Ulekelela abantwana abampofu

2016-10-25 06:00
Isithombe: sithunyelwe Kwesokunxele uNks Justine Rae Kool noNks Sibongile Groenink.

Isithombe: sithunyelwe Kwesokunxele uNks Justine Rae Kool noNks Sibongile Groenink.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIMAME wase Winston Park uNks Justine Rae wathinteka ngesikhathi ebona isithombe somfana oneminyaka emibili wase zweni lase Nigeria eshiywe ngabazali bakhe waphoqeleka ukuthi ahlale emgwaqeni.
UNks Rae uthi lokhu kwamuthinta kakhulu ngesikhathi ebona lomfanyana esezinhlungwini ehluphekile nase moyeni, yingakho wahlanganisa amathambo engqondo ukuze ebone indlela engalekelela ngayo abantu abaxakekile wabe esesungula inhlangano enakekela abantwana abahluphekile ebizwa ngokuthi yi-Little One.

Uthe: “Ngaqala ngokuba nomkhankanso ngoNdasa (March) wokulekelela abaxakekile obizwa ngokuthi yi-Little One lapho nganikelela kulabo abahlala emgwaqeni ngokudla nezingubo zokwembhatha. Kulo mkhankaso ngacela abangani nalabo abasondelene nami ukuba bangiphe izimpahla zezingane ezindala nama thoyizi. Ngesikhathi sengikuthole konke engikudingayo angazanga ukuthi ngizokunika bani kodwa ngenhlanhla ngahlangabezana nenhlangano ekuthiwa yi-Feed the Babies eholwa uNks Sibongile Groenink esenkulisa yase-Nanda.
UNks Rae uqhube wathi ngeke akhohlwe yindlela abantwana ebebe jabule ngayo ngesikhathi bethola amathoyizi nezimpahla zokugqoka.

“Okubuhlungu wukuthi labantwana bebe ngenawo ama thoyizi nezincwadi zokubhala. Injabulo yayi bhalwe ebusweni ngesikhathi bedlala ngama bhayisekili no nodoli, ngazizwa ngijabulile kakhulu okudlula laba ntwana.

“Kusukela ngesikhathi saqala le nhlangano sesi lekelele izinkulisa eziyi-9, nezibhedlela ezimbili kwi-ward yabatetayo,” kusho yena.

Uqhube wathi ngesikhathi evakashela izinkulisa wabona ukuthi kuningi abakudingayo ngaphandle-nje kwamathoyizi nezimpahla zokugqoka.
“Okokuqala-nje engakubona okubalulekile abakudingayo ezinkulisa ,ukudla kubalwa impuphu, ilayisi, iziponji zokulala, amashidi nezingubo zokulala. Ïningi lezingane zilala phansi azisebenzisi ngisho iziponji lokho nje kukodwa kungiphatha kabi. Okunye engikubonile ukuthi lezi zinkulisa azinazo izincwadi zokufunda , izihlalo, amatafula, amathoyizi nokunye.”

Uthe iningi lo thisha abaphethe izinkulisa abaqeqeshekile ngokwenele ngakho ugqugquzela amalungu omphakathi ukuthi bebe ngama volontiya benikele ngesikhathi sabo sokulekelela labo thisha kuningi abangakwenza njengokuthi befundele abantwana izinganekwane, bebafundise ukudweba, imisebenzi yezandla nokunye.

UNks Rae uzichaze njengo muntu ophokophela phambili kukho akwenzeka futhi olandela iphupho lakhe ukuze ligcine lifezekile kodwa ikakhulukazi ungumuntu othanda ukusiza abanye.
Uthe: “Bonke ubumina ngikufunde kumama wami. Uyena nje umuntu odlala indima enkulu empilweni yami. Umama ungumuntu othanda ukusiza abanye. Uqhakambisa okuhle emphkathini ngaso sonke isikhathi futhi ngiyazi qhenya ngalokhu akwenzayo ngoba uyisibonleo esihle kumina.”

UNks Rae ugqugquzele abazali nentsha wathi kumele belindele ukusebenza kanzima ukuze befeze amaphupho abo.
“Abazali kumele behlale benyingxenye yempilo yaba ntwana babo. Abantwana abakwazi ukuzi nakekela ngenxa yokuthi base bancane futhi badinga isandla somzali ngaso sonke isikhathi. Kumele behlale beqaphile ngoba kuningi okubi okungehlakalela umntwana,” kusho yena.

Uma uthanda ukwazi kabanzi ngenhlangano kaNks Justine Rae eyaziwa ngokuthi yi-Little One noma uma uthanda ukulekelela le nhlangano thumela umyalezo ngekheli le-email elithi: Justine_kool@hotmail.com

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.