Ugqugquzela intsha ivuke izithathe

2016-11-22 06:00
ISITHOMBE: ANDILE SITHOLEUNksz Cindy Mzobe unxusa intsha isike iphethini kuye.

ISITHOMBE: ANDILE SITHOLEUNksz Cindy Mzobe unxusa intsha isike iphethini kuye.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUNUKUBEZEKA ngokocansi kubantu besifazane kuvamise ukuba yinto ehlala isikhathi eside emiqondweni yabo abanye bengakwazi ukukhuluma ngayo ngenxa yokwesaba ukubandlululwa emphakathini.

Abanye babo baze bakhethe ukuzibulala ngenxa yengcindezi abasuke bebhekene nayo yokungakwazi ukukhuluma ngokuhlukumezeka abahlangabezana nakho .

Kodwa konke lokhu kubukeka kungasho lutho kowesifazane oneminyaka engama-30 wasinda enukubezwa ngamadoda ayi-6 ngo-2010.

UNksz Cindy Mzobe ohlala onguMfundisikazi webandla le-Marashanth International Ministries uthi izigigaba nemivimbo ayithole ngesikhathi esakhula yiyona emenze waba nomfutho wokuqhubekela phambili ukuze akwazi ukusiza intsha ebe yizisulu zokudlwengulwa.

UNksz Mzobe usungule inhlangano engenzi nzuzo ebizwa ngokuthi yiNatakhon South African Youth Organisation ezinze endaweni yasoThongathi okuhloswe ngayo ukugqugquzela intsha nomphakathi ukuba ubhekane nezi ngqinamba.

UNksz Mzobe uzifikele mathupha emahhovisini aleli phephandaba ezokhuluma ngokuhlukumezeka kwakhe okwamenza wavuka wazithatha wasungula inhlangano ezomela intsha endaweni.

Uthe: “Kule nhlangano sigxile kakhulu kubantu abasha sikhuluma ngobungozi bezi dakamizwa, ukusiza abantu abanukubezeke ngoko cansi nokuthuthukisa amakhono entsha. Inhloso yethu ukukhombisa ukuthi singabantu abampisholo, sinawo amathuba,” kusho yena.

Uqhube wathi le nhlangano ineminyaka emibili yasungulwa.
Uthe uhlose ukuthi ngonyaka ozayo ibe seyifinyelele nakwezinye izifundazwe ukuze bakwazi ukufundisa intsha ngezinto ezithinta impilo.

“Okwamanje sisabhekene nenkinga yezimali kodwa sinethemba lokuthi bakhona abazogcina besixhasile ukuze bakwazi ukusisiza sithuthukise umbono wale nhlangano,” kusho yena.

UNksz Mzobe uthi ukuze bakwazi ukubhekana nezinye izindleko kubaphoqa ukuba bakhiphe izimali zabo noma basebenzise imali yesikhwama sebandla.

“Inhlangano esiza intsha ngiyiqale ngemuva koku hlukumezeka ngidlwengulwa amadoda ayi-6 ngo-2010 ngesikhathi ngineminyaka eyi-20. Ngemuva kwale sigameko ngabona ukuthi ukuhlala ngifele ngaphakathi ngeke kungisize ngalutho.

“Inhloso yami bekuwuku khombisa umphakathi wendawo yakithi ukuthi noma umuntu engehlelwa isigameko esinjani empilweni kufanele aqhubekele phambili nempilo.”

Uthi enye inhloso yakhe ngokuqala le nhlangano wukusiza abantu abehlelwe yizi gameko ezinzima empilweni ukuze bangabambi amagqubu ezinto ezimbi ezenzeka ngaphambilini.

Uthe lawo madoda amnukubeza agcine egwetshwa odilika jele.
Uthi lokho kakuzange kumenze ahlale phansi kodwa waphokophelela ukuthi nabanye abantu abasendaweni yangakubo baqonde kabanzi ngobuhlungu adlule kubo.

“Ngemuva kwale sigameko sokunukubezwa ngabe sengemukela uJesu njenge Nkosi noMsindisi wempilo yami. Akubanga yisikhathi eside ngase ngithola umusa kaNkulunkulu ngoba ngesikhathi kwenzeka yonke lento empilweni yami ngangingenabo abazali. Bonke lobu nzima ngangibhekene nabo emoyeni nasenyameni, kodwa uThixo wawutshala lo mbono wokusiza abanye abantu kimi. Lokho kwangenza ngaba nesibindi sokuphumela obala emphakathini ngibatshele ngokwenzeka kimi, ngaphinde ngaba yisibonelo esihle kwabanye abantu sokugqugquzela intsha ukuthi ingapheli amandla noma zikhona izilingo empilweni,” kuqhuba yena.

Njengamanje le nhlangano inamalungu ayi-6 asebenza noNksz Mzobe ekufundiseni umphakathi nentsha ngobungozi bezi dakamizwa.

Le ntokazi iphinde yatshela leliphephandaba ukuthi imatasatasa ibhala incwadi enesihloko esithi Turning your scars into your beauty spot.
Uthembisa ukuthi kule ncwadi uzogonyuluka kuyo ngabo bonke ubuhlungu adlule kubo.

Nakuba zise khona izingqinamba ezibukeka zise ndleleni yokuthi agcine ekwazile ukukhipha le ncwadi, kodwa uthi unethemba lokuthi kukhona abazothinteka bese bemsiza.

“Okwamanje ngidinga abantu abazongixhasa ukuze ngikwazi ukukhipha le ncwadi yami. Ngiyakholelwa ekutheni amanxeba uJesu abanawo esiphambanweni yiwona azala impumelelo yami aphinde azala nebandla,”kuphetha yena.

Njengoba abafundi bakamatikuletsheni bebhala izivivinyo zokuphela konyaka, uNksz Mzobe namalungu enhlangano yakhe bazinikele ekulekeleleni abafundi ngokubasiza babuyekeze umsebenzi abebewenza unyaka uqala.

Uthi ukukhulelwa kwezingane ezisencane enye yezinto ezimenze wasukuma wafuna ukwenza ushintsho emiphakathini.
Unxuse abazali ukuba bafundise kabanzi abantwana ngezinto ezithinta impilo.

Uphinde wanxusa ubumbano emphakathi nabazali bengayiyekeleli intsha ingene ogibeni lwezinto ezingasizi ngalutho.

UNksz Mzobe ube esevula incwadi yezi 2 iziKronike isahluko sesi-7 kusuka evesini le-13 kuya16 elifundeka kanje:
“Uma ngivala izulu ukuba kungabibikho mvula noma ngiyaleza isikhonyane ukuba sidle izwe, noma ngithuma isifo phakathi kwabantu bami, bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami bakhuleke bafune ubuso bami, bephenduke ezindleleni zabo ezimbi ngiyakuzwa ezulwini ngithethelele isono sabo ngiphilise izwe labo.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.