Abamatekisi bathole isisombululo

2017-08-09 06:03

IZINHLANGANO zamatekisi ase Azalea nawase 3&J zibe nomhlangano ngoMsombuluko, ngomhlaka 30 kuJulayi, ukulungisa udaba olususe umbhikisho eMbali Unit 3 eduze kwenxanxathela yezitolo i-Greater Edendale ngeledlule, ngoLwesithathu ngomhlaka 26 kuJulayi.

Kubikwa ukuthi imbangela yalombhikisho ukuthi abashayeli bamatekisi akwaPata nawase Azalea bebefuna ukuvunyelwa ukuthi belayishe kumzila wakulendawo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Colonel Thembeka Mbhele uthe: “Singakuqinisekisa ukuthi ngoLwesithathu kube khona umbhikisho e-Edendale lapho khona izinhlangano zamatekisi bezibanga umzila. Amaphoyisa awayitholanga imibiko ngokucekelwa phansi kwezakhiwo noma ngokulimala kwabantu,” kusho yena.

Kepha usihlalo womkhandlu wesifunda saseMgungundlovu we-South African National Taxi Council (Santaco) uMnu. Bheki Sokhela uthe inhlangano yamatekisi akwaPata ayiphumelelanga kulomhlangano kodwa ixolisile.

“Laphana isivumelwano esasikhona nabenxanxathela yezitolo sasithi njengoba kukhona imboni yamatekisi lapha enzansi zonke izimoto ezifuna ukulayisha kuleyandawo kumele zisebenzise leyamboni,” kusho uMnu. Sokhela.

Uqhube wathi izinhlangano zamatekisi ase 3&J, awase Pata kanye nawase Azalea zisungule enye imboni lapho okusuke khona umsindo ngeledlule. “Emhlanganweni sibe sesiyithola indaba ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi basebenzisane, kodwa indlela abasebenzisane ngayo ayilungile ngoba laba ababili bekungafanele belayishe kuleyandawo,” kusho uMnu. Sokhela.

Uthe izinqumo ezithathiwe emhlanganweni wangoMsombuluko zithi isivumelwano somlomo esenziwa yilezinhlangano asilungile ngoba kumele kulandelwe umthetho wezitifiketi zemvume.

“Okwesibili ukuthi imboni le esibange umsindo laphaya kumele iphele amatekisi alayishe enzansi lapha emgodini hhayi la okusuke khona umsindo,” kusho uMnu. Sokhela.

Uthe esinye isinqumo esithathwe kulomhlangano sithi amatekisi ase 3&J awavumelekile ukuthi avimbe isango lenxanxathela yezitolo. “Ayilayishe la elayisha khona kodwa ingavimbi lapahaya, kune sitobhi lapha ngemuva ayime esitobhini ingayi ukuyovimba esangweni,” kusho uMnu. Sokhela.

Ekhuluma naleliphephandaba ngoMsombuluko ngemuva kwalomhlangano uthe lezinqumo seziqalile ukwenziwa.

“Kukhulunyiwe kwavumelwana baxolisa laba abanye ngomsindo osuke ngaleyandlela. Bekungafanele kusuke umsindo ngaleya ndlela ngoba kukhona abekade becushisiwe bekufanele ukuthi uma sekukhona abanenkinga ikhulunywe hhayi ukuthi behambe beyovimba umgwaqo,” kusho uMnu. Sokhela

Usihlalo wenhlangano yamatekisi ase Azalea uMnu. Dumisani Sibisi uthe: “Sithathe isinqumo sokuthi lemboni yamatekisi ebeyakhiwe izinhlanano ezintathu okungu 3&J, u-Azalea kanye noPata angeke isasebenza kusukela namhlanje, imboni esizo sebenza imboni engaphansi,” kusho yena ekhuluma naleliphephandaba ngemuva kwalomnhlangano obungoMsombuluko.

CONTINUED ON PAGE 5

Uthe inhlangano yamatekisi ase Azalea ayiphikisani nezinqumo ezithathwe emhlanganweni.
Usihlalo wenhlangano yamatekisi ase 3&J uMnu. Xolani Msimango uthe: “Isifunda sithathe isinqumo sokuthi kumele ivalwe lemboni yesikhashana okusho ukuthi abafisa ukulayisha idolobha kumele beye embonini engaphansi kwenxanxathela yezitolo bengayi phezulu.

Thina njengo 3&J sivumelene nesinqumo lesi esithathwe isifunda futhi sikubona njengento elungile ngoba thina sasikade sithi sikwenza lokhu ngoba sithi sikhanda umoya wokuzwana nomoya wokuthula kanti senzela abantu abazobuye besivukele esiswini.” Uthe kulomhlangano kuvunyelwene ngokuthi amatekisi ase 3&J akumele ephazanyiswe emzileni wawo kodwa futhi nawo amatekisi ase 3&J akumele avimbe isango lenxanxathela yezitolo.

Uqhube wathi abaphathi benxanxathela yezitolo babhalelwe incwadi ukubazisa ngalezinqumo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.