Banakekela abadinga usizo

2016-04-12 06:00
isithombe: nosipho mkhize Umsunguli wehlangano ye-UBuntu Crisis Centre uNks Pumla Mbelu.

isithombe: nosipho mkhize Umsunguli wehlangano ye-UBuntu Crisis Centre uNks Pumla Mbelu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIMAME wase-Wyebank owasungula inhlangano i-uBuntu Crisis Centre ngo-1999 uthe waqala le nhlangano emva kokubona indlela imindeni eminingi ixakekile futhi iningi lama lungu ayo ayizintandane.
UNks Pumla Mbelu uthe: “Ngangiwu nompilo womphakathi ngangijwayele ukuvakashela imindeni ngiyifundise ukuthi sitholwa kanjan isibonelelo sika hulumeni ngibasize begwalise ama-form akhona ngiphinde ngiba fundise ngokuphila impilo yokuzinakekela.”
Uthe kodwa ngokuhamba kwesikhathi wathola ukuthi iningi lale mindeni ayidingi ukufundiswa ngezinto ezithile ngoba iningi layo ihlukumezeke ngezindlela ezehlukene.
Uthe: “Iningi lemindeni yayixakwe ububha, iningi lezingane zazishiywe abazali, abanye babebulawa isifo sesandulela ngculazi.
“Amakhaya amaningi ayemahle uma uwabuka ngaphandle kodwa uma ungena ngaphakathi wawuthola ukuthi amalungu omndeni ahlukumezekile njengokuthi uBaba wekhaya ushaya uNkosikazi wakhe phambi kwezingane futhi amuthuke ngenhlamba phambi kwezingane. Lapho ingane ikhula yazi ukuthi inhlamba yinto enhle. Ngabona ukuthi lukhulu ushintsho nosizo oludingakalayo,” kusho yena.
Ngaleso sikhathi uNks Mbelu wayesebenzisana nowesimame ovela kuMasipala weTheku okungu Nks Mpho Mthembu omunye esuka eHillcrest uJoey du Plessis okuyibona abalekelela ekutheni aqale ingadi nomphakathi wase Wyebank.
“Ngo-2000 ngaba nombono wokuthi kuqalwe ingadi ezolekelela umphakathi. Kwakune hlathi elalisetshenziselwa ubugebengu abantu babebulawa belahlwe kulelo hlathi abanye bedlwengulwa. Ngaqoqa amalungu omphakathi ukuthi bebhushe lelo hlathi elali setshenziswa yizi gilamkhuba. Ngabe sengibafundisa ukuthi beyiqale kanjan ingadi.

Uqhube wathi: “Ngo-2005 sazama ukubhalisa le nhlangano ngokusemthethweni kodwa imizamo yethu ayiphumelelanga. Kwathi ngo-2006 senza umbukiso womsebenzi wethu wobuhlalo. Abantu abaningi bewu ncoma umsebenzi wethu. Saba nenhlanhla yokuthi sitholane nabesilisa ababili abangama lungu eKhula Youth basisiza ukuthi sibhalise le nhlangano basifundisa nomthetho sisekelo. Basiyalela emnyangweni efanele okuyi lapho sabhalisa i-UBuntu Crisis Centre ngokuse mthethweni.”

Inhloso yale nhlangano ngaleso sikhathi kwakuwu kufundisa amalungu omphakathi ngesifo sesandulela ngculazi bephinde belekelele nalabo abaxakekile.
“UMnyango wezeMpilo walekelela ekuqeqesheni onompilo bomphakathi ukuze bekwazi ukululeka abalungu emindeni nalabo abathintekayo yilesi sifo. Okunye esikwenzayo ukululeka abahlukumezeke ngezindlela ezehlukene, yilabo abasebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni, izingane ezihlukumezekile, ezidlwenguliwe nezi ntandane.

“Sisebenza kakhulu nabantwana nentsha ehlukumezekile neyizintandane uma kuwukuthi umsebenzi ungaphezu kwamandla ethu sibathumela enhlanganweni esePinetown ebizwa ngokuthi yi-Open Door Crisis Centre. UMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal wasilekelela ngokusinika usonhlalakahle ukuthi asebenze kanye nathi,” kusho uNks Mbelu.
Uthe kuningi le nhlangano ekwenzayo ukuze kunakekelwe umphakathi kubalwa ukudala amathuba emisebenzi.
Uthe: “Iningi lentsha lizibandakanya ebugebengwini ngenxa yokuthi ayisebenzi, yingakho le nhlangano idlala indima ekudaleni amathuba emisebenzi. Sibaqeqeshela i-home-based care, ukuba ngonompilo basemphakathini kanye nokuthola imifundaze..
Le nhlangano iphinde iqeqeshe nezinhlangano zezenkolo kanye neziNkosi neziNduna zendawo ukuze bebe nolwazi olwenele ngezinto ezenzeka emphakathini.
“Labaholi babuyela kubalandeli babo sebenolwazi ngezinto eziningi ezenzeka emphakathi bephinde bebafundise ngakho.
Njengamanje sine-projet esiyibiza ngokuthi yi-New Venture Creation, lapho siqeqesha intsha engama-150 ukuthi bekwazi ukuziqalela amabhizinisi.

“UMasipala weTheku wasixhasa ngemishini yokuthunga ukuze siqale i-projet nomama base ndaweni,” kusho yena.
I-UBuntu Crisis Centre inxusa amalungu omphakathi, osomabhizinisi nezinhlangano ezehlukene ukuthi bebaxhase.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngale nhlangano shayela inombolo ethi: 073 527 8600 noma uthumele ngekhekheli le email elithi: info@ubuntucrisiscentre.org.za

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.