Bafuna kuboshwe ngokushesha ababulali kolwase-Laduma

2017-03-29 06:03
PHOTO:FacebookUNksz Priscilla Mchunu odutshulwe phambi kwabafundi bakhe eLaduma High School ngoMgqibelo.

PHOTO:FacebookUNksz Priscilla Mchunu odutshulwe phambi kwabafundi bakhe eLaduma High School ngoMgqibelo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wakwaMpumuza uthi angeke uphumule kuze kube bayabanjwa abasolwa ecaleni lokubulawa ngesihluku kobebambe njengothishanhloko eLaduma High School kulendawo.

UNksz Priscilla Mchunu (54), ungqoklozwe ngesibhamu phambi kwabafundi bakhe ngoMgqibelo ekuseni amadoda amabili angaziwa agasele kulesikole.

Ngokuthola kwe-Maritzburg Echo lesigameko senzeke ngesikhathi efundisa umatikuletsheni njengoba belungiselela ukubhalwa kwezivivinyo zekota yokuqala yonyaka.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa asePlessislaer uKapteni Musa Ntombela kubikwa ukuthi kungene imoto yohlobo lwe-Yaris emhlophe emagcekeni esikole ebinezinombolo eziqala ngo NC yaqathaza amadoda amabili abe eseqonda ekilasini uNksz Mchunu abefundisela kulo.

“Lamadoda abemathathu emotweni kwabe sekwehla amabili aqonda lapho uthisha ebebhizi khona efundisa. Afike khona adubula ebhekise kuyena ngezinhlamvu ezingu 19 maqede aphuma ahamba,” kusho uNtombela.

Kuthiwa kube ubumayemaye abafundi behhayiza bephuma ngamawindi emuva kwesigameko.

Ngesikhathi amalunga omphakathi ebambe umhlangano ngoLwesibili athe angeke aphumule engakazi ukuthi ababulali bebethunyelwe ubani.

“Akusizi ukuthi sihlale lapha singazi ukuthi uNksz Mchunu ubulaweleni futhi umyalelo ubukhishwe ubani. Ngisho othisha abangaphakathi esikoleni angeke bakwazi ukuqhubeka nomsebenzi wabo ngoba abazi ukuthi ubani olandelayo futhi ngasiphi isizathu,” kusho elinye ilunga lomphakathi.

USihlalo we-School Governing Body (SGB) uMnuz Thabiso Ndabezitha uthe wathola ucingo ngoMgqibelo lumazi ngesigameko.

“Ngafonelwa elinye ilungu le-SGB lingazisa ukuthi sekudutshulwe uNksz Mchunu ngangakholwa. Ngazama ukumthinta ocingweni lwakhe kodwa labanjwa umfundi owayekhala washo ukuthi uthisha uselimele futhi abazi noma usaphila yini ngoba kugcwele igazi.”

Uthi wathi efika esikoleni waqonda ekilasini lapho uNksz Mchunu adutshulelwa khona .

“Ngamfica esalele phansi engakambozwa amaphoyisa esaqoqa ubufakazi. Izingane uma zingilandisa zithi lamadoda ehla emotweni ephethe izibhamu eyodwa yama ngasemnyango yagada enye yaqonda kuyena umemu yamdubula. “

Uthi abafundi bathi lamadoda adubula uNksz Mchunu maqede ahamba kepha eyodwa yaphinde yabuya futhi yazomqedela.

“Baqeda bangena emotweni yadla phansi. Izingane zithi ilapho zaphuma khona ngamawindi sezikhala zabaleka, zithi kwakungathi zibuka ifilimu.”

UMnyango wezeMfundo esifundazweni usuthembise ukuthi uzohlinzeka abafundi abathintekile kanye nothisha ukululekwa ngokwengqondo.

UNdabezitha uyiphikisile imibiko yokuthi kunombango oshubile owasuka emuva kokuqokwa kukaNksz Mchunu njengesekela likathishanhloko ngonyaka owedlule.

“Awukho umbango esiwaziyo thina njenge SBG. Yebo uthishanhloko usulile esikhundleni kulonyaka kodwa lokho ukwenze ngoba besekuvele kuyisikhathi sokuthi athathe umhlalaphansi hhayi ngoba engafuni ukusebenzisana noNksz Mchunu.”

UNksz Mchunu ubesefundise kulesikole iminyaka engu 25 kanti uqokwe njengephini likathishanhloko ngonyaka owedlule kwase kuthi uma kuhamba obenguthishanhloko waqokwa ukuthi abambe esikhundleni sakhe ngoFebhruwari.

Ikhansela lendawo nonguSomlomo kumasipala woMsunduzi uJabu Ngubo unxenxe amalunga omphakathi ukuthi asebenzisane namaphoyisa.

“Siyazi kunovalo ngokuthi kuzoqhubakalani esikoleni nokuthi basekhona yini othisha abasazoba nesibindi sokuzofundisa la, kushayisa novalo ngoba sonke sisesebumnyameni. Sicela kungabi khona isilingo sokuhlawumbisela njengoba kwenzeke lesigameko ngoba lokho kuzobhebhezelisa udlame. Asilinde umthetho uthathe indawo yawo.”

Namhlanje kulindeleke ukuba kubanjwe inkonzo yesikhumbuzo kaNksz Mchunu ehholo lomphakathi kwaMpumuza.

UKapteni Ntombela uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala wabe eseqinisekisa amalunga omphakathi ukuthi kungekudala abasolwa bazokhalelwa amasongo kasigonyela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.