Basebenzela umphakathi ngokuzimisela

2017-01-24 06:01
 Photo: sithunyelwe Izingane zaKwaCare emcimbini obuse uShaka Marine World

Photo: sithunyelwe Izingane zaKwaCare emcimbini obuse uShaka Marine World

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO ebizwa ngokuthi yi-KwaCare ezinze ePinetown ihlanganyele nabakwa-Woolworths e-Pavilion nabakwa-uShaka Marine World, banikelele ngezipho nokudla kwizingane ezingama 46 emcimbini obuse uShaka Marine World.

Lezi zingane ebe zivakashiswe e-uShaka Marine World, ziyingxenye yohlelo olugqugquzelwe abakwa-KwaCare elubizwa ngokuthi yi-KwaCare Education Programme, iningi lalezi zingane ziyizi ntandane, ezinye zisuka emakhaya ahlwempu futhi ezinye zazo zinakekela amakhaya nemindeni yazo.

Umphathi wakwa-KwaCare uNks Lauren Du Randt uthe: “Ngale project, silekelela labantwana ngokuba khokhela esikoleni, sibathengele umfaniswano wesikole (school uniforms), sibathengele izincwadi zesi kole, silekelela kukona konke okuphathelene nokufunda kwabo. Sino hlelo esilubiza ngokuthi yi-Mentorship Programme lapho sidingida izinkinga eziningi abahlangabezana nazo, sibafundise nokuningi ngempilo bese sibafundisa ngokuthi kumele basebenze ngokuzikhandla nokuzimisela uma befuna ukuphumelela empilweni. Sibagqugquzela ukuthi befunde ukuze babe nekusasa eliqhakazile.,”kusho yena.

Le nhlangano iba nalolu hlobo lo mcimbi njalo ngonyaka okungenye yezindlela zokunikela emphakhathini. “Ngenxa yemisebenzi emihle eyenziwa yile nhlangano iKwaCare, abaphathi base uShaka Marine World banikelele ngama thikithi okungcebeleka endaweni okuthiwa yi-Sea World ne-Wet n Wild ngenhloso yokuthokozisa izingane ezingaphansi kwale nhlangano. Abakwa-Woolworths ePavilion banikele ngesidlo nezipho.”

Inhlangano iKwaCare yasungulwa ngo-1995 ngenhloso yokulekelela imiphakathi ehlwempu KwaDabeka, lapho kubalwa abantu abangaphezu kwangama-100 000 abahlala kule ndawo futhi iningi labo lixakekile ngokwempilo.
“Sisebenza ngokuzikhandla ukuze sisize labo abahluphekile emphakathini, nalabo abahlukumezekile nabadlwenguliwe, izingane ezinukubeziwe nezihlukumezekile nalezo eziyizi ntandane, sisiza ngisho abafelokazi, intsha, izaguga, abakhubazekile nabagulayo. Izinhlelo zethu zisiza labantu ngokubanikelela ngokudla, ezemfundo, ukuthuthukisa intsha, ukuthuthukisa amakhono, nokululeka labo abahlukumezekile naba dlwenguliwe,”kusho uNks Du Randt.

“Le nhlangano ifuna ukubona umphakathi uthuthukile, lapho imindeni iyobe isingaphili ngaphansi kwenhlupheko isikwazi ukuzi bhekelela kokuningi futhi isinethemba.

i-KwaCare izibandakanye koku ningi emphakathini futhi siya yamukela iminikelo evela emphakathini ukuze sikwazi ukusiza abanye. Abangenawoi amandla okuzi sisiza.” Uma uthanda ukwazi kabanzi nge-Kwacare thumela umyalezo ngekheli le-email elithi: lauren@kwacare.org.za noma ushayele inombolo ethi: 076 824 4039 noma uvakashele i-website ethi: visit www.kwacare.org.za

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

/News
 

7 weirdly awesome pets you can own

If you think it’s too boring to own a cat or a dog, consider getting one of these pets.

 
 

Paws

Pack theory: fact or fiction?
Perfect dog-walking 1: Why dogs pull on the lead
SA stats: The role of pets in families
The top 6 poisonous foods for your pet
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.