Bazobhema bakholwe kowoMasikandi

2016-11-08 06:00
ISITHOMBE: SITHUNYELWE Amalungu eqembu elibizwa ngama-Award elizonandisa oThongathi.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE Amalungu eqembu elibizwa ngama-Award elizonandisa oThongathi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IQEMBU lomculo kaMaskandi elizibiza ngokuthi ama-Award kulindeleke linandise edilini lomculo wesiNtu elibizwa ngokuthi yiNcwephelezi Music Tour elizoba seMagwaveni oThongathi ngomhla zi-3 kuZibandlela (December).

Leliqembu lingene kwezwakala emculweni njengoba libophele izinsizwa ezisuka ezindaweni ezahlukene eMandeni.

Omunye wabacula phambili kuleliqembu uMnu. Xolani Mkhize utshele leliphephandaba ukuthi zonke izinto sezimi ngomumo njengoba kulindeleke izindimbane zabantu ezizothamela lomcimbi.

Omunye phambili kuleli qembu nguMnu. Skhumbuzo Nene.
UMnu. Mkhize uthe abanye abasebenzisana nabo balekelela ngokushaya ingoma nokuyibo okulindeleke ukuthi bahlanyise izihlwele kulomcimbi.

“Umculo wethu uyalaleleka kumuntu omdala nomncane ngoba awunayo inhlamba namagama agudlayo. Isihloko sengoma yethu sithi Abaculi Bakithi. Sivamisile njalo ukuba yingxenye yemicimbi lapho sifika sijabulise abalandeli bethu,” kusho uMnu. Mkhize.
Uthe leliqembu lisungulwe ngowe-2007 yize baze baqala ukuqopha izingoma ngowe-2014.

“Abasunguli kube yimina noSkhumbuzo Mkhize kodwa njengamanje sinamalungu ayi-10 esisebenzisana nawo. Sikesacula eqenjini lesicathamiya elibizwa ngokuthi wuBuhlebemvelo lase Mandeni elalisungulwe ubaba ongasekho uMnu. Shintsha Zungu,” echaza.
Umhleli walomcimbi ongumsakazi weSiyathuthuka FM uMnu. Nqobizitha Mncwango ukuqinisekile ukuthi yonke into seyimi ngomumo.

“Inhloso yalomcimbi ukunika abaculi bakaMaskandi ithuba lokuziveza emphakathini kakhulukazi labo abangakaze balithole ithuba lokuthi baziveze. Ngathi uma ngibona ukuthi abaculi abaningi abakwazi ukufinyelela emiphakathini ngase ngiqhamuka nesu lokuthi kube khona umcimbi lapho bezokwazi ukuzonandisa baveze namakhono abo emiphakathini. Noma izingoma ezinye zidlalwa emsakazweni kodwa kubalulekile ukuthi abaculi babonakale emiphakathini,” kusho uMnu. Mncwango.

Uqhube wathi kulomcimbi ithuba lizonikezwa nabaculi abasafufusa abasaphokophelele ukuzakhela igama emiphakathini. “Kubalulekile kakhulu ukuthi sibanikeze ithuba baziveze,” kusho yena.

UMnu. Mncwango ushayela uhlelo olubizwa ngokuthi Kwakhala Icilongo oluba semsakazweni iSiyathuthuka FM njalo ngamaSonto kusukela ngehora le-11 kuze kube ihora lesi-3 ntambama.

“Lomcimbi womculo wesiNtu kuzobe kungowokuqala uphethwe inkampani yami iPhakathi Communication and Media,” ephetha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/Sport

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.