Alibuyiswe iphoyisa lomgwaqo kungaze konakale

2016-03-02 06:00

MHLELI: Ake ngicele ungiphe isikhala kwelakho lodumo ngike ngibuze kwiziphathimandla zakwamasipala wethu eMsunduzi ukuthi lashonaphi iphoyisa lomgwaqo ebelilekelela ukuwelisa izingane zesikole ezimpambanweni zomgwaqo eStage 1.

Le ndawo iqhamuka izingane ezisuka kwaDambuza, Sigingqini naseGeorgetown ziwela ziya ezikoleni ezehlukahlukene kanjalo nangamazinga azo ngisho nezasezinkulisa.

Indlela ezisuke ziningi ngayo izimoto ezehla zenyuka emgwaqeni omkhulu kubanzima ngendlela eyisimanga ukuthi ziwele. Kwesinye isikhathi ngaphambi kokuba sigibele nabanye abazali size siqale silekelele ukuthi siziwelise. Nabashayeli bezimoto iningi, labo abananhliziyo, bayathunukala ngoba ngisho sezithithiza phakathi nomgwaqo abehlisi amajubane, okunalokho bashaya amahooter.

Ziyotatazela-ke ziyaphambili nasemuva, kube nzima. Sekwabuye kwavuleka nakuleli cala eliqhamuka ngaphakathi endaweni yaseGeorgetown elalivaliwe phambilini nosekwenza kuxake kakhulu kunakuqala. Ngiyacela ibuye ibhekisiswe indaba yokuyekiswa kwephoyisa elalilekelela laphayana, libuyiswe ngaphambi kokuba kwenzeke umonakalo omkhulu.

Ngizothanda ukubonga umfowethu thizeni oseqale ukuzolekelela ukuziwelisa kodwa uthwele kanzima ngoba abamhloniphi abashayeli abaningi. Ngenhlanhla ngiyazi sinaphathi abalalelayo ngakho sobona sekunomnyakazo ngokushesha.

mFANAFUTHI ‘JIKA PANTSULU’ NZUZA eSigingqini

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.