Asiqapheleni amaphara eMphithi

2017-02-22 06:02

NGIFUNA ukuqala ngibonge isenzo esihle sabaphathi bedolobha ngokuvala indawo yaseMatsheni ngendlela isimo sayo ebese singesihle ngayo.

Angifuni ukuqamba amanga bengisaba kabi ukungena kuleyandawo. Kodwa ke siyaqonda ukuthi khona abantu abebesebenzela kuyona bethola imali yokuziphilisa nemindeni yabo futhi ngokuthembeka bengaphul’umthetho kodwa ngenxa yeningi ebelenza ububi phakathi kuyona bahlukumezeka ngokuvalwa kwayo. Siyajabula ngoba sizwile ukuthi kunezinhlelo zokuyivusa kangcono futhi kube nokuphepha phakathi. Inkinga ke leyandawo ibiyisidleke samaphara nokuthe ngokuvalwa kwayo achitheka imigwaqo yonke yasezansi nedolobha.

Ahamba ngamaningi futhi ayingozi enkulu kabi. Nami aseke athi ukungilandela nje ngenxa yokuphatha ubhazabhaza kamakhalekhukhwini (tablet) ngesandla kodwa ngasheshe ngawabona ngazingenisa esitolo esiseduze ukuwadidisa. Ezinsukwini nje ngidlule kugcwele amaphoyisa kuPitimane ezansi noRetief kanjalo nawo ememeza ebanga umsindo. Ngithe mangithola ngabazibonele ebelwa nabonogada ejikijela nangamatshe. Kumele sicele ezikhulwini zamaphoyisa zandise abakwasidlodlo kuleziyazindawo kungaze kuthiwe alubuyi olubuyayo kuzona.

Nathi ke bantu asiqapheleni ngempela masihamba laphayana emarank ako Retief kuya ezansi ngoba amehlomane amaphara. Ngize ngezwa isalukwazi sixoxa nomunye ngiqhamuka ku East Street sithi ‘Hayi abhokile bo nalamaphala mntanammi kulezizinsuku kaze sokwenze njani’. Lokho kukutshela ukuthi isizwe sizibona singaphephile ikakhulukazi makubalisa isaguga.

MFANAFUTHI ‘JIKA PANTSULA’ NZUZA

Emphithi

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.