ISafa ithi iyameseka uSexwale

2015-11-04 06:00
PHOTO:sourced  Usomabhizinisi owaziwayo futhi ongusopolitiki uMnu Tokyo Sexwale uzongela ukhetho lokuba umongameli weFifa ngoNhlolanja (February) wonyaka ozayo.

PHOTO:sourced Usomabhizinisi owaziwayo futhi ongusopolitiki uMnu Tokyo Sexwale uzongela ukhetho lokuba umongameli weFifa ngoNhlolanja (February) wonyaka ozayo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO ephethe ibhola eNingizimu Afrika iSouth African Football Association (Safa) ithi iyamseka uTokyo Sexwale futhi ithi ndlelanhle ephuphweni lakhe lokuba uMongameli weFifa.

Noma abalandeli bebhola eMzansi nabahlaziyi bezinto ebholeni babona sengathi lesi siqumama nosopolitiki uphupha ehamba noma kuyinto ebukhuni ukwenzeka, iSafa itshengisa ukumthemba noma imnike izibusiso yabuye yazwakalisa ukuthi inaye kulo mkhankaso wokukhethelwa kulesi sikhundla. Abanye bethu basixwaya lesi senzo sikaSexwale futhi kuningi abacabanga ukuthi kuningi okumenza angabi yimfivilithi kulolu khuetho oluzayo, kodwa kuzokhumbuleka ukuthi lomnumzane uyazifela ngebhola. Phela uSexwale wake waxhasa iNational First Division (NFD) nenkampani yakhe iMvelaphanda Holdings, ngaleso sikhathi leligi yaze yaziwa ngoMvela League. Ubuye wadlala enkulu indima ebambisene noSafa 2010 Local Organising Committee (LOC) ukuletha i-2010 World Cup eMzansi. Ziningi ezinye izinhlelo zebhola azisizayo emazingeni aphansi nakuma-amesha (grassroots and amateur level development).

Mhlawumbe omunye umbuzo osungabuzwa ukuthi akekho yini okwiSafa noma-ke obukeka engcono kunoSexwale ongazama okhethweni lweFifa?

Iningi belicabanga ukuthi amadoda aqavile ebholeni laseMzansi njengoDanny Jordaan onguMongameli weSafa abuye abe yiMeya yaseMandela Bay Municipality (Port Elizabeth) no-Irvin Khoza ongusihlalo we-Orlando Pirates nephini likaMongameli weSafa kanye noSihlalo wePSL kanye nabanye abambalwa, amagama abo abengaphakanyiswa noma-ke mhlambe anohlonzo kakhulu ebholeni laseMzansi nase-Africa yonkana. Kuleli sonto isigungu esiphakeme seSafa (National Executive Committee sikhiphe isitatemende esisemthethweni siqiniseka ukuthi siyamxhasa uSexwale okhethweni lukaFifa oluzayo. Lesi nqumo sithathwe yiNEC emva kokuthi lo somabhzinisi enze izinhlelo-ncazelo zakhe (presentation) phambi kwalikomiti. Inhlangano yomhlaba yebhola iFifa uzobamba ukhetho lwakhe ngonyaka ozayo ngoFebruwari 26 ukuze kuvalwe isikhundla esesikhulunyelwe kakhulu sikaMongameli uJoseph “Sepp” Blatter.

“Isinqumo sithathwe ngo elethu futhi iwonkewonke weNEC yeSafa kanti noCaf uzotshelwa ngalesi nqumo sethu. Sizoxoxisana futhi neCaf siwuSafa ukuthi siqhubeka kanjani phambili, “kubeka uMongameli weSafa uDr Danny Jordaan.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.