Izithelo zokubekezela

2017-03-21 06:03
isithombe: sithunyelweUNkz Ntandokazi Kheswa esehhovisi lakhe

isithombe: sithunyelweUNkz Ntandokazi Kheswa esehhovisi lakhe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUNABANTU okunele kuphele unyaka bengawaboni amaphupho abo efezeka, ikakhulukazi kwezamabhizinisi, bashiye phansi kanti bese kuseduze ukuthi baphumelele.
Kanti abafundiswa ukuthi ukubekezela kuhambisana nobukhulu bempumelelo, bagcina behleka bodwa njengoba kusanda kwenzeka kuNkz Ntandokazi Kheswa ongumnikazi wegalaji elisha likaphethiloli lakwa-Engen elisanda kuvulwa kuNandi Drive entshonalanga yeTheku.

Indlela elibe nesasasa ngayo ngesikhathi  livulwa leli galaji likaphethiloli, iHippo Park Convenience Centre, kutshengise ngokusobala ukuthi lixazulule inkinga yeminyaka ebibhekene nabashayeli bezimoto abaya ezindaweni ezifana noNewlands West, Newlands East nakwezinye ezifanano-Avoca  abathe bekuba lukhuni ukufaka uphethiloli egalaji ebelivele likhona ngenxa yemizila yokuphuma umasebezichathile izimoto zabo.

Abanikazi bezimoto abakhulume ne-Fever iningi labo okungabashayeli bamatekisi abangathandanga ukudalulwa ngamagama bathe: 
“Sakushayela ihlombe ukuvulwa kwegalaji ebelivele likhona kodwa bekuba wumthwalo kithina esihlala koNewlands East, Newlands West nase-Avoca ngoba bekudingeka sithathele uma sesithelile noma siqalaze abomthetho ukuthi abekho yini bese siyantshontsha sephula umthetho. Manje asisenayo leyo nkinga ngaleli galaji elisha.”

UNkz Kheswa uthe ukuvulwa kwegalaji lakhe kube wukufezeka kwephupho elaqala ngo-2010.
Uthe ekuqaleni wayefisa ukusebenza emabhanoyini (flight attendant),nangempela kwathi eseqede izifundo ze-marketing eMangosuthu University of Technology (MUT), waqashwa eSouth African Airways (SAA).

Uthe wasebenza iminyaka eyi-12 eminyangweni eyahlukene e-SAA  wagcina eseyi V.I.P. Manager eDurban International Airport endala, eyayidume ngokuthi ‘isemabhanoyini’ neya qale yabizwa ngeLouis Botha Airport. “Emva kwale minyaka eyi-12, ngafikelwa wugqozi lokungena emabhizinisini, ngifuna ukubona ezinye izinto enginga zenza empilweni,” kuchaza yena. Uthe washiya sekuvulwa  isikhumulo sezindiza esisha, iKing Shaka International Airport eLa Mercy, enyakatho yeTheku.

Emva kocwaningo olunzulu azenzela lona ngamabhizinisi, uthe wazijuba ukungena embonini kaphethiloli  ngoba umnotho ngeke unyakaze kalula ngaphandle kwawo.
Uthe: “Ngabuka ukuthi umnotho udinga intilasipoti, kanti intilasipoti isebenzisa uphethiloli nodizili neminye imikhiqizo kawoyela. Ngamane ngaqunga isibindi ngangena embonini okwakuthiwa ilukhuni, yingakho kugcwele madoda kuphela kuyona.”

Uthe wafaka isicelo sokuba yingxenye ngumhwebi wakwa-Engen, kodwa kwadingeka alinde  iminyaka eyi-6 yonke ukuthi igalaji liqale ukusebenza.
Uthe lude ukhalo oluhambayo ngaphambi kokuthi uthole igalaji lakho. 

Uthe:“Kudinga umuntu okwazi ukubekezela ngempela, owaziyo ukuthi ufunani emhlabeni.

Okumnandi ukuthi ebhizinisini likaphethiloli uqeqeshwa ngokwanele, uqale ukusebenza usuzethemba ngokwanele ugcwele umdlandla. 

“Ngibonga uNkulunkuklu ngokuvulwa kwaleli galaji.

Liwu bufakazi bokuthi uyazifeza izethembiso zakhe. Ngaphezu kokuba ngusomabhizinisi, ngiyisisebenzi somphakathi ukuze ngihlangabezane nezidingo zawo.

Yingakho sizitshele nesisebenza nabo ukuthi umgomo wethu ophambili, kuzoba wukugculisa amakhasimende ethu.”

Uzishaya isifuba ngokuthi ufunde ezikoleni zaselokishini, eTholisu, eHubhushe naseVukuzakhe.
Uthe ngeke nanini akukhohlwe ukubaluleka kokusebenzisa isikhathi ngendlela efanele akufundiswa eVukuzakhe, kusaphethe uDkt I.S. Kubheka ongasekho.

“Ngizimisele ukuqhubeka ngivule namanye amagalaji ukuze kuvuleke amathuba emisebenzi amaningi, ngiphakamise negama labantu besifazane ukuthi nabo bayakwazi ukuphatha ibhizinisi ngempumelelo,” ephetha.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
Travel Dreams? Where would you rather be right now?

Partnered: Whether you're missing family overseas, dreaming of family adventures or romantic hideaways we all have that one place we'd rather be right now - but have you thought about the best way to get there?

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.