Ubhekelela ukusiza abadala KwaNyuswa

2016-03-08 06:00
Abafundi benkulisa eSibusisweni eKwaNyuswa isithombe: sithunyelwe

Abafundi benkulisa eSibusisweni eKwaNyuswa isithombe: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AKUVE kukuhle ukubona umuntu enakekela amalungu omphakathi ikakhulukazi lawo ase khulile ngokweminyaka.
Lokhu kukhonjiswe owesilisa waKwaNyuswa uMnuz Christopher Luthuli oneminyaka engama-33 ubudala ongomunye wabantu kule ndawo onakekela izaguga emphakthini aphinde enze konke okuse mandleni ekulweni nobubha.

UMnuz Luthuli uthe ukulekelela umphakathi kuyinto engaphakathi kuyena kusukela kudala.
Lo mlisa waba yilungu le nhlangano eyaziwa ngokuthi yi-eSibusisweni okuyi nkulisa nekhaya lezi ntadane ukuze ekwazi ukulekelela nabantu abahlukunyezwe isifo sesandulela ngculazi.
Uthe:“Kusukela ngisemncane ngangiwu muntu othanda ukulekelela abantu ngezindlela ezehlukile. Yingakho ngahlala phansi ngacabanga ukuthi lokhu ngizokwenza kanjan ukuze kugcwaliseleka. Ngibe yingxenye yeeSibusisweni okuyinkulisa nekhaya lezi ntandane ukuze ngikwazi ukulekela izingane nabathintekile yisifo sesandulela ngculazi,”kusho yena.

Uthe ngesikhathi eqhuba umsebenzi wakhe wokulekelela izingane wabona ukuthi baningi abantu abadala abadinga usizo emphakathini, yingakho wagqugquzeleka ukuba asungule inhlangano ezo nakekela ogogo nomkhulu kule ndawo ebizwa ngokuthi yiSizabadala Feeding.

“Esikhathini esiningi emphakathini siba nenkinga yokuthi izinhlangano eziningi zibhekelela izingane kodwa zikhohlwe wukuthi labo bantwana bahlala nogogo nomkhulu emakhaya abashiywa abazali babo. Labo gogo nomkhulu ngabe bona banakekelwa ubani? bayaludinga nabo usizo ngezindlela eziningi. Abanye uthola ukuthi abanazo izihlobo ezibasizayo nemali yempesheni ayenele ezidingweni abanazo ekhaya futhi isikhathi esiningi lokho kudala kube nendlala ekhaya. Abanye bahlukunyezwa abazukulu babo bathathe imali yempesheni bayiphuze noma bayisebenzisele ukuthenga izidakamizwa ezingekho emthethweni.

“Kuningi okwenzakalayo emakhaya lapho kuhlala khona umuntu osemdala ngoba kwesinye isikhathi uthola ukuthi lezi zingane zashiywa abazali abanye babo bayaphila kodwa bahlala kwezinye izindawo okubuhlungu ukuthi abanye bahola imali yesibonelelo sika hulumeni kodwa abayithumeli ekhaya ukuba yondle lezingane ezihlala nogogo.”

Uthe okumqoka kule nhlangano ukuthi kunakekelwe izaguga ngazozonke izindlela ngoba iningi lazo lihlushwa izifo kubalwa amathambo ushukela ne-BP okwenza kube nzima ukuthi zithole imishwanguzo ematholaphilo uma imali beyi sebenzisela ukuthenga ukudla ekhaya.
“Ngifuna konke okuhlupha izaguga kushintshe njengoba bezolekelelwa yile nhlangano. Ngifuna sibanakekele ngendlela efanele,” kusho uMnuz Lutuli.

Uqhube wathi unephupho lokuthi ashitshe impilo yale zaguga kancane kancane umuntu ngamunye.
“Lokhu ngizokwenza kancane kancane ngokwenza impilo yabo ibe lula nginikele ngokudla okunempilo ukuze bezokwazi ukuze babe ngabaqemane.

“Ngiyazi ukuthi angeke ngakwazi ukunakekela umphakathi wonke kodwa ngizoqala ngibasize ngalokhu enginakho ngigcine sengilifezile iphupho lami lokuba bonke babhekelelwe emphakathini.

UMnuz Luthuli unxuse osomabhizinisi, umphakathi nezinhlangano ezahlukahlukene ukuba zimu lekelele ekufezeni leli phupho.
“Leli phupho lizo fezeka uma ngithola uxhaso kubantu abahlukene. Nginesiqinisekiso sokuthi uma singasebenzisana kulokhu, kuningi okuhle esizokuvuza. Le nhlangano yamukela noma ngabe yiluphi uhlobo loxhaso.

“Ngithanda ukugqugquzela amabantu abangathanda ukuba ama volontiya ukuba bexhumane nami ukuze sibambisane ekulweni nobubha.”

Uma uthanda ukulekelela iSizabadala ungaxhumana noMnuz Christopher Luthuli enombolweni ethi: 076 202 2963.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.