Kushintshe izinto emkhakheni wama bhange

2017-03-21 06:03
izithombe: zithunyelweUmcimbi webhange lase Thala enxanxatheleni yezitolo Umlazi Mega City ububungazwe uMnuz Malose Kekana, onguSihlalo we-Ithala SOC Limited ; uMnuz Sihle Zikalala, noMnuz Peter Ireland, oyi-CEO yase-Ithala SOC Limited

izithombe: zithunyelweUmcimbi webhange lase Thala enxanxatheleni yezitolo Umlazi Mega City ububungazwe uMnuz Malose Kekana, onguSihlalo we-Ithala SOC Limited ; uMnuz Sihle Zikalala, noMnuz Peter Ireland, oyi-CEO yase-Ithala SOC Limited

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABANTU baseNingizimu Afrika abadinga usizo ngokuphathwa kwezimali zabo nokwakha umcebo sebezozithola besebenzisa ibhange elisezingeni eliphezulu.

Ithala SOC Limited lithathe igxathu lokuthuthukisa igatsha lebhange labo elisenxanxatheleni yezitolo i-Mega City eMlazi ukuze amakhasimende abo anethezeke athole nezidingo zawo kalula.

Leli gatsha eselenziwe kabusha libukeka kangcono kanti lenziwe nangendlela yesimanjemanje nobuchwepheshe obusha ukuze kusizakale kangcono amakhasimende.

Ithala SOC Limited eliphethwe ngokuphelele Ithala Development Finance Corporation, okuyisikhungo saKwaZulu-Natal sentuthuko kwezezimali, lizoqhubeka nokuthuthukisa amagatsha alo ngale ndlela entsha ebizwa nge- customer engagement platform emagatsheni alo esifundazweni, lokhu kuhambisana nomgomo walo wokusiza abantu ababengalutholi usizo emabhange ngaphambilini.

Leli bhange elisha linokuningi okuhlukile okubalwa umuntu obingelela amakhasimende awakhombise lapho ezosizakala khona, indawo yokuphumula, izinsiza zobuchwepheshe ezibizwa ngama i-station, indawo yokuphuza amanzi kanye nendawo yomnotho eyaziwa nge-wealth centre lapho amakhasimende engahlanganyela khona uma enemihlangano yezitokfela noma ezofundiswa kabanzi ngokuphathwa kwemali nokwakhiwa kwengcebo.

USandile Xolo, ophethe ezokuxhumana nokukhangisa eThala SOC Limited uthe igatsha elifana naleli linikeza amakhasimende indlela ehlukile yokubhanga ezobathuthukisa. 

“Siseskhathini sobuchwepheshe ngakho ke nendlela amabhange enza ngayo eNingizimu Afrika kufanele ishintshe. Ithala SOC Limited lihambisana nokushintsha kwezikhathi ngokusebenzisa ubuchwepheshe obusha nezindlela zesimanjemanje zokusiza amakhasimende ethu.

“Ngaleli gatsha elisanda kwakhiwa kabusha sihlose ukwethula i-Customer Engagement Platform esizoyisebenzisa ukwabelana ngolwazi, ukufundisa nokuthuthukisa amakhasimende ethu, sikhombise ukuthi Ithala lizimisele ukusiza abantu baseNingizimu Afrika baphathe imali yabo baphinde bakhe umcebo,” kusho uXolo.

Konke lokhu kukhombisa ukuthi Ithala SOC Limited lithathe igxathu elikhulu ekufezeni izinjongo zohlelo lwabo lokukhulisa lesi skhungo kubalwa: 

·        Ukuthola ilayisense egcwele yokusebenza njengebhange ngo-2017

·         Ukuwela imingcele ya-KwaZulu Natal

·         Ukuqala isisekelo sokuba yibhange loMbuso

Emcimbini obukuleli sonto, umhlonishwa uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo KwaZulu Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uvule leli gatsha phambi kwezimenywa nabezindaba.

“Singene esigabeni senguqulamnotho ebomfutho, lapho kufanele kwenziwe konke okusemandleni ukubuyisela kubantu abamnyama ingxenye yomnotho enkulu eNingizimu Afrika ukuze sizibambele umnotho,” kusho uZikalala.

Uthe ukuhlanganisa abantu kwezezimlai kubalulekile kwinguqulamnotho enomfutho kanti izikhungo zezimali ikakhulukazi amabhange, adinga ukudlala indima enkulu kulolu shintsho.

“Ngiyaziqhenya ngokuthi kunesikhungo sezimali esilizwile leli khwelo sathatha igxathu ekuqaleni le nguqulamnotho enomfutho uhulumeni wethu azama ukuyifeza.

“Leli gatsha elisha, okungelokuqala kwamaningi asazokwenziwa, likhombisa indlela lawa amanye azokwakhiwa ngayo. Lenzelwe ukusiza abantu bakwazi ukuphatha izimali zabo kangcono baphinde bakhe umcebo. 

“Izinto ezifana ne-'wealth centre' kanye nezinhlelo zokwabelana ngolwazi, ukufundisa amakhasimende ngokuphathwa kwemali nokwakhiwa komcebo kuzosiza abantu abajwayekile kanye nosomabhizinisi ngamakhono okwakha umcebo, lokhu kuzoqhuba lenguqulamnotho enomfutho esiyifisa kangaka eNingizimu Afrika.

“Leli gatsha liyinkomba yesigaba esisha kwezezimali kubantu ababencishwe amathuba ngaphambilini esifundazweni kanye naseNingizimu Afrika yonkana.
Siseduze nokuthatha izinyathelo eziyaphambili ekuphathweni kangcono komnotho wesizwe.

“Asibumbane seseke lesi skhungo sezimali esiphila inguqulamnotho enomfutho.
Yiso lesi ikhathi soshintsho, asilwenze lolu shintsho ngokubhanga neThala sikhombise inhloso yethu yokuphatha umnotho,” kuphetha uZikalala.

Ithala linezinhelo eziningi zokubhanga zabantu kanye namabhizinisi kanti linamagatsha angu-39 esifundazweni saKwaZulu Natal.

Uma uthanda ukwazi kabanzi vakashela i-website ethi:
www.myithala.co.za, noma ushayele inombolo ethi: 031 366 2500.

 

 

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Weird things dogs do

Caught your dog doing something... well a little bit odd? Don’t worry, there’s a simple explanation for his behaviour.

 
 

Paws

Makeover saves dog’s life
For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.