Usiza abafundi ezikoleni Abafundi bazosizwa ngama-pads

2016-07-12 06:05
isithombe: nosipho mkhize UNksz Pumelele Kunene ehhovisini lakhe elungiselela izinhlelo zakhe zokunilela ngama-pads.

isithombe: nosipho mkhize UNksz Pumelele Kunene ehhovisini lakhe elungiselela izinhlelo zakhe zokunilela ngama-pads.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UNksz Phumelele ‘Phummy’ Kunene ongomunye wabasunguli be-Kwenze uthe: “Ngahlala phansi nethimba lami senza uhlelo olubizwa nge-Pads on Wheels, lapho sinikela khona ngama ‘pads’ njalo ngenyanga ezikoleni. Lokhu kusiza abafundi bamantombazane bangaphuthi nakanye esikoleni uma bekuleso simo soku ‘geza’ esifika njalo ngenyanga,” kusho uNksz Kunene.

UNksz Kunene owakhulela eMnambithi (Ladysmith) maphakathi nesifundazwe saKwazulu-Natal, wasungula i-Kwenze, ngo-2009. I-Kwenze isiza abafundi besifazane ngezimfanelo ezidingekayo uma besesimweni soku ‘geza’ esifika njalo ngenyanga, okunye kwaloku ukuba siza ngama ‘pads’. Le nhlangano iphinde ilekelele abantu besifazane abahlangabezana nezinkinga ezehluka hlukene, empilweni jikelele.

UNksz Kunene uthe usebenzisana nethimba lamantombazane kuyo lenhlangano. Le nhlangano yangenelela ekusizeni izingane zamantombazane ezifunda izikoleni zase makhaya, lokhu kuqale ngenkathi uNksz Kunene evakashela ezinye zezikole ezisemakhaya ngenhloso yokuthola izinkinga ezibhekene namantombazane ezikoleni.

Uthe: “Inhliziyo yami yaba buhlungu kakhulu ngesimo engasibona ezikoleni, kepha ngenxa yokuthi inhlangano yethu ibhekelela amantombazane, ngaphoqeleka ukuba ngibhekane nokuqondene nawo,” kusho yena.

“Ngathola ukuthi abafundi abaningi bamantombazane abayi esikoleni uma bekuleso simo esibafikela njalo ngenyanga, okudala basalele emuva ezifundweni zabo. Imbangela yalokhu ukuthi abanayo imali yokuthenga ama ‘pads’ uma sekufike lesi sikhathi, ngakho babone kungcono ukungezi esikoleni,” kuchaza yena.

Uthe loludaba lokuphazamiseka kwabafundi bamantombazane, akuzange kumpathe kahle, wabe esesungula uhlelo lokunikela ngama ‘pads’ ezikoleni ezisemakhaya. “Ngikholelwa ukuthi wonke umuntu unelungelo lokufunda, ngakhoke uma izingane zamantombazane zingayi esikoleni ngenxa yento eyindalo, kusho ukuthi zizohlale zisalela emuva ezifundweni. Yingakho-ke sasungula i-Pads on Wheels,” kusho uNksz Kunene.

I-Kwenze iphinde ibhekele kakhulu abesimame nabantwana abahlukumezekile, abampofu nabangenayo indawo yokukhosela, ngakho uNksz Kunene nethimba lakhe babona kukuhle ukuthola indawo yokufukamela laba besifazane abanezinkinga. Uthe: “Sine khaya elise-Clairwood nelinye elise-Welbedacht, lapho kuhlala khona abesifazane abanezinkinga ezinjengokudla izidakamizwa ezingekho emthethweni, abangakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala, nabahlukumezekile ngokocansi nangezindlela eziningi ezahlukene.”

“Sinakekela ngisho izaguga nabakhubazekile kuwo la makhaya. Siphinde siqinisekise ukuthi bayakuthola ukudla, izingubo zokugqoka, amanabukeni ezingane nokunye abakudingayo. Abanye siyabadedela uma sibona ukuthi sebezokwazi ukuzimela,” kusho uNksz Kunene.

Uthe abantu besifazane sebahlala lubhojozi emphakathini ngenxa yokudlwengulwa, ukubulawa, nokuhlukumezeka , ngakho ke i-Kwenze iphinde ifundise abesifazane ngezindlela zokuzivikela. “Sinezinhlelo zokuqwashisa abesifazane ngezinto eziningi ezenzeka emphakathini. Esikhathini esiningi emhlanganweni esiba nayo, kufika izingane zamantombazane ezineminyaka yobudala ephakathi kwengu-12 no-20.”

Uqhube wathi: “Sithola ukuthi iningi lamantombazane lihlekisana nabantu besilisa abadala kunawo, abawathembisa okuningi, baze bawanike ngisho nemali bawadobela ocansini,” usho kanje.

Amanye amantombazane azithola esenegciwane lesandulela ngculazi, ngenxa yokungazivikeli. “Sibafundisa nokwenza imisebenzi yezandla njengokuthunga izimpahla, abangazi khangisa baphinde bazidayise, ukuze bengathembeli kubantu besilisa ekutholeni imali yokuziphilisa,” kusho yena.

Unxuse osomabhizinisi nomphakathi ukuba balekelele ngokunikela ngama ‘pads’, imishini yokuthunga izingubo, amakhamera, izindwangu zokuthunga, ama thuluzi ase ngadini, nama khompyutha. Onothando lokuba yingxenye yalolu hlelo angashayela uNksz Phumelele Kunene ku-084 406 0044 n

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.