Akulungiswe ibhola eKZN

2016-02-17 06:00

ISIMO samaqembu ebhola eKZN sithanda ukungabi sihle uma ubheka izindawo zamaqembu akwelaMthaniya. Inkinga lena esibhekane nebhola kulesi sifundazwe iminyaka eminingi.

Ingabe inkinga ikuphi ngoba uma ngabe ngingaphosisi isifunda lesi esinabantu abaningi ukuzedlula zonke. Amaqembu asesigabeni esiphezulu awasebenzi kahle, kuthi esilandelayo ithuba lokukhuphukela phezulu alicaci. Akuthembisi futhi ukuthi kwiLigi kaMotsepe kungakhona ophumelelayo.

Isikhathi esiningi azikho izimfihlo empumelelweni. Imfihlo mhlawumbe ukwenza imisebenzi ngendlela eqondile. Ukukhula kwebhola kuncike ekuphathweni kwamaqembu namaligi ngendlela eqondile enobulungiswa. Ekuqeqeshweni kwabadlali ngendlela elungile kanye nokusebenza konompempe ngokuthembeka.

Isimo sesifunda ekuphathweni kwamaligi aphansi akuwasizi amaqembu ethu ukuthi akhule. Kumele abaphathi babe nothando lomsebenzi kunezikhundla. Ukuhlelwa kwemidlalo into okungafanele ibe inkinga kodwa uthola amaqembu sekufanele adlale imidlalo ngamibili kuzimpelasonto ngenxa yobudedengu beziphathimandla. Iligi igcine idlale izinyanga ezintathu ekubeni unyaka unezinyanga eziyishumi nambili. Abantu bakithi babudedengu ekuhleleni izinto. Lesi isimo ngeke usithole lapho kuphethe abaseNdiya noma abaMhlophe.

Kugcine ngeMoja FC iphethwe uMandla nezelamani zakwaMhlongo iqeqeshwa uManqoba Mnqithi ukuba neqembu elikhuphukela kuNational First Division. Inkinga enkulu kulesi sigaba imidlalo ephuzayo ukuqala kugcine kudlalwa naphakathi nezinsuku. Ingabe kuyaqondwa yini ukuthi iningi labadlali kulesi sigaba lisezikoleni? Izinga lonompempe nenkohlakalo akusizi ekutheni kukhuphuke amaqembu akulungele ukuya phezulu. Kungakuhle abaphathi bafake imali ekulungiseni izinga lokudlala kunokukhokhela onompempe imali embi. Ku SAB lapha eMgungundlovu onompempe benza kahle. Amaphutha bayawenza njengabadlali nabaqeqeshi. Kungakuhle abaqeqeshi bagxile ekulungiseni amaqembu abo kunokulwa nonompempe kungenasidingo.

Mhlawumbe nalo-R300 okhokhelwa onompempe abathathu kumele ulungiswe. Ngiyacabanga ukuthi abaxhasi bebhola kumele bafake imali ekuphuculeni amaholo onompempe. Unzima lomthwalo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.