I-Afro Soul ithole ikhaya elisha eMgungundlovu

2015-11-04 06:00
ISITHOMBE:nokulunga ngobese USabelo Ngema, Themba Njilo, Thandeka Zulu no-Sergeant Malishe abangamalungu e-Afro Soul ngenkathi Uhologo Music      Production ulamukela ngokusemthethweni leli qembu ngaphansi kwesitebele salo ngoLwesihlanu olwedlule.

ISITHOMBE:nokulunga ngobese USabelo Ngema, Themba Njilo, Thandeka Zulu no-Sergeant Malishe abangamalungu e-Afro Soul ngenkathi Uhologo Music Production ulamukela ngokusemthethweni leli qembu ngaphansi kwesitebele salo ngoLwesihlanu olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

EMVA kokunyamalala endimeni yezomculo iqembu lase Thekwini i-Afro Soul isizitholele ikhaya elisha ngaphansi koHologo Music Production oluholwa ngusomabhizinisi owaziwayo eMgungundlovu uMnu Themba Njilo.

Leli qembu eliholwa amalunga amathathu, okungoSergeant Malishe, Thandeka Zulu no Sabelo Ngema lamukelwe ngokusemthethweni ngaphansi kwalesi sitebela ngoLwesihlanu olwedlule emahhovisi eThemba Njilo Foundation. Leli qembu elineminyaka engu-15 lasungulwa linama –albhamu amathathu ngaphansi kwegama lalo, okubalwa Um-Afrika, Usemncane neRebirth. Kuwo womathathu la ma-albhamu like laqokwa njengeqembu elivelele emculweni we–Afro pop abakwa South African Traditional Music Awards (Satma) nge-albhamu yalo ethi Rebirth ngo 2013, ngo 2010 i-albhamu yalo ethi UmAfrika yaqokwa njengevelele kumaSouth African Music Awards (Sama), kanti ngo-2009 yona le albhamu yadla umhlanganiso kuma Metro FM awards. Emva kokuqopha nezitebele ezehlukene okubalwa kuzo ne-KZN Music House okuyilapho begcine khona ukuqopha, leli qembu libe selikhetha ukuzimela. UMalishe uthe yize beneminyaka basungulwa bahlangabezane nezingqinamba eziningi ebezibavimba ukuthi bathuthuke.

“Emva kocwaningo olunzulu sibheka umuntu esinesiqiniseko ukuthi uma singakhosela ngaphansi kwekhwapha lakhe singakhula, sivumelene ngobaba uNjilo. Lokhu sikusho ngoba besiyilandelela impilo yakhe njengoba ewumuntu onothando lokusiza umphakathi nokuthuthukisa amaciko.

“Njengoba esegcine esamukelile ekhaya lakhe, siyathembisa ukuzikhandla nokusebenzisana ngeqiniso.”

UNgema ugcizelele ukuthi ngenxa yezingqinamba eziningi abadlule kuzona besekufanale ngabe sebephonse ithawula, kodwa ngenxa yokuthi banentshisekelo yokuphokophela phambili bathe abavuke bazithathe.

UNjilo uthe uyakujabulela kakhulu ukusebenzisana naleli qembu, njengoba kungokokuqala ngqa esebenzisana nabaculi bomculo we–afro pop.

“Isikhathi esiningi kwaziwa ukuthi ngisebenzisana nabaculi bezokholo, kodwa manje sekuzojika izinto.

“Nami ngimangele uma bengitshela ukuthi bafisa ukusebenzisana nami ngoba babone ukuthi ilapho bengathola khona ukukhula ngokomsebenzi wabo.
“Umsebenzi wokuthuthukisa amaciko into esondelene kakhulu nenhliziyo yami. Ngiyabamukela futhi ngiyathemba sizosebenzisana kahle, futhi ngiyathemba ukuthi bazozikhandla ngoba angisebenzisani namavila,” kusho uNjilo.

Leli qembu kulindeleke ukuthi libe ngelinye lamaqembu nabaculi abazonandisa ekhonsathini yomculo ezoba ngoMgqibelo ngenhloso yokukhulisa isikhwama se-Themba Njilo Foundation e-Alexandra Park kusukela ngo 10 am.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.