Asithulule konke ngaleli Phasika-2016

2016-02-16 06:00

ABAFUNDI beFEVER bacele ibuya kwingosi esayishicilela ngonyaka odlule eyayikhuluma ngokuthulula konke ngephasika. Yayimi kanje:

SESIFIKILE leso sikhathi sonyaka esinzima ngendlela eyisimanga, ikakhulukazi kubantu abangama kholwa, ngoba yisona sikhathi lapho indodana kaNkulunkulu, uMsindisi uJesu Kristo, afela izono zethu ukuze sisindiswe.

Baqinisile abantu abadala uma bethi izikhathi zamanje azisafani nezakudala, ngisho lokhu ngoba uma ubheka indlela esasiwubungaza ngawo uKhisimusi akusafani namanje, sekwaphela ngisho lesi ‘tayela’ sokuthi ungene kamakhelwane ngamunye udle bese udlulela komunye. Kwakumnandi lokho ngoba kwakukhomba kona ukuthi sesifikile isikhathi sikaKhisimusi.

IPhasika nalo sasilibungaza ngendlela ehlukile futhi ejulile, ngikhumbula ngisakhula ukuthi ugogo waye qinisekisa ukuthi akekho umuntu ozohlala ekhaya uma kuyi Phasika.

IPhasika alusafani nakudala, uthola abantu behleli ngaphansi kwezihlahla bethamele umthunzi bephethe amabodlela anamanzi amponjwane, uthole abantu bechithekile ema tavern, ngalo uLwesihlanu lwapho okwashawa kwabulawa kanzima uJesu ngenxa yezono zethu.

Yazi ukuthi iPhasika luwusuku lwenjabulo kuSathane namadimoni akhe, ngoba kusuke kukhala amakholwa ngenxa yobuhlungu obunzima obenziwa kuJesu.

Ngesikhathi uJesu eshawa ehlukunyezwa bona besuke bekikiza bejabula, ngakho-ke uma nathi senza izinto zenjabulo ngalesikhathi esinzima kangaka- kufana nokuthi sijabula kanye noSathane.

Mfundi we-FEVER, uke unakisise ukuthi ngePhasika yilapho okwenzeka khona izinto ezixakile, uzwe ezindabeni ukuthi kushone abantu engozini yemoto enyantisa igazi.

Lesikhathi sinzima kakhulu ngoba kuningi okubi okwenzekayo, yingakho kuthiwa ngalesikhathi kumele sizile ukudla silindele ukubulawa koMsindisi, sizindle silindele ukuvuka kwakhe. Lesikhathi ngisibona siyithuba esinikezwa uNkulunkulu ukuthi sishintshe indlela esihamba ngayo, uma besenza okubi empilweni, kumele sikuthulule konke kwindodana kaNkulunkulu , ukuze uma ivuka ngosuku lwesithathu, sizalwe kabusha.

Ake sikhuleke ngamandla kuleli Phasika, sinxuse uNkulunkulu ukuthi asithethelele izono zethu.

Incwadi eyingcwele ithi asikho isono esingcono kunesinye, okusho ukuthi noma ngabe untshontshe u-R2 esikhwameni sika mama wakho, noma ubulele umuntu, lokho kokubili kuyisono, ngakho asikho esingcono kunesinye.

Asithulule konke okungaphakathi enhlizweni yethu, konke owawukuvalele esifubeni, ake ukushiyele kuJesu, ngoba nguye kuphela ongakusindisa kulamaketango ogqilazeke kuwona.

Baningi abantu esiphila nabo, kodwa bona bagqilazekile, uthole ukuthi umuntu ugqilazwe isenzo esenzeka empilweni yakhe esakhula, ngenxa yokuthi akalutholanga usizo kulokho okwenzeka, umuntu wakhula nayo lento enhliziweni yakhe, yaphendeuka yaba yinto ewumthwalo kuyena. Okunye okumele sikwenze uma sesikuthululile konke okungaphathi, ukuxola. Ngiyazi ukuthi kunzima kodwa kumele umuntu ngamunye azame ukuyingcenga inhliziyo, ngiyazi ukuthi ngeke kwenzeke nje ngomlingo, kuzo thatha isikhathi, kodwa ekugcineni kuzo kwenzeka ngendlela uNkulumkulu asiyalele ngayo. Mfundi we-FEVER , yikuphi wena othanda ukukuthulula ngaleli Phasika othanda ukuthi udlule kukona uxole uqhubeke nempilo, sithumelele i-sms enombolweni ethi: 074 209 5642 noma ngekheli le-email elithi: nosipho.mkhize@media24.com.

Lesikhathi ngisibona siyithuba esinikezwa uNkulunkulu ukuthi sishintshe indlela esihamba ngayo. uma besenza okubi empilweni, kumele sikuthulule konke kwi ndodana kaNkulunkulu

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.