Bafuna incazelo eMsunduzi TVET

2017-04-26 06:01
PHOTO: nokuthula khanyileKuphazamisekile ukufunda eMsunduzi TVET College ngoLwesibili.

PHOTO: nokuthula khanyileKuphazamisekile ukufunda eMsunduzi TVET College ngoLwesibili.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAFUNGA bayagomela abafundi baseMsunduzi TVET College ukuthi ngeke kuqhubeke ukufunda nokufundisa kulesikhungo kuze kube batshelwa ukuthi bayithola nini imali yonyaka wezimali ka 2016 evela kuNational Student’s Aid Scheme (Nsfas)okwakufanele bahlinzekwe ngayo.

Siqhubekile nangoLwesibili isiteleka salabafundi esesindonse amasonto amathathu emuva kokufika kwangqingetshe kwezingxoxo kwabamele abafundi i-SRC kanye neziphathimandla zalesikhungo.

Umengameli we-SRC, uSphume Mbanjwa uthe abafundi bafuna ubufakazi bokuthi lemali yacazwa kanjani ukuze bezobuyela emakilasini.

Uthe ngoLwesibili babe nezingxoxo emini neziphathimandla bezama ukuthi baxazulule isiteleka esisithikameze ukufunda.

UMbanjwa uthe abafundi baphoqeleke ukuthi badube amakilasi ngoba lokhu abakhala ngakho kuyabambeka futhi kuthinta ngqo abafundi ababamele kulesikhungo.

“Ziningi izinkinga ezikhona ngaphakathi kulesikhungo kodwa okukhulu okwemali yabafundi yangonyaka ka 2016 namanje engakafiki kubona futhi esingatholi kucaciseleka ngayo.”

Uthe lemali yakhishwa u-Nsfas kodwa namanje abafundi abakaze bayithole. Lemali uthe iyona ekwazi ukuhlangabezana nezidingo zabafundi iphinde ikhokhele nezindawo zabo zokuhlala.

“Wonke amanye ama-TVET College aseyitholile lemali acazela abafundi ngendlela inkinga isisele noMsunduzi kuphela. Abafundi bethu bayakhishwa ezindaweni abaqashe kuzo ngoba bengenayo imali yokukhokha kodwa ibe yakhishwa kwa-Nsfas.”

Uthe kulabo bafundi abayithola lemali yayingaphelele nokuyinto okwakungazange kuvunyelwane ngayo.

“Kukhona abafundi abathola imali engango R15 abanye oR30 bemali yokugibela inyanga yonke nokungawenzi umqondo. Umfundi angagibela kanjani ngemali encane kanje inyanga yonke.”

UMbanjwa uthe lokhu kuyahlupha ngoba kuba nomthelela ekutheni abafundi bagcine bengazanga esikoleni.

“Isikhungo sigunyaza ukuthi abafundi beze esikoleni izinsuku ezithile ngonyaka ukuze bahlinzekwe ngalemali kodwa lokhu kugcina kungenzekanga ngoba kwayona lemali abayitholi.”

Okunye athe kuphethe kabi abafundi ukuthi njengoba kuqhubeka isiteleka abakwazi ukubhala nezivivinyo zabo.

“Kusele izinsuku ezingu ezingu 21 kuqale izivivinyo zokuphela kwekota yonyaka. Izivivinyo ezandulela lezi zokuphela kwekota nazo abakwazanga ukuzibhala njengoba kutelekiwe.”

Uma sesiphelile isiteleka uthe abafundi bazobhekana nengcindezi yomsebenzi wesikole.

“Lokhu kuyasikhathaza kakhulu ngoba usuku lwezivivinyo alukwazi ukuhlehla lumile njengokomyalelo womnyango wezeMfundo ePhakame kanti muningi nomsebenzi osahlalele aba- fundi.”

Umfundi okhulume naleliphephandaba uthe okuxakayo ukuthi kufanele basayinde ezinye izinkontileka zokuthola imali ngoMeyi.

“Akukwazi ukuthi singasayiniswa izinkontileka ezintsha kodwa imali yango 2016 singakaze siyithole. Lento abayenzayo ibuhlungu ngoba kunabanye abafundi asebeshiyile nasesikoleni ngoba imali bengenayo.”

Izolo uMbanjwa uthe emuva komhlangano wabo neziphathimandla zesikhungo banqume ukuthi abafundi babuyele emakilasini ukuze babhale izivivinyo zabo.

“Ngicele ukuthi banginike yonke imininingwane yabafundi nokuthi bebeza kangaki esikoleni okunomthelela kulemali abahlinzekwe ngayo.

Sizobe sesibona ukuthi loludaba siyaphi nalo uma sesithole lemininingwane.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
There's an app for that: how apps have changed us

"There's an app for that" is more than just Apple's marketing mantra. Mobile apps have emerged over the last 10 years or so for practically every need in a person's day and changed our lives.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.