebajikijele ngamatshe bezama ukubaxosha epulazini.

Ababhikishi baveza ukuthi bathole umyalelo oqhamuke enkosini yesaMaqadini iNkosi Mqoqi Ngcobo othi abathathe izindawo ezisepulazini lase Inanda Tea Estate.

Lokhu kwaholela ekutheni inkosi uNgcono ibize umhlangano ophuthumayo Phakathi kwabalimi kanye nabamele abahlali owawuse siteshini samaphoyisa eVerulam. Inkosi Ngcobo wakuphika ukuthi wake wakhipha umyalelo wokuthi abantu badle umdlaba. Ngesikhathi leliphephandaba lithinta omunye umlimi uMnu Willie Naicker (50) uthe: “Bekufanele sihlangane nabahlali ukuze sizwe izinto abakhala ngazo kodwa lokho kakuzange kwenzeke. Emhlanganweni owawuse Verulam kwavunyelwana ukuthi kuzoba nomhlangano Phakathi kwabalimi kanye nabahlali, kodwa sibona kungekho muntu oza kithi. Siyafisa ukuxoxa ne-ANC ukuze sithole izikhalazo zabahlali. Lapha epulazini sinezisebenzi ezibalelwa ema-500, zonke ziyadinga ukwazi ukuthi kwenzekani epulazini,” echaza.

Ngesikhathi sokuloba abaphoyisa ase Verulam abephenya icala lokususa uthuthuva emphakathini, bekungakabosha muntu ngalesi sigameko..

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

/News
 

Perfect dog-walking 1: Why dogs pull on the lead

Some dogs go mad the minute they see the leash, drag their owner out the door and once outside start spinning, leaping about and pulling their humans off their feet.

 
 

Paws

SA stats: The role of pets in families
The top 6 poisonous foods for your pet
Does your dog have separation anxiety?
Fascinating facts about dogs
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.