Bafuna amalungelo abo abafelokazi

2015-10-15 06:00
ISITHOMBE:nokulunga ngobese

Amalungu enhlangano Izwi labafelokazi Nonhlanhla Khumalo, Dudu Dlamini, Ntombintombi Mtshare, Buyephi Ngubane.

ISITHOMBE:nokulunga ngobese Amalungu enhlangano Izwi labafelokazi Nonhlanhla Khumalo, Dudu Dlamini, Ntombintombi Mtshare, Buyephi Ngubane.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO yabafelokazi KwaZulu-Natal eyaziwa nge-Izwi labafelokazi ithi akulwiswane nesihlava sokuhlukunyezwa kwabafelokazi, abanye babo abagcina sebengondingasithebeni uma sebeshonelwe abayeni babo.

Laba felokazi abebehlangene eBessie Head Library ngoLwesibili ukuzocetshiswa uMasipala uMsunduzi ngezindlela zokuzisungula imiphilandawonye (cooperatives) bathi amalungelo abo awakamuleki kahle, ikakhulukazi emasontweni nasezindaweni zamakhosi.

Usihlalo wale nhlangano uNkk Ntombintombi Mtshare uthe kulesifundazwe kusanesihlava esikhulu lapho abafelokazi abangondlunkulu nalabo abagane abeFundisi bezithola sebeyizisulu zokuhlukunyezwa uma abayeni babo bengasekho.

Uthe: “Ukuhlukunyezwa kwabafelokazi, ikakhulukazi ondlunkulu nabafelokazi babafundisi ingqinamba enkulu esibhekene naso. Kwesinye isikhathi abanye bagcina bephelelwe indawo yokuhlala, amabandla esewufuna la umuzi. ONdlunkulu abakwazi ngisho ukuzithathela izinqumo ngemingcwabo yabayeni babo ngenxa yokuthi kusuke kukhethwe abantu abazobamela. Uthola yonke into seyenganyelwe ibandla noma umkhandlu wenkosi, kukhohlakale ukuthi nabo kumele bazithathele izinqumo.

“Asisayiphathi eyokungena esihlalweni sobukhosi njengoba kuba umzukuzuku, kwesinye isikhathi kugcine kuphoqa ukuthi loyo ongasekho abanjelwe ilungu lo mndeni lesilisa.”

UMtshare uthe phezu kwezinselelo abanazo bayafisa ukusungula imiphilandawonye emkhakheni wokuthunga, ukulima nok ufuya ukuze baxoshe indlala.

Usekela sihlalo wale nhlangano uNkk Nonhlanhla Khumalo uthe sebeke bahlangana nehhovisi lika Ndunankulu noMnyango wozokuThuthukiswa koMphakathi ukukhuluma ngezinto abangazenza ukuze bakwazi ukuziphilisa nemindeni yabo.

“Kumanje kunemiphilandawonye eyishumi nesithupha eqokiwe ukufakela ukudla ezikoleni, eminye izohlanza izikole. Phezu kwezingqinamba kukhona okuhle uhulumeni wethu osenzela kona njengoba ngo-2014 abantwana bethu bafundiswa mahhala ngaphansi kwamaTechnical Vocational and Education Training (TVET) colleges. Kunabanye abayishumi abakhokhelwa imali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.”

IMenenja yakwaSpecial Programmes ngaphansi kukamasipala uMsunduzi, uNkk Sanelisiwe Ndlovu, uthe kubalulekile ukuthi laba besifazane basebenzisane ukwakha ifa lezizukulwane zabo.

“Njengomkhandlu sizosebenzisana nale nhlangano ukubafukula nokubacebisa ukuthi bangazisungulela kanjani imiphilandawonye yabo. Kubalulekile ukuthi uma sithuthukisa isizwe, abesifazane bangashiywa ngaphandle njengoba beyimigogodla yamakhaya abo. Ngaphandle kwemiphilandawonye, zizophinde futhi sibacije ngamakhono ahlukahlukene ukuze bakwazi ukuzimela.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.