Bafuna indawo entsha abakhishwa ekhaya labadala

2016-07-13 06:00
PHOTO: nokuthula khanyile Omunye umonakalo okhona Ekuphumuleni Homes.

PHOTO: nokuthula khanyile Omunye umonakalo okhona Ekuphumuleni Homes.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAFUNA ukuhlinzekwa ngendawo yokuhlala kuqala ngaphambi kokuthi bakhonjwe indlela abahleli ngokungemthetho lapho okwakuyikhaya labadala, Ekuphumuleni Homes elokishini lase Sobantu.

Lokhu kuza emuva kokuthi umasipala woMsunduzi emhlanganweni womkhandlu mhlaka 9 kuMashi nonyaka, unqume ukuthi laba bakhishwe njengoba behleli ngokungemthetho. Umasipala wathi uzofaka onogada abazoqapha lendawo ubusuku nemini ukwenza isiqiniseko sokuthi abekho abantu abahlala kuyo.

Ohlala Ekuphumuleni Homes okhulume ne-Maritzburg Echo uthe abazimisele ngokuphuma ngaphambi kokokuthi umasipala abahlinzeke ngezindawo zokuhlala.

“Siyaxakeka uma umasipala esefuna ukusikhipha ngoshova ngoba sifike lapha kunesikhotha esicasha abafana be-Whoonga futhi lendawo ingasasetshenziswa muntu cishe iminyaka emine. Uma ungabuza omakhelwane, bazokutshela ukuthi bese belala obenyoni futhi nobugebengu budlangile kulendawo njengoba izigebengu bezicutha lapha zibamba inkunzi. Thina sifikile sagunda utshani, salungisa kahle sabe sesihlala,” kusho lomlisa othi baqale ukuhlala kulendawo ngoJanuwari nonyaka.

Lendawo inamagumbi angu 17 kanti kuvele ukuthi wonke agcwele njengoba kunemindeni eyahlukene ehlalayo. “Ukugcwala kwalendawo ngalendlela, kuyinkomba yokuthi umasipala awenzi okwanele ukuhlinzeka abantu ngezindlu. Indawo yase Sobantu cishe iyona yodwa kulamalokishi akhona engenalo uhlelo lokwakhiwa kwezindlu zemixhaso. Ngempela uma umasipala ethi asiphume kulendawo uthi sishonephi ngoba isiphenduke ikhaya lethu.”

Laba bathe cishe izikhungo eziningi ezingasasetshenziswa kulendawo zihlala abantu, “Uma nje ungabheka ehholo lomphakathi nakhona kuhleli abantu, eposini elidala nakhona kunabantu, ngisho nalapho okwakuyindawo eyayithungela izalukazi kudala kunabantu abahleli. Asinazo izindlu ngakho siyaphoqeleka ukuthi sigcine sesikhosela nanoma ikuphi.”

Omunye wabahlali utshele leliphephandaba ukuthi ukhishwa kwabo kulendawo kuyinjongo yabantu abathile abanomona.

“Umona nje wabantu abathile ngoba kungebona abacabanga kuqala ukuthi balungise lendawo bese behlala kuyo. Thina siyiphethe kahle lendawo ngoba siyigcina ihlanzekile futhi silungisa konke okonakele okubalwa namapayipi amanzi njengoba safica kugxaza amanzi nezigebengu zifika zizontshontsha ompopi nama gyser.”

Umasipala wathi kusalindelwe iziphakamiso eziqhamuka emkhandlwini ukuthi lendawo izosetshenziselwa ini.

Ikhansela lendawo uThandi Matiwane uthe uyazi ukuthi labantu bayagoloza ukuphuma kulendawo, “Kunothisha lapha nabasebenzi bakahulumeni engabe bayahamba bayoqasha izindawo zokuhlala bagweve nendawo yomphakathi. Abanye banamakubo kodwa abafuni ukuhamba.”

UMatiwane uthe baphakamisa ukuthi lendawo iguqulwe ibe yisikhungo sokuqeqesha intsha, “Lendawo sebeyiphendule isihongo ekudayiswa kuso izidakamizwa kanye notshwala okungeyona into enhle ngoba iseduzane ne-clinic. Lena indawo yomphakathi engasiza kakhulu, sinabafana lapha abangasathandi ukubhema iWhoonga kanye nabantu abagula emphakathini abangasebenzisa lendawo kodwa labantu abafuni ukuphuma.”

Uphethe ngokuthi umasipala kade athi uzokwenza imizamo yokukhipha laba abahleli ngokungemthetho kodwa namanje abakafakwa onogada.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.