Owesifazane waseThekwini wethule incwadi eqhakambisa iqhaza labesifazane

2016-12-20 06:01
 isithombe: sithunyelwe UMnu Sizwe Nxasana nowakwakhe uDkt Judy Dlamini.

isithombe: sithunyelwe UMnu Sizwe Nxasana nowakwakhe uDkt Judy Dlamini.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIFAZANE waseThekwini owaqala ngokuba ngudokotela kodwa wagcina esengene wagamanxa kwezamabhizinisi nosezinze eGoli, usanda kwethule incwadi echaza ngeqhaza elibanjwe n gabesifazane, ekucacisa ngokusobala ukuthi uma bengase banikwe ithuba elanele, bangayithuthukisa kakhulu impilo emhlabeni jikelele, hhayi eNingizimu Afrika kuphela.

UDkt Judy Dlamini ongunkosikazi kaMnu Sizwe Nxasana uhlabane ngeziqu zobudokotela iDoctor of Philosophy in Business Leadership (PhD) emva kokushicilela incwadi ayethe isihloko esithi ‘Equal But Different’ athe iwukufezeka kwephupho lakhe kusukela ebuncaneni bakhe lokutshengisa ukuthi abesifazane bakhaliphe ngokufanayo nabanye abantu ngaphandle kokunaka ubulili nobuzwe babo.

UDkt Dlamini owaqala ngokuba ngudokotela wezempilo ngaphambi kokungena kwezamabhizinisi nalapho efike watshengisa ukuba bukhali njengensingo, uthi ayikho into eyedlula ukwazi ukuthi umuntu uzimisele ngokuba yini emhlabeni, bese esebenza ngokuzimisela ukufinyelela kuleso sifiso sakhe.
Uthe umuntu wokuqala owamfaka ugqoze lokufundela ubudokotela, nguDkt Vusi Gcabashe waseClermont.

Kulolu cwaningo olumthathe unyaka wonke, uxoxe nabesifazane nabesilisa bazo zonke izinhlanga abangabaholi nosomabhizinisi emikhakheni ehlukene balapha eNingizimu Afrika nasemazweni aphesheya.

“Emveni kokubona izinselelo engihlangabezane nazo njengomuntu wesifazane,” kuchaza uDkt Dlamini, “ngitholile ukuthi noma singahlukana ngemibono nokunye, njengokungavulelwa amathuba afana nawabezinye izinhlanga, ekugcineni siyalingana. Okusemqoka nje ukuthi sibhukulele ukutshengisa umhlaba ukuthi akukho okwenziwa ngomunye umuntu okungasehlula uma sinikwe ithuba. Yileli phupho engazibophezela ekuthini uma uNkulunkulu esanginikile ithuba lokuphila, ngifuna ukulibona lifezeka ngaphambi kokuthi angibizele kwelizayo.”

Ocwaningweni lwakhe uDkt Dlamini uxoxe noDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka ongomunye wabaholi be-United Nations, uMaria Ramos oyiCEO yeBarclays Africa, uPhilisiwe Mthethwa oyiCEO yeNational Empowerment Fund, uGloria Serobe ongomunye wabasunguli benhlangano yabesifazane iWiphold, uSiza Mzimela oyiCEO yeFly Blue Crane, uDkt Vuyo Mahlati ongusihlalo weDevelopment Commission noCora Fernandez oyinhloko yeSanlam Investment Management ukubala nje abambalwa.

Uthola lezi ziqu nje, vele useneziqu zeMasters in Business Administration (MBA). Uthando lwakhe lwezamabhizinisi lwaqala ukuqhakaza esane-surgery lapho avula khona ibhikawozi eMlazi ngokubambisana nomyeni wakhe uMnu Nxasana owaqopha umlando ngokuba ngowokuqala omnyama ukuqokelwa isikhundla esiphezulu sokuba yiCEO eFirst National Bank (FNB) naseFirstRand.

Bamemezele nokuthi bazovula iyunivesithi, ikholiji lokuqeqesha othisha nesikole esizoqala ngenkulisa size sigcine ku-grade 12.
Isikole esiseLyndhurst eGoli sizovulwa ngonyaka ozayo kanti kunezinye izikole abazivulile osekuqaliwe ukufunda kuzona. Basungule izikole ekuthiwa yiFuture Nation Schools ezizogxila kwi-maths nescience. UMnu Nxasana uthe: “Sizijube ukuthi silekelele ekuthuthukiseni imfundo emadolobheni nasezindaweni zasemakhaya. Sikholwa ukuthi isizwe sizothuthuka uma sinesisekelo semfundo esiqinile.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.