Ukhuthaza intsha yasemakhaya ivuke izithathe

2017-01-10 06:01
                                    ISITHOMBE: SITHUNYELWE. UMnu. Thabiso Gumede (owesithathu kusuka kwesobunxele ngemuva) kanye nentsha eqhamuka kwezinye izifundazwe bahloniswe ngezindondo nguMnyango wezokuThuthukiswa kweziNdawo zasemakhaya.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE. UMnu. Thabiso Gumede (owesithathu kusuka kwesobunxele ngemuva) kanye nentsha eqhamuka kwezinye izifundazwe bahloniswe ngezindondo nguMnyango wezokuThuthukiswa kweziNdawo zasemakhaya.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESILISA waseThekwini ukhuthaza intsha ukuba isukume ibambe iqhaza ekuthuthukiseni imiphakathi.
UMnu.Thabiso Gumede (25) uchonywe uphaphe lwegwalagwala ngesikhathi ethola izindondo ezintathu emcimbini wokuphothulwa kweziqu zakhe ezifundweni zokuthuthukisa umphakathi obuse Kimberly.

UMnu. Gumede udabuka endaweni yaseSikhawini enyakatho nesifundazwe saKwaZulu-Natal. Ngesikhathi exoxa naleliphephandaba uthe ufake isicelo sokuyofunda embuthweni wamasosha eKimberly ngoNcwaba(August) ka-2016 ukuze abe yingxenye yentsha ezofunda ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi yi-National Rural Youth Service Corps(Narysec).

Loluhlelo kuhloswe ngalo ukuthuthukisa amakhono entsha yasezindaweni zasemakhaya nokuvula amathuba emisebenzi.
Lungaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya. Inhloso yomnyango wukunxenxa nokuthuthukisa intsha engasebenzi ukuze ikwazi ukuthuthukisa izindawo zasemakhaya eqhamuka kuyo. UMnu. Gumede kube nguye yedwa oqhamuka esifundazweni saKwaZulu-Natal ohlomule ngendoda ebizwa ngeNational Department of Defence Spade, okuhlonishwa ngayo intsha ebambe iqhaza kwezolimo.

Uthe: “Loluhlelo luqale ngo-August yilapho besifunda khona kabanzi siphinde sicijwe ngamakhono aphathelene nobuholi. Bekuyinto enkulu kakhulu ukuba phakathi kwentsha ebeyiqhamuka ezindaweni ezahlukene.

“Sithole ulwazi oluningi ngesikhathi sisekambini yamasosha sifunda. Ngizimisele ukuthi lolulwazi engilutholile ngilwedlulisele kwabanye abantu abasha endaweni engihlala kuyo. Ikusasa lisezandleni zabantu abasha. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi sizilungiselele kusemanje.
“Njengamanje ngiyisishoshovu sokulwela ushintsho emphakathini ngokusebenzisa amakhono esiwathole ngesikhathi sifunda. Yonke into esiyifundile kufanele siyifundise imiphakathi yakithi.”

Uphinde wanxusa intsha yaseNingizimu Africa ukuthi ibambe iqhaza emphakathini. “Intsha kufanele yazi kabanzi ngezwe layo ukuze ikwazi ukuba yingxenye yentuthuko. Ngiyisibonelo esihle engithanda ukuthi sibonakale emphakathini nasezweni lonke. Angizimisele ngokuhlala ngilinde ukuthi kubekhona engizokwenzelwa, kodwa ngibheka izinto engingazenza ukuze ngilethe ushintsho ezweni lethu.”

UMnu. Mnqobi Mthethwa obhekele izindaba zokufundiswa nokuthuthukisa umphakathi oThongathi uthe: “Loluhlelo [lokufunda] lumenze wakwazi kubona izinto ezidingwa ngumphakathi . Futhi loluhlelo lwakha intsha luphinde luyintshale ezindaweni zasemakhaya ukuze isebenze emisebenzini yomphakathi. Lushintsha intsha yasemakhaya ekubeni ngabantu abakhangeza imisebenzi bese iba ngabantu abakhanda imisebenzi.”

Phakathi kwezicukuthwane ebezikhona kulomcimbi bekuyiSekela likaNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa kweziNdawo zasemakhaya uMnu Mcebisi Skwatsha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

/News
 

How to get rid of fleas

Before you call in the pricey exterminators, try this DIY approach that promises to get your flea problem under control.

 
 

Paws

12 Cool cat facts
Chocolate can be fatal for dogs
Spider-man star's adorable relationship with his dog
Do you know what you are feeding your dog?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.