Umphakathi ukhalaza ngamanzi

2016-05-03 06:00
Isithombe: sithunyelwe UMnuz Mali Sithole ekhalaza ngokuvalwa kwamanzi.

Isithombe: sithunyelwe UMnuz Mali Sithole ekhalaza ngokuvalwa kwamanzi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGU omphakathi waKwaNgcolosi awagculisekile ngesimo esibahlukumeze izinyanga ezintathu sokuvalwa kwamanzi.

Ilungu lo mphakathi elixoxisane nentatheli yeFEVER uMnuz Mali Sithole, uthe le nkinga yokuvalwa kwamanzi ibukeka sengathi izothatha isikhathi eside.

Uthe: “Singabahlali baKwaNgcolosi sizwakalise izikhalo zethu kwi Khansela le ndawo kodwa kuyi manje isimo sisefana amanzi awaphumi empompini.”

Uthe umphakathi waziswa ngoMasingana (January) ukuthi kune nkinga ezimayini njengoba yadilika.

Uqhube wathi batshelwa ukuthi amanzi azovalwa isikhashana. “Singu mphakathi waKwaNgcolosi satshelwa ukuthi amanzi azovalwa isikhashana kodwa siyethuka uma sesibona amanzi engasabuyi nhlobo. Le senzo sisi shiye sidiniwe ngoba umphakathi uthwele kanzima njengoba amanzi engekho. Asikwazi ukuphila ngaphandle kwamanzi ngoba asikwazi ukugeza kahle, ukupheka nokuya endlini encane ngendlela ehlanzekile. Lokhu kuhlukumeza nezingane zethu ngoba bathwala kanzima njalo ekuseni uma sekumele baye esikoleni,” kusho uMnuz sithole.

Uthe njengoba amazi evaliwe lokhu kuzodala izifo eziningi.

“Njengoba amanzi evaliwe lokho kudala ukuthi kube nokungahlanzeki endlini encane ngoba akekho ongazi ukuthi indlu encane isebenza ngamazi. Lokhu kuzodala izifo eziningi emphakathini ezidalwa ukungcola.”

Uthe uMasipala weTheku ufake ama thange endaweni kodwa inkinga wukuthi lama thange awafinyeleli kwamanye amalungu omphakathi ngesikhathi esifanele.

“UMasipala usifakele ama thange amanzi kodwa amanye amalungu omphakathi awahlomuli kulokho ngoba ayashesha ukuphela okusho ukuthi sibaningi emphakathini futhi amaloli athulula amanzi ahamba emgwaqeni owodwa akhohlwe wukuthi kune mizi eminingi emakhaya futhi eminye yawo inezaguga ezingenawo amandla okuhamba okusho ukuthi aziwatholi nhlobo amanzi. Sesilinde isikhathi eside siyanxusa uMasipala uzwe ukukhala kwethu,” kusho uMnuz Sithole.

Elinye ulungu lo mphakathi uMnuz Blessing uthe umphakathi usalinde izimpendulo ezivela kwi khansela.

“Kade saphakamisa isicelo sokubuyiselwa amanzi kodwa uKhansela namanje akasiniki izimpendulo futhi lokho kuyasidumaza. Sikhathele ilesi simo yingakho size sabize iphephandaba iFever ukuthi lishicilele lolu daba okuno kwenzeka ukuthi khona ozosizwa isikhalo sethu, sikhathele ukuphiliswa kanzima” kusho uMnuz Blessing.

UKhansela Themba Shelembe waku ward-8 uthe: “Ngiyasazi isimo esibhekene nomphakathi waKwaNgcolosi kodwa ngixhumane noMasipala ukuze ufike namaloli anama thange amanzi emphakathini, ngafake nama thange akwa-Jojo kulabo ambahlala emakhaya. Ngiphinde ngaxhumana noMeya weTheku kanye neMenenja yeTheku ukuze ngibazise ukuthi isimo esibhekene nomphakathi siyaphuthuma futhi sibucayi, njenga manje kube nesivumelwano sokuthi kuqalwe i-project yokufakwe kwamapayipi amanzi,” kusho uKhansela uThemba Shelembe.

Uqhube wathi le-project izothatha izinyanga eziyi-6 kuya kweziyi-9. “Ngiyanxusa amalungu omphakathi ukuthi ehlise umoya ebekezele njengoba isiqalile le-project sifuna lo msebenzi wokufakwa kwamapayipi uphethwe ngokunga phazamiseki. Ngicela umphakathi ubekezele sizozama ukuthi lo msebenzi usheshe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.