UNgqongqoshe wezeziMali uxhase inkulisa eNtshonalanga yeTheku

2016-01-26 06:00
Inkulisa ukhololwethu noNgqogqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal UNkk Belinda Scott onikele ngezidingo zenkulisa.

Inkulisa ukhololwethu noNgqogqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal UNkk Belinda Scott onikele ngezidingo zenkulisa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMAMLUNGU omphakathi waseMolweni yehlelwe yimana ngeSonto mhla ka-24 kuMasingana (January) ngesikhathi bevakashelwe wuNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal onikele ngamaphasela okudla, iziponji zokulala, izingubo zokulala, izincwadi zokufunda, amathoyizi nokunye kokudlala izingane enkulisa eyaziwa ngokuthi yiKhololwethu.

Lolu xhaso olwenziwe uNgqongqoshe luzosiza le nkulisa njengoba ibhekene nenkinga yokungabi nezidingo ezanele. UNkk Scott uthe le nkulisa ingezinye zezinkulisa ezidinga usizo kule ndawo. “

“Kunemizi eminingi ebhekelelwa yizingane ngenxa yokuthi abazali bazo bayasebenza futhi akukho la bengashiya kohona izingane zabo baze babuye emsebenzini. Le nkulisa inakekela izingane azingama-60 futhi isihlale iminyaka emibili ingatholi uxhaso luka hulumeni kodwa bakwazile ukuphila banekekele izingane ngendlela efanele. Siwu mnyango wezeziMali sibone kukuhle ukuthi sibalekelele. Sizophinde sibheke ezinye izinkulisa ezifana nale ukuze senze lokhu esikwenzile kule nkulisa.

“Uma umphakathi ungasebenzisana ngokubambisana nohulumeni lokho kusho ukuthi kuningi esingakuzuza siwu hulumeni nawo umphakathi. Kumele sibambane ngezandla sisebenzisane,” kusho uNks Scott.

Uthishanhloko wale nkulisa uNks Tholakele uthe lolu xhaso luzo basiza isikhathi eside njengoba le nkulisa ithembele kuxhaso abaluthola emphakathini kanye nemali ekhokwa abazali.

Uthe: “Izingane zethu zizothola imisoco edingakalayo egazini njengoba uMnyango wezeziMali usixhase ngamaphasela okudla enempilo. Izincwadi zokufunda nama thoyizi okudlala bawathokozele kakhulu kuyimanje nje sebejahe ukuyodlala. Kuyakhombisa ukuthi uhulumeni uyabakhathalela abantu bakhe eNingizimu Afrika. Uhulumeni uyaqhuba!,” kusho yena.

USihlalo wakwa-UMngeni Valley Association uMnuz Mathemba Gasa, uthe izinkulisa eziningi kule ndawo yase-Molweni zidinga uxhaso olukhulu.

“Asinazo izakhiwo ezifanele zokufundela abantwana bezinkulisa kule ndawo njengoba ezinye zifundela emzini yabantu, lokho akulungile neze. Sidinga uxhaso ukuze sishintshe lokhu,” kusho uMnuz Gasa.

INduna yendawo uMnuz Fano Mkhize ubonakale ethokozile ngendlela eyisimanga ngesikhathi uMnyango wezeziMali uxhasa le nkulisa kule ndawo. Uthe lolu xhaso luzolekelela le nkulisa ukuba ihambe phambili ekufundiseni izingane ngendlela efanele.

Uthe: “Le nkulisa inomlando omningi ekufundiseni izingane kusukela ngo-1972. Lo mnikelo ewutholile uzolekela kakhulu impilo yezingane.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.