Bavalele othisha amasango abafundi EMpophomeni

2016-02-03 06:00
ISITHOMBEO:NOMPENDULO NGUBANE Abafundi besikole samabanga aphezulu uMthombo eMpophomeni bafuna ukuthi lesi sikole sibe esinye sezikole lapho kungakhokhwa khona futhi baphinde bathole noxhaso lokuphakelwa ukudla.

ISITHOMBEO:NOMPENDULO NGUBANE Abafundi besikole samabanga aphezulu uMthombo eMpophomeni bafuna ukuthi lesi sikole sibe esinye sezikole lapho kungakhokhwa khona futhi baphinde bathole noxhaso lokuphakelwa ukudla.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BAPHENDUKE ondingasithembeni othisha besikole samabanga aphezulu uMthombo eMpophomeni emva kokuba abafundi bebavalele ngaphandle kwamasango esikole.

Lesi senzo sabafundi abasenze ngesontol elidlule bathi basenze ngoba befuna ukuthi uMnyango wezeMfundo ufake isikole sabo ohlwini lezikole okungakhokhwa kuzona (no-fee schools) baphinde futhi bathole noxhaso lokuphakelwa esikoleni (feeding scheme).

Othisha balesi sikole kuphoqeleke ukuthi bahlale ezimotweni zabo ngenxa yokuthi amasango abevalwe thaqa abafundi besho nokusho ukuthi ababadingi othisha ngaphakathi kwamasango esikole.

Amaphoyisa nawo abekhona ukuzoqapha isimo kuso lesi sikole. Abafundi babuye basole uMnyango wezeMfundo ukuthi yiwo oshaya indiva lezi zikhalo zabo ngoba uthi abazali babo abahlupheki njengoba bahlala ezindlini ezingobhazabhaza futhi ezinhle.

Phela lesi sikole sakhiwe phakathi kwale mizi,

Omunye wabafundi uthe lokhu kuyabalimaza kakhulu bona njengabafundi nabazali babo ngoba akubona bonke abahlala kule mizi njengoba iningi labo liqhamuka elokishini, hhayi kulezi zithabathaba zemizi.

“Sekunesikhathi eside lesi sikhalo sibekwa ezithebeni kodwa kubukeka sengathi uMnyango wezeMfundo lokhu ukushaya indiva. Okuvelayo ukuthi kuthiwa asikufanele ukungakhokhi esikoleni ngoba sihlala kobhazabhaza bemizi, okungesilona neze iqiniso.

“Asihlali thina kulezi zindlu, zinabanikazi bazo. Iningi lethu liqhamuka elokishini kanti futhi siqhamuka emindenini engafani ngezimo ezihlukene. Siyakudinga ukuphakelwa ukudla esikoleni. Abanye bethu bafika esikoleni bevela emakhaya bengadlile.

“Lokho nje kukodwa kuchaza ukuthi siyadinga ukuba nohlelo lokuphakelwa ukudla esikoleni. Konke lokho kushaywa indiva. Okubuhlungu wukuthi wona umnyango awuzi ukuzokhuluma nathi uzwe izikhalazo zethu.

“Bayeza kwezinye izikole eziseduzane nathi bakhulume nabafundi nabazali kodwa lokho akwenzeki esikoleni sethu. Esikushoyo ukuthi abeze nakuthina bazokhuluma nathi,” kusho lo umfundi.

Isakhamuzi esakhelene maduzane nesikole sona sithe indaba yalesi sikole indala kakhulu.

“Sekunesikhathi eside impela ikhulunywa indaba yokuthi lesi sikole naso sibe isikole lapho abafundi befunda mahhala. Siyizakhamuzi nathi siyayazi indaba yaso lesi sikole. Kukaningi ikhulunywa kodwa-ke asazi ukuthi yinto eyoze ilungiswe nini.

“Abafundi bakhala ngokuthi bayakhokhiswa futhi abanalo uhlelo lokudla nabakholelwa ukuthi luyadingeka ukuthi babe nalo,” kunaba isakhamuzi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnu Sihle Mlotshwa uthe izikole ezivumeleke ukuthi zibe izikole ezingakhokhisi ilezo ezakhiwe ezindaweni zemiphakathi ehlwempu.

Uthe imvamisa lezi zikole zibizwa ngokuthi zingo-quintal 1, 2 no 3.

“Lezi zikole yizo-ke eziye zinikezwe lolu xhaso lokudla futhi abafundi bangakhokhiswa. Kodwa umzali uma esuke ebona ukuthi uyahluleka noma umpintsheke kakhulu ngemali yokufundisa umntwana wakhe uvumelekile ukuxoxisana nesikole ayibeke yonke inkinga yakhe.

“Ngaleyo ndlela isikole sizokwazi ukubhekelela izimfuno zakhe nomntwana wakhe afunde,” kuqhuba uMlotshwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.