Ahoxisiwe amacala abebhekene noShabalala

2016-11-09 06:01
PHOTO: nokuthula khanyile UMnuz Bonginkosi Shabalala nommeli wakhe uPhumlani Fakude.

PHOTO: nokuthula khanyile UMnuz Bonginkosi Shabalala nommeli wakhe uPhumlani Fakude.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AGIYE ngaphandle kwenkantolo kamantshi eMgungundlovu ngoMsombuluko amalunga omndeni wakwaShabalala emuva kokuhoxiswa kwamacala okubulala abebhekene noBonginkosi Shabalala (40) waseMaqeleni.

UShabalala obesolwa ngokubulala abesifazane ababili ababengamalunga e-ANC mhlaka 8 kuJuni nonyaka ubevele kafushane enkantolo njengoba bekulindeleke ukuba kuphume isinqumo mayelana nokuthi icala lakhe lizodluliselwa kuyiphi inkantolo lapho liyobe seliqala khona ukuqulwa.

Kwenzeke obekungalindelekile ngesikhathi umbuso ukhipha isinqumo sokuthi uyawahoxisha amacala abebhekene nomsolwa ngenxa yokushoda kobufakazi.

UShabalala waboshwa emuva kokudutshulwa kubulawe ngesihluku uBadedile Ntshapa (54) noPhetheni Ngubane (60).

UNtshapa noNgubane badutshulwa ngentululwane yezinhlavu bevela emhlanganweni wegatsha le-ANC ku-ward 15 eMehlokazulu High School.

Kuthiwa laba ngesikhathi sebehamba bebuyela emakhaya, bavinjezelwa abasolwa abavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kubona, UNkk Ntshapa washonela endaweni yesigameko kwase kuthi uNkk Ngubane yena washonela esibhedlela ngosuku olulandelayo.

Eqala ukuvela enkantolo uShabalala kwakulindeleke ukuba avele nabanye abasolwa ababili kodwa kwabuye kwathiwa amacala abo ahoxisiwe ngoba ubufakazi obubaxhumanisa nalelicala bungekho.Umshushisi uNkk Patti David watshela inkantolo ukuthi umsolwa waboshwa ngoba omunye wabashona akwazi ukuthi amgagule ngaphambi kokuba adlule emhlabeni.

Indodana kaNgubane uLindokuhle uthe bebengayile enkantolo kodwa bezwile ngesinqumo.

“Engingakusho nje ukuthi asineme ngesinqumo senkantolo, sithukile ngoba icala belingakaqulwa nokuqulwa njengoba selizophelela emoyeni. Okusixakayo ukuthi yini ebiyenza liloku lihlehla uma vele ubufakazi bebengekho kwasekuqaleni.”

Uthe okubaphatha kabi ukuthi nomphenyi wecala ubengaxhumani nabo njengomndeni abazise ukuthi luhamba kanjani uphenyo.

“Selokhu samgcina ngosuku lwesigameko umphenyi wecala, akakaze azihluphe ngokuthi axhumane nathi asazise ukuthi kuqhubekani. Ithina ekufanele simlandele.”

Enye indodana kaNgubane uSbu Ngubane uthe isinqumo senkantolo sibeka ngokusobala ukuthi abantu besifazane bangabulawa noma ikanjani.

“Lesinqumo sikhombisa ukungayikhathaleli impilo yomuntu wesifazane. Kukhipha isithombe sokuthi abantu noma bangabulala ngeke bashushiswe. Siphathe kabuhlungu kodwa akusenani angeke siphikisane nesinqumo senkantolo. Thina angeke sikwazi nokuqhubeka nezimpilo zethu siphole ngokubulawa kukamama singakamazi umbulali futhi engakabhekani nengalo yomthetho.”

Umndeni wakwaNtshapa uthe ucela ukungaphawuli mayelana nesinqumo senkantolo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/Sport

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.