‘Konke ngikwenza ngothando’

2016-05-17 06:00
UMnuz SPhiwe Mjwara ongumsunguli we-Amakhosi AC. Isithombe: nosipho mkhize

UMnuz SPhiwe Mjwara ongumsunguli we-Amakhosi AC. Isithombe: nosipho mkhize

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UTHANDO nokuzimisela yikona okwenza uMnuz Sphiwe Mjwara odabuka eNtshanga kodwa osezinze eClermont ukuba ahlale ephokophele phambili kukho konke akwenzayo ikakhulukazi ekubeni umsubathi.

UMnuz Mjwara usanda kungenela imidlalo ebizwa ngokuthi yi-JG Zuma Marathon futhi uzi lolongela umjaho omkhulu wase Ningizimu Afrika owaziwa ngokuthi yi-Comrades Marathon ongo mhla ka-29 kuNhlaba (May) ozosukela eMgungundlovu wehle njalo uze ufike eThekwini.

UMnuz Mjwara uthe yize impilo yayi nzima esakhula kodwa lokho akuvimbanga ekutheni alandele isiphiwo sakhe.

Uthe: “Ngesikhathi ngisakhula kwakunzima kakhulu ngoba abazali bebe ngasebenzi, phezu kwalokho umama waye qinisekisa ukuthi silala sidlile njengoba waye nabantwana abayisithuba. Yize sasixakekile ekhaya ngazitshela ukuthi akukho okudlula imfundo, ngakho ngafunda ngaze ngaphothula umatikuletsheni eSiphesihle High School. Ngiyabonga kumama owasigqugquzela ngaso sonke isikhathi. Okuhle wukuthi impilo yashintsha ngo-2004 ngesikhathi umama ethola umsebenzi wasemakhishini eKloof,” kusho yena.

Uqhube wathi uthando lokusubatha lwaqala esemncane ngesikhathi evamise ukubukela umalume wakhe ehlale ezivocavoca.

“Umalume owaziwa ngelika Solomon ‘Scara’ Mjwara nguye owangenza ngithande ukusubatha. Ngangihlezi ngimbuka ezivocavoca ekuseni nantambama elungiselela imidlalo emikhulu. Okokuqala nje engazitshela kona wukuthi angifuni ukuba wuvanzi emgwaqeni nokudla izidakamizwa ezingekho emthethweni ngakho ngalandela umalume ngaqala ngajima naye kwase kulandela abafowethu abane nabo abangaba subathi,” kusho uSphiwe.

Uthe ngesikhathi efika eClermont wabona iningi lentsha liwu vanzi emgwaqeni lokho kwamephula inhliziyo ngesikhathi ebuka intsha ingene ntshi ezidakamizweni ezingekho emthethweni.

“Iningi le ntsha ngalibona lididekile lingazi nokuthi kumele lenzeni ngempilo. Okubuhlungu abanye bebe phuma emindenini entulayo abanye beyizi ntadane. Ngahlala phansi ngacabanga icebo elizoqoqa intsha yenze okuhle ngempilo yayo. Isifiso sami kwakuwukuthi intsha izibandakanye kwezemidlalo.”

Uqhube wathi emva kokuphuma nesu wabe esekhuluma nothishanohloko ezikoleni ezimbili zase Clermont.

“Ngavakashela izikole zase Clermont kubalwa iBuhlebemvelo Secondary neLanga Secondary ngacela othishanhloko bebhale abafundi abangathokozela ukungenela ezemidlalo. Ngathuka ngesikhathi ngithola amagama alabo bafundi ababe ngama-100. Yilapho engabona khona ukuthi iningi lentsha liyathanda ukuzibandakanya kwezemidlalo kodwa alazi ukuthi lithinte yiphi iminyango eqondene nezemidlalo.”

Emva kokuba uSphiwe eqale iqembu labafundi ebaqeqeshela ukuba bebe ngaba subathi, yilapho namalungu omphakathi engenele leli qembu.

USphiwe ube esesungula ikilabhu i-Amakhosi Athletics Club.

“I-Amakhosi AC inamalungu ayi-160 aneminyaka eyi-13 kuya kweyi-65 ubudala. Esikhathini esiningi siba nemidlalo esizi sungulele yona phecelezi ama Fun Walk ukuze sikhulise isikhwama semali nokuthi amalungu egqugquzeleke ukuba angayeki ukuba ngabasubathi kepha beqhubekele phambili. Inselelo esibhekene nayo okwamanje ukungabi nayo imali yokuxhasa amalungu e-Amakhosi AC. Kunzima ngoba amanye ahlala nogogo njengoba beyizi ntandane kuyaye kube lukhuni ukuthi ugogo ekhiphe imali yomphako noma imali esuke idingeka ngaleso sikhathi, kodwa ngiyezama konke okuse mandleni ukuthi ngibalekelele yize ngingasebenzi.”

Uthe okwamanje amalungu e-Amakhosi AC alungiselela umdlalo omkhulu we-Youth Run, futhi ubagqugquzela mihla yonke ukuthi bengapheli amandla.

“Konke esikwenzayo sikwenza ngothando. Ngihlale ngitshela amalungu ekilabhu ukuthi konke abakwenzayo kumele bakwenze ngothando ukuze bezuze okukhulu empilweni. Ngibonga uMnuz Justine ongumphathi wakwa-Build it ePinetown oxhase ngomfaniswano. Nginxusa osomabhizinisi, izinhlangano ezahlukene namabandla ukuba asixhase nganoma yiluphi uxhaso,” kusho uSphiwe.

Uma uthanda ukuxhasa i-Amakhosi AC shayela uMnuz Sphiwe Mjwara enombolweni ethi: 071 021 6224.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.