Bafisa ukuphakamisa ifulegi laseMgungundlovu

2017-07-05 06:02
Isithombe:SithunyelweAmalungu eqembu elenza umculo we-Kwaito uPhumlani Madondo kanye no-Cyril Mchunu bathi bafisa ukuthi uMgungundlovu ube yindawo ehlonishwayo emculweni we-kwaito.

Isithombe:SithunyelweAmalungu eqembu elenza umculo we-Kwaito uPhumlani Madondo kanye no-Cyril Mchunu bathi bafisa ukuthi uMgungundlovu ube yindawo ehlonishwayo emculweni we-kwaito.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BATHI bafuna ukuthi ngelinye ilanga uMgungundlovu udlale indima ebalulekile kumculo we-kwaito.

Abaculi be-kwaito abazinze kwaPata abazibiza nge Le-Team, uPhumlani Madondo, oneminyaka engu-23, kanye no-Cyril Mchunu, yena oneminyaka engu-28, bathi bafuna ukuthi indawo yaseMgungundlovu ibenegama elihloniphekile kuhlobo lomculo we-kwaito ngokuthi wonke amaqembu enza lomculo avela kulendawo asebenze ngokubambisana ukuze kuzoba khona intuthuko kwezomculo.

“Akumele kube khona othi yena ugcono kunomunye, ngaleyondlela singaya phambili,” kusho uMchunu.

Ebeka owakhe umbono ngalolu daba, uMadondo yena uthe okunye okubalulekile ukuhloniphana nanokuthembela kumdali.

Leli qembu liqhube ngokunxusa iziteshi zendawo ukuthi zidlale umculo wakuleli, ikakhulukazi lo owabaculi abasazama ukuzi khandela igama ukuze umsebenzi wabo uzo sabalala izwe lonke.

“Kodwa sinephupho lokuthi ingoma yethu ethi iPhimbo igcine ingenile kwi-Top 10 yakuKhozi FM,” kusho uMchunu.

Bathe iqembu labo lasungulwa ngonyaka ka-2012 emva kokubona ukuthi uma bengahlanganisa amakhona abo okudansa nokucula bengakhulu kwezobuciko.

“Noma sahlangana ngo-2012 kodwa sobabili saqala ukucula ngonyaka ka-2008 sisebenza ngokuhlukana,” kusho uMadondo.

Uqhube wathi basebenza ngokubambisana njengamalungu aleliqembu yingakho bekholelwa ekutheni ukubambisana kwabantu abahlukene kunemiphumela emihle.

“Sesike sasebenza noSandile Zulu, Hostly Deep, uMadiza engomeni yakhe ethi Batshele Bak’thelele, u-Bishop Noise eyakhe ethi Kwaphela Abantu, kanye ne-TT Boys engomeni yabo ethi Koshon’ iLanga.

Ukusebenza nalabantu bonke kusenze sakhanyiseleka ezintweni eziningi ekade singazazi futhi njengoba kungabantu abadala kulendima yomculo kusijabulise kakhulu ukusebenza nabo ngoba sithole ulwazi oluningi esigcine silusebenzisa ukuqopha lezingoma esinazo njenga manje,” kusho uMchunu.

Uqhube wathi izinhlelo zabo zisenkulu kanti futhi bazimisele ukusebenza ngokuzikhandla ukuze bezophakamisa ifulegi laseMgungundlovu kuhlobo lomculo we-kwaito.

UMadondo uthe njenge qembu sebeke bathola ithuba lokunandisa emicimbini eyahlukene la eMgungundlovu.

“Sike sanandisa kwinxanxathela yezitolo yase Edendale, emcimbini kaMafridge, enkundleni yezemidlalo yase Wadley, e-Richmond Victoria Bar, Sprytz Lounge, Casanova, eKhuba’s e-Edendale, e-Y2K kanye nasemcimbini owawuhlelwe umasipala wesifunda uMgungundlovu,” kusho yena.

Ephetha, uMchunu uthe iphupho labo elikhulu ukuthi ngelinye ilanga begcine bekwazile ukusebenzela izinkampani ezinkulu ezinjenge West Ink, Kalawa Jazzmee noma i-Afrotainment.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.