Kumenywa umphakathi kwingqungquthela

2016-05-31 06:00
Isithombe: KAlisha Naicker UNKS Nelly Bhengu waKangcolosi owaye thamele le ngqungquthela ngonyaka odlule eyayigqugquzelwe inhlangano iRobinhood Foundation eHillcrest.

Isithombe: KAlisha Naicker UNKS Nelly Bhengu waKangcolosi owaye thamele le ngqungquthela ngonyaka odlule eyayigqugquzelwe inhlangano iRobinhood Foundation eHillcrest.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Siyakholelwa ekutheni abantu baseNingizimu Afrika banga phumelela kwezamabhizinisi uma benolwazi, amakhono bekwazi ukuxhumana nabanye abantu baphane ulwazi olubanzi ngezamabhizinisi. Kukhona iqembu esinalo labantu asebephumelele ngokuziqalela amabhizinisi abo futhi abanye baphethe amabhizinisi, laba banesifiso sokwabelana ngolwazi abanalo kulabo abazobanathi ngalolusuku.

ABE-The Robinhood Foundation bamema wonke amalungu omphakathi ukuba abe yingxenye yengqungquthela yokuqeqesha nokugqugquzela osomabhizinisi abasafufusa nalabo abafisa ukuba ngosomabhizinisi bakusasa.

Le ngqungquthela eyaziwa ngokuthi yi-Entrepreneurs 4 Africa 2016, ezoba ngomhla ka-12 nomhla ka-13 kuNhlangulana (July).

Le ngqungquthela izoba e-City Hill Church, eHillcrest izo qeqesha abantu abanga 600 ngolwazi, amakhono nezeluleko nakho konke okudingakalayo uma ungumuntu onebhizinisi noma ofisa ukuba nebhizinisi.

Umsunguli we-The Robinhood Foundation uNks Cindy Norcott uthe le ngqungquthela izothatha izinsuku ezimbili lapho abantu bezobe befundiswa ngokuningi okuphathelene nokuba ngosomabhizini. “Kuningi abantu abazokuzuza kule zinsuku ezimbili yingakho singakhethanga bala lamuntu samema wonke umuntu. Lo mcimbi wenzelwe abantu abangosomabhizinisi ngisho nabasafufusa noma abanemibono emihle ngokuqala ibhizinisi ngisho nabafundi abasanda kuqeda esikoleni kodwa abadinga izeluleko.”

Uqhube wathi: “Singabakwa Robinhood Foundation sikholelwa ukutheni iningi labantu base Ningizimu Afrika bangaba osomabhizinisi abaqavile kuphela nje uma bengathola ukwelulekwa okufanele, beqeqeshelwe amakhono, banikwe ulwazi olubanzi, bexhumaniswe nabantu abahlukene bese benikezwa amathuba.

Le ngqungquthela izoqinisekisa ukuthi konke lokhu kuyenzeka kule zinsuku ezimbili ngoba kuzobe kumenywe izikhulumi ezahluka hlukene ezinamabhizinisi.

Lapho bezobe begqashisa abantu ngolwazi, bebapha izeluleko, bebonisa labo abafuna ukuvula amabhizinisi ngokuthi imiphi imnyango ekumele beqondane nayo.

“Abathameli bengqungquthela bazothola izincwadi eziqukethe konke ebekufundwa ngakho kuzo lezi nsuku ezimbili, bazothola nokuya ngase thunjini. Kuphinde kube nemiklomelo ezotholwa yilabo abazotonyulwa amagama abo emncintiswaneni. Siyakholelwa ekutheni izo sungula osomabhizinisi bakusasa lokho kuzoqeda inhlupheko emindenini eminingi entulayo,” kusho uNKK Norcott.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.