Bakhala ngomasipala woMsunduzi abahola impesheni eSobantu

2017-03-01 06:02
Izaguga ebezihambele umhlangano oyisiphesheli nekhansela ngeledlule.PHOTO:nokuthula khanyile

Izaguga ebezihambele umhlangano oyisiphesheli nekhansela ngeledlule.PHOTO:nokuthula khanyile

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IZAGUGA ezingaphansi kuka Ward 35 ohlanganisa iSobantu, Mountain Rise kanye ne-Lincoln Meade zivulelane isifuba nekhansela uSandile Dlamini emhlanganweni oyisipesheli obusehholo lomphakathi eSobantu ngoLwesine owedlule.

Kulomhlangano bekumenywe kuphela amalunga omphakathi aneminyaka engu 60 kuya phezulu ukuba bazoveza izimvo zawo aphinde futhi aveza uma kukhona izinto angeneme ngazo ezenzeka kulewadi.

Phakathi kwezinto ebeziseqhulwini kulomhlangano nokuvele ukuthi ziyizingqinamba kakhulu izikweletu zikagesi namanzi ezivela kumasipala woMsunduzi lezaguga ezikhale ngazo.

“Siyacela khansela ukuthi usilungisele inkinga yezikweletu zamanzi nogesi ezisabekayo esezize zafakwa kubammeli esingazi ukuthi sizozikhokhela ngani ngoba asisebenzi sihola impesheni. Lena iyona nkinga ekhungethe ingxenye yethu njengoba silapha, kusifaka ingcindezi ngoba ezinye zalezikweletu asazi ukuthi sizozikhokha ngani ngoba nabantwana bethu abasebenzi.”

Elinye ilunga lomphakathi licele ukuthi okungenani ikhansela licele umasipala ukuthi ubanike isaphulelo sika 50% bese ubakhipha nakubammeli.

“ISobantu ilokishi eliwulwele kakhulu umzabalazo wakuleli ukuze sikhululeke. Ukucishelwa kwethu izikweletu zamanzi nogesi kungaba indlela umasipala angabe usibonga ngayo ngendima esayidlala ukuze elakuleli libe nohulumeni wentandoyeningi.”

“Okunye okuyinkinga ukuthi izincwadi zakamasipala zama-rates zifika sekudlule isikhathi. Thina imali yethu yempesheni siyithola mhlaka 5 no 6 nyangazonke, okufike kukhathaze ukuthi sihlala nalemali sigcine siyisebenzisele ezinye izidingo ngoba izincwadi zingafiki ngesikhathi,” kubeka ilunga lomphakathi.

Omunye uzwakalise ukungenami ngendlela ugesi wekhadi osebenza ngayo.

“Sifuna umasipala okanye u-Eskom uke uzositshela ukuthi kwenziwa yini masithenga ugesi wekhadi ka R100 kungene kuphela oka R60?

Okunye okusihlukumezayo njengabantu abadala ukuthi izindawo ezidayisa logesi wekhadi zisedolobheni kuze kudingeke ukuthi sigibele bekungeke yini kwenzeke umasipala enze lesindawo zibe seduzane nalapho sihlala khona?”

Ikhansela lendawo uDlamini uthe inhloso yomhlangano bekuwukuthola ukuthi izaguga zihleli kanjani.

“Njengekomidi le-wadi sikholelwa kakhulu ekutheni uma wazi imuva lakho ikusasa lakho liqhakazile. Abantu abadala bayizinsika zethu ngakho kubalulekile ukuthi sihlale nabo phansi sithole ukuthi baphila kanjani futhi iziphi izingqinamba ababhekene nazo. Isikhathi esiningi uma kunemihlangano yomphakathi abalitholi ithuba lokubeka izimvo zabo.”

UDlamini uthe wonke amaphuzu abekiwe bebewabhala phansi kanti bazowadlulisela kumasipala baphinde bahlele omunye umhlangano sebememe izinhlaka ezithintekayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

/News
 

Does your dog have separation anxiety?

We've got tips, advice and how to help your dog

 
 

Paws

Fascinating facts about dogs
Perfectly captured cat snapchats!
Out with the old dog, in with the new
Play with your pet when you're not at home
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.