Ulwisana nezidakamizwa entsheni

2016-07-26 06:00
isithombe: nosipho mkhize Amalungu eKatsi Youth in Action uNks Hlombakazi Nophakela, uNks Zipho Mkhize noNks Sanelisiwe Dlamini.

isithombe: nosipho mkhize Amalungu eKatsi Youth in Action uNks Hlombakazi Nophakela, uNks Zipho Mkhize noNks Sanelisiwe Dlamini.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

‘AYIKHO into ebuhlungu njengo kubona intsha icwila ezidakamizweni ezingekho emthethweni’ kusho uNKsz Zipho Mkhize onenhlangano elekelela intsha egxile ezidakamizweni ezingekho emthethweni eyaziwa ngokuthi yi-Katsi Youth in Action KwaDabeka.

UNksz Mkhize uthe waqala le nhlangano emva kokuba umfowabo ebulawa izidakamizwa ezingekho emthethweni.
“Umfowethu waye gxile ezidakamizweni ezingekho emthethweni okwagcina ngokuthi zimbulale. Akukho angazange akwenze njengokuthi adayise izidakamizwa ezehlukahlukene emphakathini, futhi aphinde azisebenzise, okubuhlungu wukuthi waqala ukuthatha izidakamizwa eneminyaka eyi-13 ubudala, yonke lemi nyaka ngangibona konke akwenzayo ngoba ngangihlala naye ekhaya, kodwa kwathi ngo-2012 waqala wasebenzisa iwhunga kwathi ngo-2014 wahamba emhlabeni ngenxa yayo ngalesosikhathi waye neminyaka eyi-41 ubudala. Yingakho ngacabanga ukuqala inhlangano elekelela intsha enenkinga yokudla izidakamizwa ezingekho emthethweni” kusho uNksz Mkhize.

Uthe le nhlangano ebizwa ngokuthi yi-Katsi Youth in Action yasungulwa ngo-2013.
“Amahhovisi enhlangano ase Zibambeleni ekhaya labadala KwaDabeka. Le nhlangano inezinhlelo ezahlukahlukene zokulekelela labo abafisa ukuyeka izidakamizwa ezingekho emthethweni kubalwa i- detox programme lapho sihambisa emtholampilo labo abasebenzisa izidakamizwa kube khona i- prevention programme lapho sisuke sinemkhankaso eqwashisa umphakathi ngezidakamizwa ezingekho emthethweni le mikhankaso siyenza ezikoleni, emicimbini yomphakhathi, emabandleni, ezinhlanganweni zabazali ezikoleni nase maphoyiseni,”kusho yena.

Uqhube wathi: “Sisebenzisana nezikole ezingama-22 KwaDabeka futhi sike saba nomkhankaso esikoleni iSiyajabula high School eseKwaNyuswa lapho sakhuluma khona ngezidakamizwa nobungozi bazo. Sidlale indima enkulu KwaMashu ngesikhathi abafundi bebulawa isidakamizwa esidume kakhulu ezikoleni esibizwa ngokuthi ‘wumgwinyo’ ngesilungu bathi yi-ecstacy sakhuluma nabafundi ngobungozi balesi sidakamizwa esibulala ikusasa lentsha.”

Kuningi okunye le nhlangano ekwenzayo njenge zinhlelo zokuyekisa labo abas sanda kuqala ukusebenzisa isidakamizwa lolu hlelo lubizwa ngokuthi yi-early intervention programme.

“Labo abasuke besanda kuqala ukudla isidakamizwa esithile sisuke singaka gxili kakhulu emzimbeni yabo ngakho kuba lula ukuthi sisebenzisane nalowo ngoba usuke ungakenzeki umonakalo omkhulu. Sibabona kanye ngesonto ngesikhathi esinganga mahora amabili, sibabonela emhhovisini ethu noma esikoleni lapho befunda khona. Esikhathini esiningi uma senze lemi khankaso baningi abantu abasithintayo ngokuthi sibalekelele ukuba bayeke ukudla izidakamizwa, abanye balethwa abazali babo bese abanye kuba othisha noma othishanhloko basezikoleni ezahluka hlukene. Sifundisa intsha ngezidakamizwa ezahlukene ukuthi ziyini, zenzani emzimbeni nase ngqondweni. Sibafundise nokuthi uma belashelwa ukuyeka izidakamizwa yikuphi okwenzekayo emzimbeni ngaleyo nkathi nokuthi kuzoba khona isikhathi lapho abanye behluleka ukubekezela bese bebuyele kuleso ezidakamizweni. Konke lokhu siba fundisa ukuthi kusuke kwenziwa yini.”

Le nhlangano inendlela yokuthi ihlole lowo osuke esebenzisa isidakamizwa esithile, ngesikhathi behlola kunohlobo lobucwepheshe abalusibenzisayo olushoyo ukuthi lowo usuke esebenzisa hlobo luni lwesidakamizwa.
“Uma sibahlola lolu hlobo lobucwepheshe luyasitshela uma umuntu eyekile ukusebenzisa leso sidakamizwa noma eshintshela kwesinye. Amalungu ale nhlangano aphinde abavakashele emakhaya alabo abasebenzisa isidakamizwa ukuze bezoluleka imindeni yabo ukuthi bengaxwayi labo abasuke belashwa kodwa babaseke kukho konke ukuze bezolapheka.”

Uma uthanda ukuzwa kabanzi nge Katsi Youth in Action shayela inombolo ethi: 081 093 7599.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.