Akubusisekile ukuzithwala

2016-03-08 06:00

SESIPHINDE sahlangana bafundi bethu abahle. Nansi ke indaba engihluphayo kulezi zinsuku.

Ngikhathazwa abantu abathanda ukuzikhukhumeza.

Ngiyathanda ukuhlala nabantu abahlukahlukene. Angikhethi bala lamuntu. Angiyi ngokuthi umuntu uphetheni esandleni kodwa isizathu sami ukuthi ngifunde okuningi kubo bonke abantu.

Kunalento ethanda ukuba nzima futhi engingayazi nokuthi isukaphi. Ngizobhekisa kakhulu kwabansundu ngoba ngiyazi ukuthi ngizokhuluma ngizwakale.

Ngihlushwa yilolu daba lokuzikhukhumeza noma lokuziphakamisa.

Umuntu unele athole isikhundla esingconywana emsebenzini noma emphakathini umbone esehambela phezulu. Angazi kuke kuthini emqondweni womuntu uma esebukela abanye abantu phansi enze sengathi uthole isikhundla sokuba ngumengali wezwe lonke, ekubeni kwasayena uMnuz Jacob Zuma engaziphakamisi. Ubone umuntu wakhona engasakwazi ngisho ukubingelela, kodwa ebe ehlala nabanye abasebenzi edla nabo, encokola nabo, kodwa nje inkinga iqale uma esenyuselwe esikhundleni esithe thuthu.

Omunye uze ahambele phezulu, abanye abantu ababukise okwamanzi okupheka uphuthu.

Lomkhuba ufana nse nomuntu okuthi kade ehlalisene kahle nomphakathi jikelele elokishini, anele abe nemali aqale ukuba nehlo lokukhetha ubhontshisi. Lapho-ke usuke engasathintwa esenemali edida usathane. La ‘majita’ akhule nawo elokshini, angabe esazihlanganisa nawo ngoba usehlala esilungwini, usehamba ngezimoto eziphambili.

Anginayo inkinga nomuntu ohlala esilungwini ngoba uhulumeni wentando yeningi wavula amathuba okuthi umuntu ahlale noma yikuphi lapho ethanda khona, aphile impilo ayithandayo, inqobo nje uma enamandla.

Inselelo iba sekuzithwaleni komuntu, ajike ngokuphazima kweso, kujike ngisho nendlela akhuluma ngayo. Uma evakashele elokishini angabe esahlala ngisho nama ‘jita’ akhula ehlala nawo. Usekhuluma ulimi olukhombisa ukuthi yena unemali, usecwasa kwasani ngisho nendlela ‘amajita’ agqoka ngayo, akhohlwe ukuthi naye zolo lokhu, ubezishayela ngesikhindi nophaqa.

Uyena lo obeziphuzela unemenayidi osebhodleleni ngomlomo kungabindaba zalutho, kodwa manje useziphuzela ikani lejuice nge ‘straw’ uma eselokishini. Ngiyaninxusa bantu bakithi, ake sishintshe indlela esenza ngayo. Angikholwa ukuthi iyona ndlela okhokho bethu abasifundisa ngayo le. Ngisho nomlungu oyisicebi akayenzi lento yokuziphakamisa. Noma ehamba emgwaqeni ngeke uzitshele ukuthi uyisigwili ngenxa yokuthi akazikhukhumezi.

Asiyeke ukucwasana siyisizwe esimnyama. Masingazi phakamisi. Esikhundleni salokho masifukulane sibambisane ngoba lokho kuzokwakha isizwe esimnyama esibumbene, nesinenhlonipho, ukuze nenzinye izinhlanga zisihloniphe. Ningixolele bafundi uma kukhona othintekile kuloludaba kodwa eyakoKhabazela ibibeka umbono wayo njengoba nawe mfundi unemvume yokuphawula ngalolu daba. Ungasibhalela uthumele uthummedia24.com noma ushayele inombolo ethi: 031 533 7624.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.