Abazali bafuna umnyango ungenelele eLaduma

2017-08-30 06:01

ISIGUNGU esingamele isikole, i-school governing body (SGB), samabanga aphakeme iLaduma eKwaMpumuza kanye nabazali babafundi bakulesi sikole babenomhlangano ngeSonto, ngomhlaka 20 ku-Agasti, emuva kombhikisho wangoMsombuluko, ngomhlaka 14 ku-Agasti, wabafundi abekade bekhala ngokuthi abanaye uthisha wesifundo se-physics.

Ezinye izikhalo zabafundi bezimayelana nokungaphathwa kahle ibamba sekela likathishanhloko wesikole kanye nabanye othisha.

Abafundi babhikisha nje kukhona uthishanhloko osandokushiya isikhundla sakhe kulesi sikole ekhala ngokuthi abasebenzi ngokufanelekile othisha kanti ngokwembiko etholwe yileliphephandaba abafundi bancamela yena lothishanhloko oshiyile ngoba bethi ibamba sekela likathishanhloko elikhona alizithatheli phezulu izikhalo zabo.

Umhlangano we-SGB nabazali uphethe ngokuthi kumele kubhalwe incwadi ezothunyelwa kuNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal enezikhalo zabazali mayelana nokwenzeka kulesikole.

Lencwadi ebhalwe abazali ibikhala ngokuthi isikole asiphatheki kahle, othisha bangamaqembu ahlukene kanti futhi abafuni ukusebenza ngakho-ke abazali bafuni ukuthi umnyango ungenelele uzobheka isimo sakulesi sikole.

Leliphephandaba lithole ukuthi lencwadi ethunyelwe kuNgqongqoshe ibihambisana nencwadi ebhalwe uthishanhloko oshiye isikhundla sakhe kanye nephethe izikhalo zabafundi.

Emhlanganweni wangeSonto kuvele ukuthi uthisha wesifundo se-physics ozolekelela esikoleni ugcine etholakele kodwa kukhona abazali abakhale ngokuthi izingane zabo zithi azimuzwa kahle lothisha uma efundisa ngenxa yolimi alusebenzisayo njengoba eqhamuka esifundazweni sase-Eastern Cape.

Kulomhlangano kuphinde kwavela ukuthi sekube khona izigameko ezimbili zabantu abangena emagcekeni esikole bephethe izibhamu.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngenyanga ka-Mashi kuwona lonyaka kwadutshulwa owaye ibamba likathishanhloko kulesi sikole uNksz Priscilla Mchunu kanti namanje amaphoyisa asathungatha abasolwa njengoba kungaka boshwa muntu mayelana nalelicala.

UNksz Mchunu wadutshulwa phambi kwabafundi bakhe bakamatikuletsheni ngempelasonto ababelungiselela izivivinyo zabo.

Abazali bakhale ngokuthi izigameko zalolu hlobo zikhombisa ukuthi onogada ababekwe esikoleni abawenzi kahle umsebenzi wabo futhi abakwazi ukuvikela abafundi nothisha bakulesi sikole.
Kufundwa incwadi ephethe izikhalo zabafundi emhlanganweni wangeSonto, kuphinde kwavela ukuthi abafundi ababekhona ngenkathi kudutshulwa uNksz Mchunu bakhale ngokuthi abakaze bekuthole ukwelulekwa okufanelekile njengoba lesisigameko sabahlukumeza kakhulu.

Okunye okuphinde kwavela kulomhlangano ukuthi onogada basesikoleni bebeshela izingane zesikole.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu. Kwazi Mthethwa uthe umnyango usunalo ulwazi ngokwenzeka kulesi sikole.
Uthe umnyango uzibophezele ekuqikeleleni ukuthi lesikole sibuyela ekusebenzeni ngendlela efanelekile kanti futhi abafundi kanye nothisha bazizwa besendaweni ephephile.

Uqhube ngokunxusa amalungu omphakathi anezikhalo ngezimo ezithinta ezemfundo ukuba bexhumana nezisebenzi noma nezikhulu zalomnyango kunothatha isinqumo sokuteleka.
Kwesinye isigameko esenzeke emasontweni adlule, othisha basesikoleni samabanga apahekeme KwaMpande High School, bafica imibhalo esabisayo ibhalwe ezindongeni zalesi sikole obekade ubhalwe ngopende obovu ezindongeni kusatshiswa omunye wothisha kuthiwa akasule okanye uzofa. Lokhu kuholele ekutheni othisha bangabe besalubhada esikoleni.

Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni emibili eyedlule uThishanhloko wasesikoleni samabanga aphansi iVilla Maria uNkk Nokthula Magwanyana wathola imibhalo efanayo akuphelanga sikhathi singakanani watholakala esebulwe, kanti kuze kube imanje abakatholakali ababulali bakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.