Bayaphi ubuntu ebantwini?

2016-10-11 06:00

SELOKHU kwathi nhlo, thina bantu abampisholo singabantu abazigqajayo ngobuthina nangamasiko ethu.
Kuwona wonke amasiko esinawo, inhlonipho iyona ebihamba phambili futhi iyinsika yakho konke, omdala ehlonipha omncane, nomncane ehlonipha omdala.

Leyonhlonipho ibingagcini ebantwini kuphela kodwa besihlonipha ngisho imvelo esiphila phakathi kwayo. Izihlahla nezilwane bezihlonishwa ngoba kuzona bekutholakala ukudla, kanjalo namakhathakhathana asisizayo uma sigula noma sibuthakathaka.

Angizogeqa magula muzi wakwethu angemuki kodwa ngithi angisike elijikayo ngezindaba ezishaqishayo esizizwayo kulezizinsuku.

Ngeviki eledlule ngifunde ngezigameko ezimbili ezenzeke ezindaweni ezehlukene lapho kunukubezwe khona izilwane.

Kwesokuqala, endaweni yaseKokstad kubhadanywe umlisa mumbe ebusuku eqhoqhobele imbuzi eyihlikahlika ngenkuhlu.

EGoli nakhona kwenzeke esifanayo ngeledlule kubanjwa oqotsheni indoda thizeni ibambe imbuzi ngobhongwane izikholisa ngayo esikhotheni.

Maye bakwethu! Kodwa aniwukhuzi ngani nawu umhlola?

Into yokuqala engizibuza yona ukuthi lababalisa bansondo abakwazi yini ukweshela bathole izintombi baze bakhethe ukutamuza izimbuzi nje? Kasikho isintu kuleli lengabadi esithi bhozomela imfuyo uma abesifazane bekuncisha. Angiboni ukuthi womabili lamadoda asafanele ukubizwa ngabantu ngoba sekuvele kwacacisa okwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi ubuntu kabukho kuwona.

Enye into enginyusela ushukela yilena yalezingane ezinqibayo esezigcwele emigwaqeni zicela imali lapha emadolobheni. Baphi abazali nezihlobo zalezi zingane?

Angeke ngazi ngalaba abebala elimhlophe kodwa engikwaziyo wukuthi akekho umuntu onsundu ongenazo izihlobo. Ngisho kungathiwa abazali sebadlula emhlabeni, izihlobo zithule zithini zibuka izingane zilala ngaphansi kwezinkanyezi zidla emigqonyeni kadoti? Buphi ubuntu lapho?

Kuningi engingakusho futhi ngingabhala kugcwale lonke leliphephandaba ngezinto eziningi kabi, kusukela ebuvileni nobunyemfu esibubona kubantu abamnyama kulezinsuku, kuya ekubukiseni emingcwabeni okwenziwa yimindeni eshonelwe. Bengishilo-ke nokho ukuthi angigeqi magula.

Konke kuqala ekuzithandeni wena. Uma uzithanda wena msalofu, ngeke utholakale ehlathini usubambe imbuzi isamuku uzitika ngayo. Angeke futhi uthule ubona ingane kadadewenu noma yomfowenu ingundingasithebeni intunta nendishi edolobheni.

Masithandane futhi sithande imvelo nezilwane zayo. Useshilo uhulumeni wathi “Phezu komkhono,” masisukume sakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.