Bagqugquzela intsha kwezemfundo

2016-08-02 06:00
UMnuz Mncedisi Xaba ongumsunguli weLindisizwe Youth Organisation. Isithombe: Nosipho Mkhize

UMnuz Mncedisi Xaba ongumsunguli weLindisizwe Youth Organisation. Isithombe: Nosipho Mkhize

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO elekelela intsha ukuba ibe nenqubekela phambili ephinde igqugquzele abafundi bakumatikuletsheni ukuthi beqhubeze izifundo zabo ema Nyuvesi nase makoliji ebizwa ngokuthi yiLindisizwe Youth Organisation, isungulwe ibhungu uMnuz Mncedisi Xaba wase Mpumalanga osezinze e-Pinetown oneminyaka eyi-30 ubudala.
Le nsizwa yabona intsha igxile ezidakamizweni ezingekho emthethweni iningi layo ingenalo ikusasa elihle.

Uthe le nhlangano yasungulwa ngonyaka odlule igxile kakhulu ezinkingeni zentsha nomphakathi. Uthe: “Ngesikhathi ngiqala le nhlangano ngaba nephupho lokuthi ngishintshe intsha ibe ngabaholi bakusasa emphakathini abasuka kuyo. Ayikho into ebuhlungu njengo kuthi ubone intsha icwila otshwaleni isebenzisa nezidakamizwa ezingekho emthethweni abanye babo basuke bezigqilaza ngalezi zidakamizwa kodwa bengakuboni lokho ngenxa yokuthi bahlohlana nabangani. Yingakho ngaqala le nhlangano engikholelwa wukuthi ingalenza ushintsho emphakathini nase zimpilweni zabantu abasha.

“Le nhlangano igxile kakhulu ekugqugquzeleni abafundi abaku matikuletsheni yingakho esikhathini esiningi sivakashela izikole ezisemphakathini eyehluka hlukene. Sijwayele ukuthi mesi vakashele lezo zikole simeme izikhulumi zosuku ezivela emnyangweni eyehlukene nase zinkampanini ezehlukene. Ngonyaka odlule abafundi bamatikuletsheni abazange benze kahle eNingizimu Afrika yonke, yingakho sabona ukuthi iLindisizwe Youth Organisation ingenza ushintsho kulokhu emphakathini wase Mpumalanga nase Pinetown namaphethelo,” kusho yena.

“Abafundi asibagqugquzeli nje kuphela ngemfundo, kodwa sikhuluma nango kuziphatha uma ungu muntu omusha nokubaluleka kokuphasa izifundo zabo. Uma sivakashele amalungu omphakathi siba nama-workshop lapho sikhuluma ngokuzimela kubalwa ukuqala ama bhizinisi amancane emphakathini ukuze umuntu ngamunye ezokwazi ukuzimela angahlezi ebheke ukunikwa okuthile. Inselelo enkulu esibhekene nayo emphakathini wukuthi abantu abaningi abanalo ulwazi ngezinto eziwu sizo nezi thuthukisa izimpilo zabo, ngakho kulama-workshop ziba luleka ngokuningi okungabasiza empilweni,” kusho uMnuz Xaba.

Uqhube wathi le nhlangano ibe nomcimbi eMpumalanga obunesiqubulo esithi ‘Motivation and Business Seminar,’ lapho bekukhulunywa ngokuqala amabhizinisi amancane emphakathini.
“Amalungu ale nhlangano ahlela ukuthi abe nalo mcimbi njalo ngonyaka, lapho kuzo vakashelwa nezinye izindawo ezise Thekwini namaphethelo. Omunye umcimbi esibe nawo ubuse sikoleni iSikhethuxolo High School lapho sakhuluma nabafundi ngokubaluleka kwemfundo.”

“Amalungu eLindisizwe ahlela umcimbi ozoba nesiqubulo esithi ‘Musical and Entertainment Business Seminar,’. Kulo mcimbi sihlela ukumema abaculi abadumile ukuthi begqugquzele abaculi abasafufusa emphakathini, ngoba baningi abantu abanethalente emphakathini kubalwa abaculi, abadansi, o-DJ naba lingisi kodwa uthola ukuthi ithalente labo liphelela emoyeni ngoba bengazi ukuthi yimiphi imnyango okumele bangene kuyo uma befisa ukuqhuba lelo thalente. Sicela abaculi abadumile nezinkamapani eziqopha izingoma phecelezi recording companies besithinte ukuze babe yingxenye yalo mcimbi. Lo mimbi uhlelwe kahle njengoba i-SABC igqugquzela ukuthi kudlalwe umculo nezinhlelo zakumabonakude nasemsakazweni wakuleli kakhulu kunowaphesheya kwezilwandle phecelezi ‘90% local music’.”

UMnuz Xaba ugqugquzele intsha wathi: “Kubalulekile ukuthi wazi konke okufunayo empilweni. Kubalulekile nokuthi uzibandakanye nabantu noma abangani abakhuluma ngempumelelo nezifiso ezinhle zempilo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.