Abase Sweetwaters ne-albhamu entsha

2016-08-03 06:00
PHOTO: supplied Amanye amalunga eqembu lase Sweetwaters iSweetlove uSboniso Biyela no Zodwa Hlongwa.

PHOTO: supplied Amanye amalunga eqembu lase Sweetwaters iSweetlove uSboniso Biyela no Zodwa Hlongwa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KULINDELEKE ukuthi iphume maphakathi no Agasti i-albhamu entsha yeqembu lase Sweetwaters elenz umculo we-Kwaito iSweetlove.

Le-albhamu esihloko sayo sithi ‘Taxi love story’ ihlolose nge-single esanda kuphuma enesihloko esifanayo. Leliqembu linamalunga amathathu okungo Sihle Didi, Zodwa Hlongwa no Sboniso Biyela.

Ekhuluma ne-Maritzburg Echo uDidi uthe yize isingle yabo entsha isanda kuphuma abantu abaningi bakhombisa ukuyithakasela kakhulu. “Okwamanje izinto zihamba kahle kakhulu, nengoma yethu, abantu abaningi bayayincoma kakhulu ngoba ingoma ekhuluma ngento abantu abaningi aseke badlula kuyona. Abanye abalandeli bayasibuza nokuthi siyikhipha nini imusic video yalengoma.”

Le-albhamu bathi izoba nezingoma eziyisishiyagalombili kanti bathi baqale ukuyiqopha ngonyaka ka 2013. “Kusithathe isikhathi eside ukuthi siyihlanganise le-albhamu, besingafuni nje ukutatazela kodwa sithathe isikhathi sethu ngoba sifuna ukukhipha umsebenzi osezingeni eliphezulu. Yingakho ingxenye yamaculo esiwenze kulonyaka siwaqophele e-studio sakwa SABC eThekwini,” kusho uDidi.

Uthe yize bedume njengeqembu le-Kwaito kule-albhamu benze okuhlukile ngoba befuna ukujabulisa bonke abathandi bomculo. “Sizamile ukuthi sifake nesingqi se-Afro Pop kanye ne-Poetry kule-albhamu. Sifuna wonke umuntu oyilalelayo ayithakasele.”

Leliqembu lithe kumanje linenkontile yeminyaka emini nesitebele somculo saphesheya kwezilwandle iUnomas Digital Records nezodidiyela kabusha lengoma bese iyidayisa emhlabeni wonke jikelele.

“Ngokuhamba kwesikhathi sizokwenza i-music video kanti sifuna ukusebenzisana nabantu bakhona eMgungundlovu uma sesiyithwebula. Asifuni ukuthatha abantu bakwamanye amadolobha.”

Le-albhamu bathe ididiyelwe uSina The Producer kanti kumanje isesigabeni sokugcina sokuphekwa e-studio. I-albhamu yabo bathe izotholakala ku-iTunes kanye nakuBitport.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

DUT closed for the week

12 minutes ago

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.