Iculo likaMgarimbe libuye ngamandla

2017-07-04 06:02
Isithombe sevidiyo ye #SisterBettinaChallenge.

Isithombe sevidiyo ye #SisterBettinaChallenge.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI we-Kwaito uMgarimbe owaduma ngengoma eyaziwa ngokuthi i-Sister Bettina eyashisa izikhotha eminyakeni eyishumi edlule uthe umkhankaso owaziwa ngokuthi #SisterBettinaChallenge osabalale ezinkundleni zokuxhumana kuleli uyamujabulisa.

Iculo elithi Sister Bettina, elakhishwa ngonyaka ka-2006, livuselelekile entsheni yakuleli njengoba belihamba phambili emasontweni adlule.

Abantu abasha abaningi bebe faka amavidiyo abo ezinkundleni zokuxhumana bedansela lengoma.

Yize iningi labantu belingazi ukuthi konke lokhu kuqale kanjani kodwa besilokhu sikhupha isibalo sabantu ababe yingxenye yalomkhankaso iningi labo benza amavidiyo ahlekisayo ngemuva kube kudlala lona leliculo.

Amavidiyo aphetha ngokuthi umuntu osuke exoxa indaba kuyona kanye nabantu abasuke bemulalele badansele yona lengoma.

Kwamanye amavidiyo kuvela abafundi basenyuvesi benake umsebenzi wabo kodwa begcine bephazamiswe iyona lengoma.

Kwenye ividiyo kuvela iqembu labafundi lilwa kodwa impi yabo imiswe ukugena kwayo ingoma ka-Mgarimbe.

Abafundi besikole samabanga aphekeme saseThekwini bavela bedansela yona lengoma kwenye yamavidiyo, kanti kuthi kwenye kuvela ingane encane evuka ebuthongweni iqale idanse uma sekudlala lona leliculo.

Ngokusho kwabantu ababe yingxeye yalomkhankaso, akulula ukuzibamba ungadansi uma kudlala leliculo. UMgarimbe, igama lakhe okungu Nkosinathi Mfeka, udabuka eThekweni.

Kwinxoxo abenayo nephephandaba i-Witness uMgarimbe uthe kuyamujabulisa ukubona ukuthi iculo lakhe selibuye laduma futhi.

“Kuyangijabulisa ukuthi abantu basungule lomkhankaso ngengoma yami. Kuyangijabulisa ukwazi ukuthi noma sekudlule iminyaka eyishumi lakhishwa leliculo kodwa abantu basalithanda, kuyakhombisa ukuthi lisazoba khona isikhathi eside leliculo,” kusho uMgarimbe.

Uthe ezinkundleni zokuxhumana abantu bafake isicelo sokuthi leliculo lithole umklomelo wokuba yiculo elihlula zonke izingoma eminyakeni eyishumi eyedlule.

Uqhube wathi selokhu kuqale lomkhankaso sekuvele amathuba amaningi okuthi ezocula esiteji.

Kodwa uthe into emuphathe kabi ukuthi abantu abamumema ukuthi ezocula esiteji bafuna acule i-Sister Bettina kuphela agcine engalitholanga ithuba lokucula izingoma zakhe ezintsha.

Uma ungakaze uwabone lamavidiyo landela le-hashtag #SisterBettinaChallenge.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.