Wozani ngobuningi benu eMadimeni

2015-11-17 06:00
Isithombe: nosipho Mkhize Umhleli womcimbi uPhilani ‘Mapensa’ Khumalo nomculi waseMolweni uLindokuhle ‘Cheesenator” Bhengu.

Isithombe: nosipho Mkhize Umhleli womcimbi uPhilani ‘Mapensa’ Khumalo nomculi waseMolweni uLindokuhle ‘Cheesenator” Bhengu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI waseMolweni uLindokuhle ‘Cheesenator’ Bhengu (24) ocula uhlobo lomculo we-hip hop ne kwaito umema wonke amalungu omphakathi emcimbini onesiqubulo esithi: “Home Coming” ozobe usenkundleni yeze midlalo eMadimeni Sports Ground ngoMgqibelo Mhla ka-21 kuLwezi (November) ngo-10 ekuseni kuya ku-6 ntambama.

Uthe: “Lo mcimbi ngiwuhlelele umphakathi engisuka kuwo ngenhloso yokuthi bebone ithalente lami ukuze bengazisoli ngokungi votela kuma Live Your Dream Awards.

Sengenze imicimbi ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal. Kulo mcimbi oseMadimeni kuzobe kukhona abanye abaculi nosaziwayo kubalwa uFiso, uMampensa, uMsawawa, uHeavy Weight, uNtuli Zebhasi, The Booster, Casman, GBDB, Army G, uMkhosi, uShadow, uTattoo, uLove Devotion, uJavas, Izinja Zetheku u-Dj Flopzin no-Lil Boy we-Vibe Fm, uNkulumo, uMafungwase weNanda Fm nabanye.”

Iphephandaba iFEVER like lashicilele ngaphambilini ngokuthi lensizwa isukaphi.

ULindokuhle udume kakhulu ngomculo we-hip hop ne-Kwaito futhi umculo wakhe usumbeke emathubeni okuba ngomunye wabaculi abavelele njengoba eqokwe kuma-Live Your Dream Awards esigabeni se-Best New Comer.

Njengoba leli bhungu lihlele umcimbi endaweni asuka kuyo lithe ufuna ukubonisa umphakathi ukuthi kungani kumele umvotele.

Lo mculi ukholelwa ekutheni baningi abantu abane thalente eMolweni, kuphela nje umphakathi kumele ubambane ngezandla ulekelelane ukuze libonakale eNingizimu Afrika namaphethelo.

ULindokuhle uzalelwe eNkandla wasuka khona eneminyaka eyi-7 ubudala.

Uthe: “Ngihlale eNkandla isikhashana kwathi sengineminyaka eyi-7 ngahlala eMadimeni.

Ngifuna umphakathi uthokozele umculo wami njengoba sengisebenze kanzima ukuhlela lo mcimbi lapho bezobona ukuthi nginethalente elingakanani.

Kulo mcimbi ngizobe ngihamba nabaculi abaningi kanye nabasakazi be-Vibe Fm nabe Nanda Fm,” kusho yena.

“Njengoba ngiqokiwe kulama-awards kusho khona abalibonile leli thalente futhi lokho kuyangigqugquzela ukuba ngiqhubekele phambili.”

ULindokuhle uthe ugxile kakhulu emculweni emva kokubona ukuthi intsha eningi emphakathini igxile otshwaleni.

“Ukukhulela endaweni ese makhaya akungivimbanga ukuba ngilandele iphupho lwami.

Ngazitshela ukuthi ngifuna ukwenza okuhlukile emphakathini ukuze ngingangeni ezidakamizweni ezingekho emthethweni naso tshwaleni. Umculo ungenza ngiqoqeke ngiziphathe kahle.

Ngisho ngisakhula ngangingenela amaqembu adansayo ukuze ngingazitholi sengenza izinto eziphambene nomthetho.

“Umculo uyimpilo yami ngoba akukho okunye okungenza ngijabule njengomculo. Ngizizwa ngikhula mihla yonke emculweni ”

Uphethe ngokuthi intsha kumele ikholelwe kukho konke ekwenzayo. “Umuntu kumele enze okuhle futhi kumele alandele iphupho lakhe.

Konke okwenzayo empilweni kumele kwenzisise ukuze ngelinye ilanga uzothola umvuzo omuhle ngalokho oyobe ukutshalile.

Yingakho isisho sithi uvuna okutshalile.

“Wozani ngobuningi benu nizothokozela umcimbi ozobe useMadimeni Sports Ground.

Ithikithi libiza u-R20 kubantu abadla bese izingane kuba u-R10.

Siyabonga kwabakwa-Waterfall Spar nabakwa-Siyabonga Foundation ngokusixhasa.”

Votela uLindokuhle Bhengu uthumele i-SMS ethi: LYD045 enombolweni ethi: 45633 ukuvota kugcina ngoMhla ka-26 kuLwezi (November) i-SMS ibiza R1.50.

Uma kukhona othanda ukwazi kabanzi ngoLindokuhle Bhengu shayela inombolo ethi: 083 738 8741.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.