Abaholi bamabandla nezikhungo zezenkolo ziyikhokhe intela?

2017-07-26 06:02

IKHOMISHANA i-CRL, phecelezi i-Commission for the Promotion and Protection of the Rights of Cultural, Religious and Linguistic Communities, ikhiphe umbiko ngeledlule oqukethe iziphakamiso esinye sazo esithi abaholi bamabandla kanye nezikhungo zezenkolo kumele zibhaliswe ukuze zizokhokha intela njengamanye amabhizinisi kuleli.

Umbiko walekhomishana ulandela uphenyo lwayo ngamasonto akuleli emva kwemibiko ngabaholi bamabandla okubikwa ukuthi bebedlisa abantu utshani, izinyoka bephinde bebaphuzise uphethiloli kanti kwezinye izigameko abantu bebefuthwa ngemithi yokubulala izinambuzane.

Esinye isiphakamiso esibekwe umbiko wokugcina walekhomishana sithi abantu bokufika eNingizimu Africa kumele badlule kwinqubo yokubahlaziya enzima ngaphambi kokuthi bevunyelwe ukuvula amabandla kuleli.

Leliphephandaba libenengxoxo nabaholi bamabandla abazinze eMgungundlovu ukuthola umbono wabo ngalolu daba.

Usihlalo wenhlangano ehlanganisa izinkolo ezahlukene, uMgungundlovu Interfaith Movement, uMfundisi (uMfu.) Caleb Mbokazi uthe abaholi bamabandla banezikhalazo ngalezi ziphakamiso ikakhulu ngokwakhiwa kwekomidi lekhomishana i-CRL. Uthe bakhala ngokuthi abantu abekade bekwikhomishana abanaso isipiliyoni sokushumayela nokusebenza kwezenkolo nokuphathwa kwamabandla.

“kwenzeka kanjani ukuthi bona bazithole sebesezihlalweni zokuthi bathathe izinqumo ezithinta izinceku. Yebo kukhona okungasithokozisi, nokungasijabulisi ngokwenziwa abanye bethu kepha bekungakuhle ukuba sithole abantu abamukantshubomvu kwezenkolo ukuthi besaluleke thina esisagijima endimeni yevangeli, akungahlali phambi kwethu abantu abangekho endimeni efanayo nathi bese bezebesishayele imithetho,” kusho uMfu. Mbokazi.

Uthe abaholi bamabandla abaphikisani nemithetho yezwe nokukhokhwa kwentela kodwa basola uhulumeni ngokuthi kungabekwa umuntu ongumholi webandla kuyona ikhomishana.

UMfu. Mbokazi uqhube wathi nabo njengabaholi bezenkolo banazo izikhalo ngezinye izigameko ezenzeka emabandleni njengokufuthwa kwabantu ngomuthi wokubulala izinambuzane kodwa uthe umbona wabo uthi udaba lwalolu uhlobo kumele lubhekwe abantu abangaphakathi kwezenkolo.

Uthe zikhona izinhlangano zabazalwane nezinhlaka ezingamela ukusebenza kwaboholi bezenkolo ezinezinhlelo nemigomo nemithetho okumele abafundisi beyilandele.

Ephetha, uthe uma kungenzeka ukuthi isiphakamiso sekhomishana esithi abaholi bamabandla nezikhungo zenkolo kumele zikhokhe intela kuzoba nzima ukuthi uhulumeni ukwazi ukulawula lesosimo ngenxa yesibalo esiningi samabandla akhona noma nokungabikhona ukubambisana phakathi kukahulumeni nabazalwane ikakhulukazi labo abangagculisekisile ngabantu ababekwe kwikhomishana.

“Enye into engenza ukuthi kugcine kungasalawuleki ukuthi kungenzeka kugcine sekukhona abakhokha intela ukudlula abanye ngoba begqamile baziwa kanti kube khona abacashela uhulumeni ngoba bengafuni ukukhokha intela,” kusho uMfu. Mbokazi.

UMongameli uSokhela webandla i-Presbyterian Church of Southern Africa - Pietermaritzburg uthe yena usibona siyinto elungile isiphakamiso esithi abaholi kanye namabandla abawaholayo kumele bekhokhe intela ngoba bangaphansi kukahulumeni njengawowonke umuntu.

Uthe kumele ngabe kukhona ibhodi elilawulayo kwezenkolo eliholwa abafundisi abaqotho elizoqikelela ukuthi abantu abagcotshwa ukuthi bebe abefundisi baqeqeshwe ngokwanele futhi ngokufanelekile. “Angeke ngilale namhlanje nginguSokhela ngivuke ngakusasa sengiwuMfundisi uSokhela. La eNingizimu Africa sekuwuthela wayeka uma uyakwamanye amazwe angeke ufike uzenzele umathanda kodwa la umuntu wokufika uvele afike abe umfundisi akhande ibandla agcine eseganga ngabantu, izinto kumele zihambe ngomthetho,” kusho uMfu. Sokhela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Buying a puppy? Don’t get scammed!

Hundreds of complaints are filed every year from victims who were scammed when buying a dog online.

 
 

Paws

WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
11 animals before and after they were adopted from shelters
Competition pet grooming – creative or too extreme?
5 Celebrities who are afraid of animals
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.