Abazalwane abafunde ukuphonipha

2015-12-09 06:00

MHLELI: Kukhona into esiphenduke insakavukela umchilo wesidwaba. Kakusavumi mangithule konakala. Indaba inabazalwane abangayihloniphi imindeni eshonele.

Kudingeka sifakane endleleni, kuzobasiza abazalwane ukwazi ukuthi abantu abasuke beshonelwe umndeni loyo. Uma bona bezoduduza umndeni abalandele okushiwo yiwo umndeni. Ukuthi umuntu benikhonza naye akusho ukuthi sekumele nenze intando yenu.

Kuyasiza-ke ukuthi ngenkathi nizwa nje ukuthi umuntu ushonile nisondelane nomndeni kusukela kusenziwa amalungiselelo, nisho igalelo lenu kusuka phansi, bese nikucacisa ukuthi niyothokozela ithuba elingakanani, isiphi isandla enizosifaka ngakwezezimali. Akusizi ukugabisa ngokuthi umuntu owenu, benikhonza naye kodwa ningawukhiphi umnikelo.

Akube umuntu wenu nangasezimalini, ningajahi ukuthenga ingubo yokulala, nijahe ukuthi ahambe nayo. Akubalulekile ukuthi umuntu uhambe nayiphi ingubo ngoba vesi kakuyona engenisa ezulwini. Uthando lukhombiseni ngomnikelo obhekile, hhayi amashumi lawa enifika nawo bese nifuna ukushaya imithetho eyishumi.

Bazalwane ake nizifundise ukuhlonipha imindeni eshonelwe. Uma nisuke nizoduduza ngempela, yekani ukufuna kugcinwe imithetho yenu, umndeni oshonelwe uze ugcine sewungawenzi amasiko esibongo sawo.Yekani ukugxeka amasiko okanye nezinye izinkolo. Okukusebenzelayo wena kuncome ungakugxeki okwami ngoba mina kuyangisebenzela.

Uhlelo lomngcwabo lwenziwa umndeni ngakho-ke kakumele umndeni ushintshiswe umuntu ofika namhlanje ngoba kushoniwe oyobuya emva konyaka sekuzokwembulwa itshe. Asizifundise ukulalela imindeni esosizini, sijabulele lokho abazosinika kona. Uma isonto lakho lifuna ukumhlangabeza emakhazeni umuntu, zihleleleni nina ngokokuhamba, niziphathele namakhekhe enizowadla uma senifike ekhaya, sewunganizama ke umndeni ngetiye nejusi, noma nedrink ‘ubabakasebenzi’.

Uma nishumayela khumbulani ukuthi kukhona nomakhelwane, nezihlobo ngokho ke shumayela ngendlela eyakhayo. Hlawumbe uqephuza kangaka ugxeka ezinye izinkolo umuntu othwale zonke izindleko zomngcwabo ukhonza kuleli bandla oligxekayo. Lo obukhonza naye akazihlelelanga nawe futhi akaze umakhe ngokuthi azihlelele ngoba ihora nomzuzu (wokufa) sonke kasikwazi. Musa ukufuna ukwakha ibandla lakho ngenkonzo yomngcwabo.

Umuntu okholwayo simbona ngokuba alalele, avume futhi ukuholwa. Amabandla maningi kanjena nje yingoba bonke abantu bafuna ukuba abaholi. Uyahola ebandleni lakho la kwaMbomvu uzoholwa yimi, ngoba yimi oshonelwe. Ngizokucela ungicushise lapho ngingaboni kahle khona.

Asingaphumi emngcwabeni sephuke imimoya ngenxa yakho nesonto lakho.

bongani mzo ngubane e-Ashdown

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Jordaan missing in action

17 minutes ago

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.