Bakhalaza ngokushawa indiva abasebenzi

2016-01-13 06:00

AKHALA ngokunganakwa amavolontiya asebenza eMnyangweni wezokuPhepha koMphakathi athi awabhekelelwa ngezidingo zokuphepha lapho esuke ejutshwe ukuthi asebenzele khona. Abanye babasebenzi balo mnyango abakhulume nephephandaba i-Echo bathe sekukaningi ezama ukuxoxa nabaphathi mayelana nokungenami kwawo kodwa avele ashawe indiva.

Aqhube ngokuthi akupheleli ekushaweni indiva kodwa abaphathi baze basabise ngokuthi uma beqhubeka bekhalaza bazobaphuca imali eyi stipend le abayithola nyanga zonke ewu R2 100. Njengoba ilanga langoLwesibili belishisa likhipha umkhovu etsheni laba basebenzi bathi bathunywe ukuba bayosebenza eLincon lapho bekumele bayosiphula khona izihlahla zensangu etshalwe lapho

“Asilwi nokusebenza kodwa esikhalaza ngakho ukunyathelwa kwamalungelo ethu nokungacatshangelwa uma sisuke sisebenza,” kusho omunye wbasebenzi ongathandanga ukudalulwa.

Lo msebenzi uqhube wathi njengoba ilanga belishisa nje bebesebenza ngaphansi kwaleyo ncindezi. “Bekungekho ngisho amanzi okuphuza ebesinikezwe wona lishisha linjalo ilanga. Akugcini lapho kodwa bekungekho ngisho izinto ezifana nezigqoko zokuvikela ilanga ebelivutha bhe. Uma nje sithi siyazama ukutshela abaphathi bakubeka kucace ukuthi kwamali leyo esiyitholayo bazosiphuca yona uma siqhubeka nokukhalaza. Okubuhlungu ukuthi le mali siyayidinga ngoba iyasisiza ukuthi senze ezinye izinto emakhaya ngakho ke uma bethi bazosiphuca imali esiyiholayo kwalokho kungukuhlukumeza amalungelo ethu,” esho umsebenzi.

Ebuzwa ukuthi ngabe sebenesikhathi esingakanani besebenza njengama volontiya uthe: “ Sihlukene iminyaka ngeminyaka. Abanye bethu banesikhathi eside bafika kunabanye. Nenani labasebenzi abaye bajutshwe ukuyosebenza liyashiyana liye lingafani. Kwesinye isikhathi siba amashumi amabili (20) noma ngaphansi kwalokho,’ esho lo msebenzi.

Uqhube wathi abakufisayo njengabasebenzi abangamavolontiya ukuthi amalungelo abo anganyathelwa kodwa nawo abhekelelwe futhi alalelwe. Okufike kuxake kakhulu ukuthi sadonswa ngendlebe satshelwa ukuthi kuzomele sizibheke izindawo ezinobungozi futhi siqinisekise ukuthi lapho kunobungozi khona siyaqikelela. Uma sesenza njalo abaphathi basabisa ngokuthi bazosiphuca imali,” kuqhuba umsebenzi. Imizamo yokuthola ukuphawula koMnyango wezokuPhepha koMphakathi ayizange iphumelele. Izingcingo bezikhala zingabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.