Banqunyelwe ugwayi katiki omalume bamaveni

2017-05-17 06:02
Kusukela namhlanje omalume abasavumelekile ukuthutha izingane zesikole ngamaveni.PHOTO:file

Kusukela namhlanje omalume abasavumelekile ukuthutha izingane zesikole ngamaveni.PHOTO:file

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BATHI baphucwa iqatha emlonyeni “omalume” abathutha izingane zesikole ngamaveni asebenqunyelwe ugwayi katiki ukuba bawuyeke lo mkhuba kungenjalo bazobhekana kanzima nengalo yomthetho.

UMnyango wezokuThutha kuzwelonke uthe akukho noyedwa umfundi ovumeleke ukuthi athuthwe ngeveni uma eya noma ebuya esikoleni ngoba lokhu kuphambene nomthetho wezwe wezokuthutha. LoMnyango uthi zikhona izimoto ezigunyazwe ukwenza lo msebenzi ezifaka phakathi amatekisi namabhasi.

UMnyango uthi kusukela namhlanje mhlaka 11 kuMeyi omalume kuyobe baphula umthetho uma betholakala belayishe izingane zesikole ngamaveni njengoba enzelwe ukuthutha izimpahla kuphela.

Abanikazi bamaveni abakhulume ne-Maritzburg Echo bathe baphatheke kabi ukuthi bakhishwa inyumbazane.

UNtombifuthi Mzolo waseMbali eBB4 osenze lomsebenzi iminyaka eyisishiyagalombili uthe kumanje akazi uzokwenzenjani.

“Izingane zami iyona ndlela engiziphilisa ngayo lena. Nginabantwana abane, ngibafundisa ngalemali futhi ngibondla ngalemali njengoba noyise wabo engasebenzi. Uhulumeni akasakwazi ukuthi asinike isikhathi sizame esikuzamayo okanye enze uhlelo oluthize asinike indlela yokuthi sikwazi ukuthi sithenge izimoto ngendlela ezovumelana namasenti eza kuthina.”

UMzolo uthe ayikho imali etheni abayitholayo ngokuthutha abantwana ukuthi sebengakwazi ukuthenga amakhumbi.

“Njengoba sisebenzisa izimoto ezindala akukona ukuthi siyathanda kodwa yingoba siphoqwa izimo zokuthi asikwazi ukufinyelela ekuthengeni izimoto ezintsha. Angazi ukuthi ngizokwenzenjani ngoba nabazali abaneme ngalesinqumo izingane zabo azikwazi ukugibela amatekisi.”

Omunye othutha izingane uMpumelelo Masango waseZinketheni uthe akulona iqiniso ukuthi amaveni wodwa adala izingozi emgaqweni.

“Siyabulawa singabantu nezingane zizosokola ngalesinqumo. Mina ngisuka eZinketheni ayikho ikhumbi ehamba khona, ngiwumshayeli omdala nemoto isesimweni esivumelekile. Kungani kuthiwa amaveni? Ngibona kuwukulwa nabantu abathile, kungcono ukuthi siboshelwa izimvume zokulayisha abantu.”

Uthe kumanje izingane sezimkhokhelile imali yenyanga akazi ukuthi uzokwenzenjani njengoba izimoto zabo zikhishwa emgaqweni.

“Abazali bayakhalaza ngoba bayazi ukuthi izingane zabo siziphatha kahle. Kuyenzeka bangabi nayo imali kodwa sibathathele abantwana babo senze ubuntu sibuye sibenzele nezaphulelo. Kufanele sicatshangelwe nathi ukuthi siphila ngalento, uma kuthiwa angiyeke ukulayisha izingane ngizodlani?”

Lungani Kheswa waseSnathing uthe yena uzoqhubeka alayishe abafundi.

“Ngizoqhubeka ngilayishe abafundi kuze kube uMnyango uqhamuka nesixazululo sokuthi senzenjani uma ethi asiyeke ngamaveni. Nginazo izincwadi zokushayela, nginayo imvume yokulayisha abantu nemoto engiyisebenzisayo isesimweni, uma besibophela ukuthi silayisha abafundi ngokweqile ngeke sibaphikise kodwa uma sizoboshelwa ukuthi silayisha ngamaveni kudlalwa ngathi.”

NgoLwesibili omalume babe nomhlangano ophuthumayo ehhovisi le-Santaco ukuzodingida kabanzi loludaba.

USihlalo woMgungundlovu Scholar Transport Association uMnuz Phendulani Ndlovu uthe izolo bekulindeleke ukuba babe nomhlangano nezikhulu zoMnyango wezokuThutha.

“Kuzoncika ekutheni imiphumela yalomhlangano ithini ngaphambi kokuthi siphume nomhlahlandlela mayelana naloludaba. Silindele ukuthi umnyango usilekelele ukuze kugwemeke lenkinga efuna ukwenzeka ngoba nomalume basabisa ngokungena emgaqweni.”

UNdlovu uveze uthe lomthetho uqhamuke sebetshelwa ngawo.

“Siyazi ukuthi akuvumelekile ukulayisha umuntu evenini ngenhloso yokwenza inzuzo kodwa lapha eNingizimu Afrika imisebenzi ayikho. Abantu sebeziqalele amathuba emisebenzi uhulumeni yena kufanele aqhamuke nendlela yokubalekelela ukuze kuqhubeke umsebenzi.”

Okhulumela umnyango wezeMfundo esifundazweni uKwazi Mthethwa uthe bona bayahambisa nalomthetho omusha.

“Thina esikubeke phambili njengomnyango ukuphepha kwabafundi.

Lomthetho awuyona into entsha ngoba sonke siyazi ukuthi ukulayisha abantu emavenini akuvumelekile ukuthi abantu abaningi bebengakugqizi gqakala.”

UMthethwa uthe ezindaweni zasemaphandleni lapho imigwaqo ingemihle khona kuzoba nesivumelwano sesikhashana sokuthi amaveni aqhubeke alayishe abafundi kuze kufakwe itiyela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.