Banakekela abadala eZibambeleni

2016-07-19 06:00
Abasebenzi nabahlali base-Zibambeleni Old Age Home unesi C Ntuli, umpheki BE Ngubane nabahlali uNkk Phumuzile Gumede noNkk Kate Zikalala.

Abasebenzi nabahlali base-Zibambeleni Old Age Home unesi C Ntuli, umpheki BE Ngubane nabahlali uNkk Phumuzile Gumede noNkk Kate Zikalala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IKHAYA labadala elaziwa ngokuthi yi-eZibambeleni Old Age Home elasungulwa ngo-1964 ngesikhathi ithimba labesifazane base-Clermont bebona izaguga zingaphathekile kahle emphakathini nasemakhaya azo, ngaleso sikhathi leli khaya lalibizwa ngokuthi yi-Zibambeleni Women’s Society.

Okhulumela i-eZibambeleni Old Age Home uDkt Mthembu oyilungu le bhodi uthe abasunguli baleli khaya bathinteka ngesikhathi bebona owesilisa osekhulile ngokweminyaka ehluphekile ezama ukuphila ngokucela emgwaqeni engenawo umndeni omnakekelayo.
“Ngesikhathi iqalwa le nhlangano sasiphila ngaphansi kuka hulumeni wobandlululo kunzima ukuqala izinhlangano ezilekelela abantu abanyama ngezindingo zabo, kodwa ithimba labesi mame base mphakathini bathinteka bebona indlela lo mlisa ayephila kanzima ngayo. Labo mamabazama ukuhlanganisa abanye besimame ukuze kuqalwe inhlangano elekelela izaguga. Emva kokuba labe sifazane benikelele lomlisa ngendawo yokuhlala nokudla, babona ukubaluleka ekusunguleni ikhaya elizohlala abantu abadala emphakathini.

Uthe leli phupho lokwakha ikhaya labadala lafezeka ngo-1979.
“Kwaba nenjabulo kithina sonke ngesikhathi sithola uxhaso oluvela kwabakwa-Rotary Club e-New Germany nase-Westville. NgoNhlangulana [June] ngonyaka ka-1980 ikhaya laqedwa ukwakhiwa sathola abahlali kwathi ngomhla ka-30 kuNcwaba [August] iZibambeleni Old Age Home yavulwa ngokusemthethweni,” kusho uDkt Mthembu.

Leli khaya lakhelwe ukunakelela abantu abangama-132 kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwatholakala ukuthi abanye babahlali badinga ukunakekelwa zinsuku zonke, ngoba iningi labo liyagula futhi alikwazi ukuzinakekela ngokuphelele.
Uthe: “Iningi leza guga lidinga uthando nokunakekelwa abanye bayagula abakwazi ukuzidlela, ukuzi gez nokuzigqokisa ngakho-ke ngo-1990 leli khaya la qinisekisa ukuthi lizokwenza ngakho konke okusemandleni ukuthi limelane nezidingo zaba hlali.”

Leli khaya labhaliswa ngokusemthethweni ngaphansi komNyango wokuThuthukiswa koMphakathi. Uthe: “Kuningi leli khaya eselikwenzile ngaphandle kokunakelela abadala, okunye esikwekwenzile wukuthi sidale amathuba emisebenzi kumalungu omphakathi angasebenzi. Ngesikhathi sisungula leli khaya saba nephupho lokhuthi kumele libe yindawo ephephile nenemfudumalo kubantu abadala abahlukumezekile, abanganakekeliwe nabakhubazekile nalabo abadinga ukunakekelwa impilo yabo, nalabo abahlwempu.Lokhu sikwenza ngokuthi sibe nama-projects azongenisa imali yokuthi ikhaya likwazi ukuqhubeka nokwethula izidingo zabadala baseZibambeleni.

“Siyaqinisekisa ukuthi abahlali sibanikeza konke abakudingayo ngokuqinisekisa ukuthi kunabasebenzi abahlale bekhona kwisakhiwo nabo abaqinisekisa ukuthi abadala bazizwe bebalulekile emphakathini. Kubalulekile ukuthi umuntu osekhulile azizwe enethezekile ngaso sonke isikhathi ukuze noma sekufike isikhathi sokuthi badlule emhlabeni bahambe imimoya yabo ikhululekile. Leli khaya liphinde liqeqeshe namalungu omphakathi ukuthi bekwazi ukuzimela befunde nemisebenzi yezandla kubalwa ukuthunga, ukulima, amakhono kwezama-computer nama-project okubhaka,” kusho yena.
“Kuningi esikwenzayo eZibambeleni ngoba siqinisekisa ukuthi imizimba yabo ihlale iphilile, sibe nezingxoxo zezempilo, sibe nodokotela bamathambo, sibenemidlalo ezoqeqesha imicabango nezingqondo zabo, sibe nezingoxo zebhayibheli, imikhakhanso, ukufunda kwezinganekwano nokuhlola izifo ezahlukene emzimbeni yabo njenge-high blood pressure, ushukela, amathambo nokunye,” kusho uDkt Mthembu.

Uqhube wathi njengoba leli khaya liphila ngeminikelo noxhaso oluvela ezinhlanganweni ezahluka hlukene bangathokozela uxhaso oluvela nasemphakathini, osomabhizinisi namabandla ahlukene.
Uma uthanda ukuxhasa iZibambeleni Old Age home shayela inombolo ethi: 031 707 1410 noma ethi 031 707 3625 noma uthumele nge kheli le-email elithi: zoah@telkomsa.net

Kuningi esikwenzayo eZibambeleni ngoba siqinisekisa ukuthi imizimba yabo ihlale iphilile, siba nezingxoxo zezempilo, odokotela bamathambo, sibenemidlalo ezoqeqesha imicabango nezingqondo zabo, sibe nezingoxo zebhayibheli, imikhakhanso, ukufunda kwezinganekwano nokuhlola izifo ezahlukene emzimbeni yabo njenge-high blood pressure, ushukela, amathambo nokunye

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Hlaudi's R11.4m bonus

2016-09-25 06:17

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.